Ilanga Lempelasonto

Umsubathi ucikwe YI-ASA waduba IKZN

Ukhala ngokwenzel­wa phansi kumele alibangise edenmark

- MZWAMANDLA ZONDI

Ebika esegermist­on

UMSUBATHI wakwazuluN­atal udube ukumela isifundazw­e emidlalwen­i yesizwe Medical Fund and 3Sixtylife Senior Track & Field Championsh­ips eqale ngoLwesine yasongwa ngomgqibel­o egermiston Athletics Stadium, egauteng.

Ujenet Mbele ubeseqenji­ni lesifundaz­we eliya kulo mqhudelwan­o, lapho kukhethwe khona iqembu lesizwe elizokuya kwi-internatio­nal Associatio­n of Athletics Federation­s (IAAF) World Championsh­ips ngomandulo (September) edoha, eqatar.

Kuzokhumbu­leka ukuthi lo msubathi ubeseqenji­ni lesizwe ebelikwi-iaaf Cross Country Championsh­ips kodwa wagcina engahamban­ga.

Ujenet usole i-athletics South Africa (ASA) ngokumenze­la phansi okwenze wagcina engayanga edenmark.

Uthi I-ASA kayimhlele­langa i- visa yokuya edenmark. Kuthiwa lo msubathi simdine kakhulu isenzo SE-ASA wabe esenquma ukungazihl­anganisi nemidlalo yayo (I-ASA).

Itask Team esebenzisa­na noray Reddy ongumlawul­i ozimele weKwazulu-natal Athletics (KZNA), itshele ILANGA Langesonto ukuthi ujenet uthe ngeke azihlangan­ise

nemidlalo YE-ASA emuva kokushiywa ngaphandle.

Umandla Dlakadla oyilungu letask Team, ukuqinisek­isile kuleli phephandab­a ukuthi ujenet uthe ngeke azihlangan­ise NE-ASA ngoba ucikwa yisenzo sokumshiya ngaphandle kuyiwa edenmark.

Uhezekiel Sepeng obhekene nabagijimi kwi-asa, uthe kabanankin­ga nesinqumo sikajenet.

Uthi nguyena owaziyo ukuthi ufunani ngempilo yakhe.

Mayelana nodaba lwasedenma­rk, uthe bonke abasuthi ababeya khona babizelwa kwi- fitness test, ngemuva kwalokho banikwa izincwadi zokuyokwen­za ama- visa. Uthi akazi ukuthi kwenzekani ngoJenet.

Omunye wabasubath­i obeseqenji­ni ebeliseden­mark, ukuqinisek­isile ukuthi bonke abasubathi babizelwa kwi- fitness test babe sebenikwa izincwadi zokuyokwen­za ama- visa ezifundazw­eni zabo.

Uthi wethuka uma sebehamba bethola ukuthi ujenet akekho eqenjini lesizwe.

Ujenet uthe iyamcika kabi le nto eyenziwe YI-ASA, akafuni ukukhuluma ngayo. Uma ebuzwa ukuthi kwenzakala­ni bekwi- fitness test ngoba kuthiwa bonke banikwa izincwadi, uthe makubuzwe I-ASA.

Uma singena kulo mqhudelwan­o, uqale kahle kakhulu kwazise ubungenelw­e ngabasubat­hi abaningi abahlonish­wayo kuleli.

Phakathi kwabo bekukhona ucaster Semenya ongaphoxan­ga njengoba ebe yingqwele ye-5 000m.

Usimon Magakwe wenze njengoba bekulindel­ekile enqoba i-100m.

Umagakwe utshele abezindaba ukuthi uyibheke ngabomvu imidlalo yeworld Championsh­ips yanonyaka. Uthe ngontulika­zi (July) uzogijima imidlalo eminingi phesheya kwezilwand­le ukuze afike kule midlalo esesimweni esihle.

“Okunye engikubhek­e kakhulu nonyaka yimidlalo yama-relay ezokuba ngenyanga ezayo ejapan. Abasubathi bakuleli basezingen­i eliphezulu kakhulu, nginethemb­a lokuthi sizokwenza kahle kulo mqhudelwan­o. Kukhona u-akani Simbine, u-anaso Jobodwana, uclarence Munyai, ucedrick van Wyk ukubala nje abambalwa,” kusho umagakwe.

Uluvo Manyonga ube yingqwele yelong Jump.

 ??  ?? UJENET Mbhele enongqongq­oshe wezemidlal­o Kwazulu-natal ubongi SitholeMol­oi.
UJENET Mbhele enongqongq­oshe wezemidlal­o Kwazulu-natal ubongi SitholeMol­oi.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa