Uqanjwe ngosdumo ngokuthanda inyama
USAPHOKOPHELELE impumelelo ebholeni lakuleli ulifa “Sdumo” Hlongwane ongumdlali weblack Leopards egijima kwiAbsa Premiership.
Uhlongwane udabuka etembisa, egoli.
Uzalwe mhla ka-22 kumandulo (September) ngo-1993.
Ufunde amabanga aphansi ewela Mlambo Primary School ngaphambi kokudlulela ephumlani Secondary School okuyilapho ephothule khona umatikuletsheni.
Le nsizwa edume kakhulu ngegama likasdumo, eyalithola isencane ngenxa yokuzifela ngenyama eyayivela kwi- advert kamabonakude eyayilingiswa ngu-joe “Sdumo” Mafela (ongasekho), ithi ungacishe ungayitholi uma uyibiza ngegama layo langempela kwazise yaziwa kakhulu ngelembungulu.
Usdumo uqale ukudlala ibhola esesemabangeni aphansi.
Akakhohlwa wumngani wakhe ukatlego owamsiza kakhulu endleleni yakhe ebheke ebholeni elikhokhelayo.
Lo mdlali akasilona ivukana ebholeni lakuleli njengoba esedlale emakilabhini amaningi.
Uqale ukudlala kwi-bee FC esigabeni sama-amesha ngaphambi kokulunguza kancane kwiroyal Eagles esematheni kulezi zinsuku ngokushisisa umbango kwinfd.
Uphinde wadlala kwijomo Cosmos nakwitshakuma ngaphambi kokujoyina ileopards agila izimanga kuyona njengoba evutha engabaselwe.
Ukushaya kwakhe into ecokeme kufakazelwa nawukuthola umklomelo wokuba ngumdlali wosuku bebhekene nekaizer Chiefs koweligi nonyaka.
Uhlongwane uthi bazolwa ngakho konke abanakho ukuqoqa amaphuzu emidlalweni esele kwazise bamdibi munye namakilabhu alengela ezembeni kulesi sigaba.
Uthi kuyamthokozisa ukudlulisela ulwazi kubafana abasakhula ababheke ukuhamba ibanga elide ebholeni elikhokhelayo.
Lo mdlali uthi kuyabakhuthaza ukwesekwa ngabalandeli ikakhulukazi uma bedlala imidlalo yasekhaya.
Isifiso sakhe esikhulu wukuqhubeka nokwenza kahle emidla
lweni yeleopards ngethemba lokuziphendlela amadlelo aluhlaza phesheya kwezilwandle.
Ingxoxo kahlongwane NELAN
GA Langesonto ( I/ L) ngempilo yakhe yangaphandle kwenkundla ihambe kanje:
I/ L: Ungazichaza njengomuntu onjani.
Hlongwane: Ngiwumuntu ozithobile futhi okuthandayo ukuhlala nabantu.
I/ L: Ukhulele ekhaya elinjani?
Hlongwane: Ngikhuliswe ekhaya elinomthetho kakhulu. Umama ungifundise izinto eziningi ngempilo.
I/ L: Nibangaki kwenu?
Hlongwane: Sibathathu, yimina omdala kulandele udadewethu unyiko bese kuba ngutrevor.
I/ L: Yiluphi uhlobo lomculo olukhonzile?
Hlongwane: Ngithanda i- soul music ikakhulukazi utracy Chapman.
I/ L: Ikhona incwadi oyifundayo?
Hlongwane: Cha, kangisiyena umuntu okhonze ukufunda izincwadi.
I/ L: Yiluphi uhlelo lukamabonakude olukhonzile?
Hlongwane: Ngithanda ithe Queen edlala kumzansi Magic.
I/ L: Hlobo luni lwemoto okhule uluthanda?
Hlongwane: Kangisakhumbuli kahle kodwa ziningi zona umuntu akhule ezithanda.
I/ L: Njengamanje uhamba ngamotoni?
Hlongwane: Ngihamba ngepolo R Line.
I/ L: Uthanda umbala onjani?
Hlongwane: Ngizithandela umbala oluhlaza okwesibhakabhaka.
I/ L: Uyakwazi ukupheka?
Hlongwane: Lutho, kangikwazi ngisho ukupheka iqanda lodwa leli kwazise ngikhule ekhaya ngiphekelwa.
I/ L: Hlobo luni lokudla olukhonzile?
Hlongwane: Ngithanda ipapa nenyama ebomvu, isiteki.
I/ L: Yiliphi izwe ofisa ukulivakashela phesheya kwezilwandle?
Hlongwane: Ngichazwa yinhlokodolobha yasefrance, iparis.
I/ L: Hlobo luni lwesiqholo osisebenzisayo?
Hlongwane: Ngisebenzisa itorm Ford.
I/ L: Yisiphi isipho osuke wasipha abazali bakho?
Hlongwane:
Ziningi izinto engibenzela zona, ngeke ngi-kwazi ukukubala ngakodwa.
I/ L:
Hlobo luni luka
makhalekhukhwini oluphathayo?
Hlongwane: Ngiphatha isamsung S8.
I/ L: Iyiphi ikilabhu okhule uyithanda kuleli naphesheya kwezilwandle?
Hlongwane: Kuleli ngikhule ngithanda ezimnyama ngenkani, i-orlando Pirates, kanti phesheya kwezilwandle ngizifela ngezinkunzi zasespain, ibarcelona.
I/ L: Yimuphi umlayezo ongawudlulisela entsheni efisa ukuhamba ibanga elide ebholeni?
Hlongwane: Kufanele izinikele kukho konke ekwenzayo, iphinde iziphathe kahle ngoba impilo yasebholeni ingakuqumba phansi uma ungakwazi ukubekezela.
I/ L: Yini eyokuqala oyenzayo uma uvuka ekuseni?
Hlongwane: Ngivuka ngibheke imilayezo kumakhalekhukhwini wami kuqala, ngaphambi kokuba ngiqhubeke nezinye izinto.
I/ L: Yisiphi isimanga oke wasenza ekukhuleni kwakho, uma usakhumbula?
Hlongwane: Kangisakhumbuli lutho ngaphandle kokuthi ngangizifela ngechicken Licken okwenza ngagcina sengithola leli gama esengibizwa ngalo manje, likaSdumo.
I/ L: Uzibona ukuphi eminyakeni ewu-5 ezayo?
Hlongwane: Bengingakacabangi ngalokho okwamanje. Nokho ngizohlela ngibheke ukuthi yiziphi izinto ezingaba wusizo empilweni yami, ngikwazi ukuqalaza kuzona.