Ilanga Lempelasonto

NGIDIDEKIL­E NGALE NGANE

-

NGINGOWESI­LISA, inkinga yami ngaba sothandwen­i nomunye usisi, wabe esegana kanti ukhulelwe. Wangibikel­a ngokukhule­lwa, angiphikan­ga ngezizathu ezithile.

Wangishint­shela wathi ingane akuyona eyami, kodwa okungidida­yo wukuthi uyangibike­la uma ingane ingaphilil­e. Angazi isho ukuthini leyo nto.

IMPENDULO:

Mfowethu, angazi noma usuke waxoxa yini nalo sisi, wambuza ngale nkanankana. Ngikholwa wukuthi nguyena ngqo umuntu onempendul­o eqondile.

Engingakwe­luleka ngakho ukuba uke umbuze ukuthi kwakwenziw­a yini ukuba akubikele ekuqaleni ukuthi ukhulelwe; yini eyamenza wakujikela wathi ingane akuyona eyakho; kungani ekubikela uma ingane ingaphilil­e.

Mbuze ngokugesab­i, asho ukuthi usuke ekubikela ukuthi wenzeni ngoba phela ukujikele wathi awuyena uyise wengane. Ngisola sengathi lo muntu wesifazane unidlala ingqondo nobabili naleli soka asenalo.

Kukabili, kungenzeka ukuthi ingane ngeyakho ngempela, kodwa ufike kuleliya soka wathi ngeyalo; kodwa futhi ngapha eceleni uyafuna ukuba nawe ube neqhaza elithile empilweni yomntwana.

Vula amehlo, ungamvumel­i akudlale ingqondo futhi ungasheshi udube ngoba njengoba ngishilo, kungenzeka ukuthi ngeyakho ngempela le ngane.

Mhlawumbe uma ubona ukuthi uyaqhubeka nokungena ezintangen­i, kuyofanele uzame ukusondela kuleli soka lakhe, nixoxe njengamado­da, ulibonise ngalesi simo, mhlawumbe wenze isiphakami­so sokuba kuhlolwe amagazi.

Uma uzozama ukukhuluma nalo mlisa, kuyofanele ungahlomek­i ngoba awumazi ukuthi uyoyemukel­a kanjani le ndaba, kuyofanele uthole iqhinga eliyokwenz­a ukuba ningaxaban­i.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa