Ilanga Lempelasonto

INHLIZIYO KAYIPHAKEL­WA OTHANDWENI

-

AFTER

UMQONDISI: Jenny Gage

ABADLALI ABAPHAMBIL­I: Hero Fiennes-tiffin (Hardin Scott), Meadow Williams (Professor Soto), Josephine Langford (Tessa Young), Dyalan Arnold (Noah Porter)

UHLOBO: Romance/ Erotic/ Drama IMINYAKA: 16 D/S

UMHLAZIYI: Zowakha Mbatha

OKWENZEKA kutessa yinto ejwayeleki­le entsheni eningi eya ezikhungwe­ni zemfundo ephakeme, iyoqala ukuzimela ingekho ngaphansi kokulawulw­a ngabazali. Uyindodaka­zi nomfundi oziphethe kahle, ozinikele ngokugcwel­e emsebenzin­i wakhe, nonesoka elilodwa unoah.

Esefika ekolishi uhlangana nembuzimaw­a enguHardin, engumakad’ ebona, nemenza asale nemibuzo ngempilo abeyazi njengokuyi­yona yona yonke le minyaka aseyiphili­le. Izinto zonakala efika nje kulesi sikhungo, ehlangana nazokwabel­ana naye ngegumbi lokuhlala, usteph.

Unina usola ukuthi bazomfaka umoya wezikhova kanti ngempela kuzoba njalo njengoba bemusa emaphathin­i, kuphuzwa notshwala nokuyizint­o abengazenz­i phambilini.

Yikuwo la maphathi lapho ehlangana khona nohardin agcine exabana nesoka lakhe ocingweni uma limsola ngokudakwa nokuba yiwona msuka wokuhlukan­a kwabo nokungemuk­eleki kunina. Kuba kubi uma sekuvela ukuthi konke lokhu abekwenza uharding, bekuyingxe­nye yenselelo abebenikez­ene yona nobhululu bakhe yokuthi uzokwazi ukumginqa bese eyamala.

Ngeshwa inhliziyo kayiphakel­wa njengoba nonoah ezithola eseyithand­a ngempela le ntombazane. Shona khona uyozibonel­a ngoba isiphakath­i e- cinema. zowakha@ilanganews.co.za

IMPELASONT­O edlule yephasika yomhla ka-19-21 April ishiye ITHE WEDDING: KANDASAMYS ihleli esicongwen­i ngokubukwa kakhulu kanti ICAPTAIN MARVEL ibiqhwakel­e ngokufaka imali eningi (R46 224 399). Nansi itop 10 yaleyo mpelasonto:

1 2 3 4 5 6 7 8 9 10

THE WEDDING: KANDASAMYS SHAZAM!

LITTLE

CAPTAIN MARVEL

THE QUEENS CORGI AFTER

DUMBO

A DOG’S WAY HOME HELLBOY

PET SEMATARY

 ?? ISITHOMBE: MEDIUM.COM ?? UTESSA Young ohlangana nomakad’ ebona ezintombin­i uharin Scott.
ISITHOMBE: MEDIUM.COM UTESSA Young ohlangana nomakad’ ebona ezintombin­i uharin Scott.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa