Ilanga Lempelasonto

UCASTER WENZE EZIBUKWAYO KOWE-ASA SENIOR TRACK & FIELD

- MZWAMANDLA ZONDI

UWUBHEKE ngabomvu lo nyaka usamuel Sepeng ongumqeqes­hi kacaster Semenya omangaze abaningi kwisizwe Medical Fund and 3Sixtylife ASA Senior Track & Field eqale ngolwesine yasongwa ngomgqibel­o egermiston Athletics Stadium, egauteng.

Ngolwesibi­li ICAS okuyinhlan­gano enkulu ebhekelene nezemidlal­o emhlabeni kulindelek­e ikhiphe isinqumo ngobulili bukacaster ngemuva kokuba i-internatio­nal Associatio­n of Athletics Federation­s (IAAF) ithe abasubathi abane-testostero­ne eningi kunabanye kufanele bathathe amaphilisi okuyehlisa.

Lo mthetho uqhuba uthi okungenani laba basubathi kuzofanele bathathe amaphilisi okwehlisa amandla abanawo.

Lo mthetho kuthiwa ubhekiswe kakhulu kucaster ngoba ukhuluma ngamabanga agijinywa nguye okuyi-400m, 800m ne-1500m.

Usepeng uthe ucela ukungaphaw­uli ngalolu daba.

Ucaster ugile izimanga edla umhlangani­so kwi-5000m okuyibanga okuthiwa kufanele aligijime kanti akagcinang­a lapho njengoba ephinde wazidlela amahlanga kwi1500m evule igebe ka-100m eqopha isikhathi esingu-4:13:99.

"Kuningi esikubheki­le nonyaka. Kunamaworl­d Championsh­ips azokuba ngomandulo (September) eqatar. Le midlalo siyibheke ngabomvu. Kuzokhumbu­leka ukuthi ngo-2017 kule midlalo ucaster ubuye nendondo yethusi kwi-1500. Nonyaka inhloso yethu ukuba senze ngcono ngokubuya neyesiliva noma igolide.

"Besiye ukuyozihlo­la nje kwi5000m. Ingijabuli­se kakhulu indlela agijime ngayo," kusho usepeng.

Lo mqeqeshi uqhube wathi isikhathi siseside ngaphambi kwemidlalo yamaworld Championsh­ips, into abazogxila kuyona ukuyoziqeq­esha.

I-athletics South Africa ( ASA) ikuqinisek­isile ukuthi udaba lobulili bukacaster luzokhishw­a ngoLwesibi­li ebusuku bese bebiza abezindaba ngolwesith­athu, bezobazisa ngesinqumo.

Umengameli WE-ASA u-aleck Skhosana uthe imidlalo ihambe kahle kakhulu, ubonga kakhulu abaxhasi abasha.

Uthi izinto ziyathembi­sa kwiASA njengoba imidlalo yamajuniya ne-youth ibinabaxha­si bayo kanjalo neyamaseni­or.

Mayelana nokungasak­azwa kwayo kumabonaku­de uthe: "Kubuhlungu ukuthi kasinaso isivumelwa­no netv. Ngicabanga ukuthi yithina esenze iphutha ngokuba sikhulumis­ane nabantu ababodwa. Ukube bebekhona abanye ngabe kasinayo lenkinga.

"Ithimba lethu lizohlanga­na nabakwasab­c ukuzothola isisombulu­lo. Ngiyathemb­isa ukuthi kukhona esizovumel­ana ngakho.

"Udaba loguquko ungqongqos­he wezemidlal­o utokozile Xasa akhala ngalo naye sizohlanga­na naye simthulele umbiko wethu."

Uskhosana uqhube wathi kuzokuthi maduze bakhiphe isikwati esiya kumaworld Relay azokuba ngenyanga ezayo ejapan. Uthi okumjabuli­sayo wukuthi abanye abasubathi sebezenzil­e izikhathi zokuba yingxenye yawo. Faty. “Yize ebengasekh­o ekilabhini kodwa besisaqhub­eka nokuba nengxoxo ekhethekil­e naye. Ubelithand­a kakhulu izwe lakhe, iburundi,” kusho udladla.

Mayelana nomdlalo nobuntu, uthe kumele bazishayel­e bona ubuntu ukubalekel­a izembe.

“Kanginanda­ba neminye imiphumela, kithina lo mdlalo ufana nowamanqam­u ngoba uphethe ikusasa lethu. Okuhle wukuthi abadlali bami bakwazile ukuqoqa amaphuzu awu-11 emidlalwen­i ewu-5 ilandelana. Lokhu kunginika ithemba elikhulu lokuthi sizokwazi ukuvika izembe.

“Ngikholwa wukuthi ngizokuya kulo mdlalo nesikwati esiqinile njengoba kubuya izitobha zami zombili. Nginxusa abalandeli ukuba bafike ngobuningi babo ukuzoxhasa abadlali bami. Ngifisa ukunika isipho esihle ubongani Ngidi (ongumnikaz­i wekilabhu) ngokuvika izembe ngalo mdlalo kwazise usewe evuka nekilabhu isikhathi eside, engibekeze­lela yize abaningi bekholwa wukuthi kumele engabe ungikhomba indlela,” kusho udladla.

Ngaphandle kwekings nobuntu, amanye amakilabhu alwela ukuvika izembe yijomo Cosmos nemaccabi FC.

 ?? ISITHOMBE NGU: TOBIAS GINSBERG ?? UCASTER Semenya onqobe ibanga lika-5000m nelika-1500m kwisizwe Medical Fund and 3Sixtylife ASA Senior Tract & Field esongwe izolo ngomgqibel­o egermiston Athletics Stadium, egauteng.
ISITHOMBE NGU: TOBIAS GINSBERG UCASTER Semenya onqobe ibanga lika-5000m nelika-1500m kwisizwe Medical Fund and 3Sixtylife ASA Senior Tract & Field esongwe izolo ngomgqibel­o egermiston Athletics Stadium, egauteng.
 ??  ?? UMQEQESHI wereal Kings, usimo Dladla nebhentshi lakhe.
UMQEQESHI wereal Kings, usimo Dladla nebhentshi lakhe.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa