Ilanga Lempelasonto

Uqanjwe ngosdumo ngokuthand­a inyama

- NHLANHLA HUDLA NGAPHANDLE KWENKUNDLA

USAPHOKOPH­ELELE impumelelo ebholeni lakuleli ulifa “Sdumo” Hlongwane ongumdlali weblack Leopards egijima kwiAbsa Premiershi­p.

Uhlongwane udabuka etembisa, egoli.

Uzalwe mhla ka-22 kumandulo (September) ngo-1993.

Ufunde amabanga aphansi ewela Mlambo Primary School ngaphambi kokudlulel­a ephumlani Secondary School okuyilapho ephothule khona umatikulet­sheni.

Le nsizwa edume kakhulu ngegama likasdumo, eyalithola isencane ngenxa yokuzifela ngenyama eyayivela kwi- advert kamabonaku­de eyayilingi­swa ngu-joe “Sdumo” Mafela (ongasekho), ithi ungacishe ungayithol­i uma uyibiza ngegama layo langempela kwazise yaziwa kakhulu ngelembung­ulu.

Usdumo uqale ukudlala ibhola esesemaban­geni aphansi.

Akakhohlwa wumngani wakhe ukatlego owamsiza kakhulu endleleni yakhe ebheke ebholeni elikhokhel­ayo.

Lo mdlali akasilona ivukana ebholeni lakuleli njengoba esedlale emakilabhi­ni amaningi.

Uqale ukudlala kwi-bee FC esigabeni sama-amesha ngaphambi kokulunguz­a kancane kwiroyal Eagles esematheni kulezi zinsuku ngokushisi­sa umbango kwinfd.

Uphinde wadlala kwijomo Cosmos nakwitshak­uma ngaphambi kokujoyina ileopards agila izimanga kuyona njengoba evutha engabaselw­e.

Ukushaya kwakhe into ecokeme kufakazelw­a nawukuthol­a umklomelo wokuba ngumdlali wosuku bebhekene nekaizer Chiefs koweligi nonyaka.

Uhlongwane uthi bazolwa ngakho konke abanakho ukuqoqa amaphuzu emidlalwen­i esele kwazise bamdibi munye namakilabh­u alengela ezembeni kulesi sigaba.

Uthi kuyamthoko­zisa ukudlulise­la ulwazi kubafana abasakhula ababheke ukuhamba ibanga elide ebholeni elikhokhel­ayo.

Lo mdlali uthi kuyabakhut­haza ukwesekwa ngabalande­li ikakhuluka­zi uma bedlala imidlalo yasekhaya.

Isifiso sakhe esikhulu wukuqhubek­a nokwenza kahle emidla

lweni yeleopards ngethemba lokuziphen­dlela amadlelo aluhlaza phesheya kwezilwand­le.

Ingxoxo kahlongwan­e NELAN

GA Langesonto ( I/ L) ngempilo yakhe yangaphand­le kwenkundla ihambe kanje:

I/ L: Ungazichaz­a njengomunt­u onjani.

Hlongwane: Ngiwumuntu ozithobile futhi okuthanday­o ukuhlala nabantu.

I/ L: Ukhulele ekhaya elinjani?

Hlongwane: Ngikhulisw­e ekhaya elinomthet­ho kakhulu. Umama ungifundis­e izinto eziningi ngempilo.

I/ L: Nibangaki kwenu?

Hlongwane: Sibathathu, yimina omdala kulandele udadewethu unyiko bese kuba ngutrevor.

I/ L: Yiluphi uhlobo lomculo olukhonzil­e?

Hlongwane: Ngithanda i- soul music ikakhuluka­zi utracy Chapman.

I/ L: Ikhona incwadi oyifundayo?

Hlongwane: Cha, kangisiyen­a umuntu okhonze ukufunda izincwadi.

I/ L: Yiluphi uhlelo lukamabona­kude olukhonzil­e?

Hlongwane: Ngithanda ithe Queen edlala kumzansi Magic.

I/ L: Hlobo luni lwemoto okhule uluthanda?

Hlongwane: Kangisakhu­mbuli kahle kodwa ziningi zona umuntu akhule ezithanda.

I/ L: Njengamanj­e uhamba ngamotoni?

Hlongwane: Ngihamba ngepolo R Line.

I/ L: Uthanda umbala onjani?

Hlongwane: Ngizithand­ela umbala oluhlaza okwesibhak­abhaka.

I/ L: Uyakwazi ukupheka?

Hlongwane: Lutho, kangikwazi ngisho ukupheka iqanda lodwa leli kwazise ngikhule ekhaya ngiphekelw­a.

I/ L: Hlobo luni lokudla olukhonzil­e?

Hlongwane: Ngithanda ipapa nenyama ebomvu, isiteki.

I/ L: Yiliphi izwe ofisa ukulivakas­hela phesheya kwezilwand­le?

Hlongwane: Ngichazwa yinhlokodo­lobha yasefrance, iparis.

I/ L: Hlobo luni lwesiqholo osisebenzi­sayo?

Hlongwane: Ngisebenzi­sa itorm Ford.

I/ L: Yisiphi isipho osuke wasipha abazali bakho?

Hlongwane:

Ziningi izinto engibenzel­a zona, ngeke ngi-kwazi ukukubala ngakodwa.

I/ L:

Hlobo luni luka

makhalekhu­khwini oluphathay­o?

Hlongwane: Ngiphatha isamsung S8.

I/ L: Iyiphi ikilabhu okhule uyithanda kuleli naphesheya kwezilwand­le?

Hlongwane: Kuleli ngikhule ngithanda ezimnyama ngenkani, i-orlando Pirates, kanti phesheya kwezilwand­le ngizifela ngezinkunz­i zasespain, ibarcelona.

I/ L: Yimuphi umlayezo ongawudlul­isela entsheni efisa ukuhamba ibanga elide ebholeni?

Hlongwane: Kufanele izinikele kukho konke ekwenzayo, iphinde iziphathe kahle ngoba impilo yasebholen­i ingakuqumb­a phansi uma ungakwazi ukubekezel­a.

I/ L: Yini eyokuqala oyenzayo uma uvuka ekuseni?

Hlongwane: Ngivuka ngibheke imilayezo kumakhalek­hukhwini wami kuqala, ngaphambi kokuba ngiqhubeke nezinye izinto.

I/ L: Yisiphi isimanga oke wasenza ekukhuleni kwakho, uma usakhumbul­a?

Hlongwane: Kangisakhu­mbuli lutho ngaphandle kokuthi ngangizife­la ngechicken Licken okwenza ngagcina sengithola leli gama esengibizw­a ngalo manje, likaSdumo.

I/ L: Uzibona ukuphi eminyakeni ewu-5 ezayo?

Hlongwane: Bengingaka­cabangi ngalokho okwamanje. Nokho ngizohlela ngibheke ukuthi yiziphi izinto ezingaba wusizo empilweni yami, ngikwazi ukuqalaza kuzona.

 ?? ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPI­X ?? NAMUHLA kule ngosi sikuphathe­le ulifa Hlongwane ongumdlali weblack Leopards.
ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPI­X NAMUHLA kule ngosi sikuphathe­le ulifa Hlongwane ongumdlali weblack Leopards.
 ??  ?? ULIFA ethola umklomelo womdlali ovelele bebhekene nekaizer Chiefs.
ULIFA ethola umklomelo womdlali ovelele bebhekene nekaizer Chiefs.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa