NGIDIDEKILE NGALE NGANE
NGINGOWESILISA, inkinga yami ngaba sothandweni nomunye usisi, wabe esegana kanti ukhulelwe. Wangibikela ngokukhulelwa, angiphikanga ngezizathu ezithile.
Wangishintshela wathi ingane akuyona eyami, kodwa okungididayo wukuthi uyangibikela uma ingane ingaphilile. Angazi isho ukuthini leyo nto.
IMPENDULO:
Mfowethu, angazi noma usuke waxoxa yini nalo sisi, wambuza ngale nkanankana. Ngikholwa wukuthi nguyena ngqo umuntu onempendulo eqondile.
Engingakweluleka ngakho ukuba uke umbuze ukuthi kwakwenziwa yini ukuba akubikele ekuqaleni ukuthi ukhulelwe; yini eyamenza wakujikela wathi ingane akuyona eyakho; kungani ekubikela uma ingane ingaphilile.
Mbuze ngokugesabi, asho ukuthi usuke ekubikela ukuthi wenzeni ngoba phela ukujikele wathi awuyena uyise wengane. Ngisola sengathi lo muntu wesifazane unidlala ingqondo nobabili naleli soka asenalo.
Kukabili, kungenzeka ukuthi ingane ngeyakho ngempela, kodwa ufike kuleliya soka wathi ngeyalo; kodwa futhi ngapha eceleni uyafuna ukuba nawe ube neqhaza elithile empilweni yomntwana.
Vula amehlo, ungamvumeli akudlale ingqondo futhi ungasheshi udube ngoba njengoba ngishilo, kungenzeka ukuthi ngeyakho ngempela le ngane.
Mhlawumbe uma ubona ukuthi uyaqhubeka nokungena ezintangeni, kuyofanele uzame ukusondela kuleli soka lakhe, nixoxe njengamadoda, ulibonise ngalesi simo, mhlawumbe wenze isiphakamiso sokuba kuhlolwe amagazi.
Uma uzozama ukukhuluma nalo mlisa, kuyofanele ungahlomeki ngoba awumazi ukuthi uyoyemukela kanjani le ndaba, kuyofanele uthole iqhinga eliyokwenza ukuba ningaxabani.