Unginakekela kangcono umfowabo womyeni wami
ABAFUNI NGIBONE UMNTWANA
NGINGOWESILISA oneminyaka engu-40 ubudala. Eminyakeni ewu14 edlule ngathandana nowesifazane kwavela umntwana womfana kepha angangamemukela ngenxa yokuziphatha budlabha kukanina.
Wagcina engihambisa inkantolo, baphoqa ukuba ngimondle (umntwana). Manje bangincisha ilungelo lokuba ngimvakashele.
IMPENDULO: Emqondweni wami ngifikelwa wumcabango wokuthi isizathu esenza bakwenqabele ukuba uvakashele umntwana yingoba phela awumemukelanga kwasekuqaleni, wangamondla waze waphoqwa yinkantolo.
Ngiyasizwa isizathu osibekayo esakwenza wangamemukela umntwana, kodwa ngicabanga ukuthi wathathela phezulu. Kwaba yiphutha ukuba usebenzise isizathu sokungaziphathi kahle kukanina.
Okwakufanele ukwenze uma ungagculisekile ngomntwana, wukuba ulandele imigudu efanele yokuqinisekisa ukuthi ungowakho noma cha - njengohlelo lokwenza ulibofuzo (DNA Test).
Ngoba udaba lwalo mntwana seluze lwangenwa nangabomthetho ngibona ukuthi kungcono ukuba nawe uyofuna iseluleko kubona abomthetho, mhlawumbe bangakuchushisa kangcono ngokufanele ukwenze maqondana nalesi simo.
NGIMALE NOMA NGIQHUBEKE NAYE?
NGINENKINGA, kunomuntu engizwana naye esesineminyaka emine sithandana, kodwa akakaze angazise ngomunye umuntu wesifazane engimthole ezwana naye.
Njalo uma ngisendlini yakhe ngithola izinto zangaphansi zabantu besifazane ezahlukahlukene. Manje angazi noma ngimyeke yini.
IMPENDULO: Akuyona into okumele ize ikuphathise ngekhanda lena dadewethu uma uzazi kahle ukuthi yini oyifunayo empilweni yakho.
Okufanele ukwenze ukuba uhlale phansi ucabange kahle ukuthi uyafuna yini ukuhlala nomuntu okubhanqe nabanye abantu besifazane.
Uma kuwukuthi awunankinga nalokho, ungaqhubeka uhlale kodwa uma unenkinga, asikho isidingo sokuba uhlale ngoba uzozidalela isilonda esibuhlungu enhliziyweni, esizohlala sibhibha size sikuzacise. Othandweni kusemqoka ukuhloniphana.
Uma kungekho ukuhloniphana, lobo budlelwano bufile. Yidla amathambo engqondo, uthathe isinqumo esikufanele.
ANGISABETHEMBI ABANTU BESILISA
NGINGUMUNTU wesifazane, ngihlukumezeke kakhulu ebudlelwaneni engikubona kangangoba sengizame kaningi ukuqhela kulobu budlelwano.
Indlela engihlukumezeke ngayo, angisafisi nokuphinda ngibe kobunye ubudlelwano, angisathembi muntu wesilisa othi uyangithanda.
IMPENDULO: Iphutha esiye silenze ebudlelwaneni wukubekezela ngisho kungasafanele, bese sizithola sixhaphazeka kuze kweqe.
Angisho ukuthi akufuneki ukubekezela - zikhona izimo ezidinga ukubekezelelwa kodwa futhi kunezimo esingafanele ukuzibekezelela. Kuye kubukeke njengento ewumsangano ukubekezelela ukuhlukumezeka emjolweni.
Ngiyakuzwa ukuthi usuzame kaningi ukuqhela kulobu budlelano, kodwa angitholi ukuthi yini pho le ekuvimbayo ukuba uqhele. Okunye okuye kuqapheleke okuyiphutha elenziwa ngabesifazane, wukuthi baye bazinikele ngakho konke, impilo yabo yonke incike kowesilisa.
Lokho kudala ingozi yokuba owesilisa agcine ephelelwa yinhlonipho, bese enza noma yikanjani, owesifazane agcine esexhaphazeka. Esikhathini samanje kusemqoka ukuthi uma ungowesifazane uzame ukuzimela, ungabheki kuphela owesilisa kuyo yonke into.
Ngiyakuzwa ukuthi indlela osuhlukumezeke ngayo awusabethembi nhlobo abesilisa. Ngicabanga ukuthi okwamanje ukhulunyiswa wubuhlungu benhliziyo, kodwa isilonda enhliziyweni sizophola, uqhubeke nempilo.
Iqiniso wukuthi bakhona abantu besilisa abathembekile. Kumele uqaphele ungagcini usuchitha namadoda aneqiniso, azimisele ngokwakha ikusasa eliqhakazile nawe. Zinike isikhathi sokuba upholise amanxeba enhliziyweni.
Ngiyazi kubuhlungu kodwa kuzodlula nakuba kuzothatha isikhathi. Mhlawumbe kungakusiza nokuba ubonane nomeluleki wezengqondo uma kwenzeka.
NGITHANDANA NOMFOWABO WENDODA
NGINGOWESIFAZANE oshadile. Nginenkinga, ngithandana nomfowabo wendoda. Selokhu sathandana sibancane.
Ngendlela angikhathalela ngayo, alupheli usuku engangifonelanga engibuza ukuthi nginjani, ngifunani, angenzeleni. Wenza ngakho konke okusemandleni ukuba ngijabule akafani nobhuti wakhe.
IMPENDULO: Le nto eniyenzayo ifana ncamashi nokudlala ngelangabi lomlilo. Wena uganile, ungumkamuntu futhi angikholwa wukuthi waganiswa ngenkani.
Angazi-ke ukuthi wawuvumelani ukuya emganweni kanti unenhlizi-yo engaphandle futhi awukwazi ukuzibamba. Le nto eniyenzayo ingamanyala aphindiwe, okubi nakakhulu wukuthi ubhanqe izingane zandawonye.
Ngifuna wazi ukuthi akukho okwenzeka esithe okungayokuvela obala. Ngiqonde ukuthi lo mkhuba eniwugilayo ngolunye usuku uyohlala obala. Nginesiqiniseko sokuthi mhla labhoboka ithumba, buyochitheka bugayiwe, uyofisa engabe awuzalwanga.
Ungayenzi into oyozisola ngayo. Ukuba benginguwe bengizowuyeka lo mkhuba kusukela namhlanje. Angisho ukuthi hlala emendweni uma ungasathokozile, kodwa engikukhuzayo wubufebe.
Sicela bonke abafisa ukuthumela imibuzo noma abafisa ukusizakala ezinkingeni ababhekene nazo basebenzise inombolo kawhatsapp ethi 082 070 8034. Sizozama ngakho konke ukuyiphendula imibuzo yenu.