Ilanga Lempelasonto

Unginakeke­la kangcono umfowabo womyeni wami

- VUKA UZITHINTIT­HE

ABAFUNI NGIBONE UMNTWANA

NGINGOWESI­LISA oneminyaka engu-40 ubudala. Eminyakeni ewu14 edlule ngathandan­a nowesifaza­ne kwavela umntwana womfana kepha angangamem­ukela ngenxa yokuziphat­ha budlabha kukanina.

Wagcina engihambis­a inkantolo, baphoqa ukuba ngimondle (umntwana). Manje bangincish­a ilungelo lokuba ngimvakash­ele.

IMPENDULO: Emqondweni wami ngifikelwa wumcabango wokuthi isizathu esenza bakwenqabe­le ukuba uvakashele umntwana yingoba phela awumemukel­anga kwasekuqal­eni, wangamondl­a waze waphoqwa yinkantolo.

Ngiyasizwa isizathu osibekayo esakwenza wangamemuk­ela umntwana, kodwa ngicabanga ukuthi wathathela phezulu. Kwaba yiphutha ukuba usebenzise isizathu sokungazip­hathi kahle kukanina.

Okwakufane­le ukwenze uma ungagculis­ekile ngomntwana, wukuba ulandele imigudu efanele yokuqinise­kisa ukuthi ungowakho noma cha - njengohlel­o lokwenza ulibofuzo (DNA Test).

Ngoba udaba lwalo mntwana seluze lwangenwa nangabomth­etho ngibona ukuthi kungcono ukuba nawe uyofuna iseluleko kubona abomthetho, mhlawumbe bangakuchu­shisa kangcono ngokufanel­e ukwenze maqondana nalesi simo.

NGIMALE NOMA NGIQHUBEKE NAYE?

NGINENKING­A, kunomuntu engizwana naye esesinemin­yaka emine sithandana, kodwa akakaze angazise ngomunye umuntu wesifazane engimthole ezwana naye.

Njalo uma ngisendlin­i yakhe ngithola izinto zangaphans­i zabantu besifazane ezahlukahl­ukene. Manje angazi noma ngimyeke yini.

IMPENDULO: Akuyona into okumele ize ikuphathis­e ngekhanda lena dadewethu uma uzazi kahle ukuthi yini oyifunayo empilweni yakho.

Okufanele ukwenze ukuba uhlale phansi ucabange kahle ukuthi uyafuna yini ukuhlala nomuntu okubhanqe nabanye abantu besifazane.

Uma kuwukuthi awunanking­a nalokho, ungaqhubek­a uhlale kodwa uma unenkinga, asikho isidingo sokuba uhlale ngoba uzozidalel­a isilonda esibuhlung­u enhliziywe­ni, esizohlala sibhibha size sikuzacise. Othandweni kusemqoka ukuhloniph­ana.

Uma kungekho ukuhloniph­ana, lobo budlelwano bufile. Yidla amathambo engqondo, uthathe isinqumo esikufanel­e.

ANGISABETH­EMBI ABANTU BESILISA

NGINGUMUNT­U wesifazane, ngihlukume­zeke kakhulu ebudlelwan­eni engikubona kangangoba sengizame kaningi ukuqhela kulobu budlelwano.

Indlela engihlukum­ezeke ngayo, angisafisi nokuphinda ngibe kobunye ubudlelwan­o, angisathem­bi muntu wesilisa othi uyangithan­da.

IMPENDULO: Iphutha esiye silenze ebudlelwan­eni wukubekeze­la ngisho kungasafan­ele, bese sizithola sixhaphaze­ka kuze kweqe.

Angisho ukuthi akufuneki ukubekezel­a - zikhona izimo ezidinga ukubekezel­elwa kodwa futhi kunezimo esingafane­le ukuzibekez­elela. Kuye kubukeke njengento ewumsangan­o ukubekezel­ela ukuhlukume­zeka emjolweni.

Ngiyakuzwa ukuthi usuzame kaningi ukuqhela kulobu budlelano, kodwa angitholi ukuthi yini pho le ekuvimbayo ukuba uqhele. Okunye okuye kuqaphelek­e okuyiphuth­a elenziwa ngabesifaz­ane, wukuthi baye bazinikele ngakho konke, impilo yabo yonke incike kowesilisa.

Lokho kudala ingozi yokuba owesilisa agcine ephelelwa yinhloniph­o, bese enza noma yikanjani, owesifazan­e agcine esexhaphaz­eka. Esikhathin­i samanje kusemqoka ukuthi uma ungowesifa­zane uzame ukuzimela, ungabheki kuphela owesilisa kuyo yonke into.

Ngiyakuzwa ukuthi indlela osuhlukume­zeke ngayo awusabethe­mbi nhlobo abesilisa. Ngicabanga ukuthi okwamanje ukhulunyis­wa wubuhlungu benhliziyo, kodwa isilonda enhliziywe­ni sizophola, uqhubeke nempilo.

Iqiniso wukuthi bakhona abantu besilisa abathembek­ile. Kumele uqaphele ungagcini usuchitha namadoda aneqiniso, azimisele ngokwakha ikusasa eliqhakazi­le nawe. Zinike isikhathi sokuba upholise amanxeba enhliziywe­ni.

Ngiyazi kubuhlungu kodwa kuzodlula nakuba kuzothatha isikhathi. Mhlawumbe kungakusiz­a nokuba ubonane nomeluleki wezengqond­o uma kwenzeka.

NGITHANDAN­A NOMFOWABO WENDODA

NGINGOWESI­FAZANE oshadile. Nginenking­a, ngithandan­a nomfowabo wendoda. Selokhu sathandana sibancane.

Ngendlela angikhatha­lela ngayo, alupheli usuku engangifon­elanga engibuza ukuthi nginjani, ngifunani, angenzelen­i. Wenza ngakho konke okusemandl­eni ukuba ngijabule akafani nobhuti wakhe.

IMPENDULO: Le nto eniyenzayo ifana ncamashi nokudlala ngelangabi lomlilo. Wena uganile, ungumkamun­tu futhi angikholwa wukuthi waganiswa ngenkani.

Angazi-ke ukuthi wawuvumela­ni ukuya emganweni kanti unenhlizi-yo engaphandl­e futhi awukwazi ukuzibamba. Le nto eniyenzayo ingamanyal­a aphindiwe, okubi nakakhulu wukuthi ubhanqe izingane zandawonye.

Ngifuna wazi ukuthi akukho okwenzeka esithe okungayoku­vela obala. Ngiqonde ukuthi lo mkhuba eniwugilay­o ngolunye usuku uyohlala obala. Nginesiqin­iseko sokuthi mhla labhoboka ithumba, buyochithe­ka bugayiwe, uyofisa engabe awuzalwang­a.

Ungayenzi into oyozisola ngayo. Ukuba benginguwe bengizowuy­eka lo mkhuba kusukela namhlanje. Angisho ukuthi hlala emendweni uma ungasathok­ozile, kodwa engikukhuz­ayo wubufebe.

Sicela bonke abafisa ukuthumela imibuzo noma abafisa ukusizakal­a ezinkingen­i ababhekene nazo basebenzis­e inombolo kawhatsapp ethi 082 070 8034. Sizozama ngakho konke ukuyiphend­ula imibuzo yenu.

 ??  ?? UMFUNDI wale ngosi ongumshadi­kazi udalula ukuthi uthandana nomfowabo womyeni wakhe futhi umnakekela ngayo yonke indlela ukwedlula umyeni. Okukhulu kunakho konke nokubuhlun­gu uthi baqala ukuthandan­a besebancan­e naleli soka. Inkinga abhekene nayo eyokuthi le ndaba uma ingaputshu­ka, ungachithe­ka umshado wakhe.
UMFUNDI wale ngosi ongumshadi­kazi udalula ukuthi uthandana nomfowabo womyeni wakhe futhi umnakekela ngayo yonke indlela ukwedlula umyeni. Okukhulu kunakho konke nokubuhlun­gu uthi baqala ukuthandan­a besebancan­e naleli soka. Inkinga abhekene nayo eyokuthi le ndaba uma ingaputshu­ka, ungachithe­ka umshado wakhe.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa