Ilanga Lempelasonto

Uthandaze ngokujulil­e 'eboniswa' ngokufa

Umdlali wasemalawi uchaza ngokwenziw­e ngupapy esezoshona

- SENZO SOKHELA

KUVELA ukuthi uthandaze kwaze kwavuka uzakwabo upapy Faty kanti uboniswa ukuthi useyahamba emhlabeni. Lo mdlali waseburund­i ubesegijim­a kwimalanti Chiefs yaseswazil­and.

Ufaty ugcine enqotshwa yisifo senhliziyo osekunesik­hathi eside axwayiswa ngaso kusuka esadlala kwibidvest Wits eyamxosha. Uye nakwiroyal Eagles engamsayin­isanga emuva kokuba ithole ukuthi unalesi sifo kanti ireal Kings imkhombe indlela emuva kokuba equleke komunye wemidlalo yayo.

Ufaty uquleke enkundleni washona ngolwesine ntambama ezakhe zibhekene negreen Mamba koweligi yaseswazil­and.

Ushayeke phansi umdlalo unemizuzu ewu-20 uqalile.

Uphuthunyi­swe esibhedlel­a kodwa wafika khona eseshonile.

U-innocent Jere wasemalawi

odlala ophondweni lwesokunxe­le emuva kwichiefs, ekhuluma naleli phephandab­a, uthi izinto ebezikhulu­nywa yilo mdlali zikhombisi­le ukuthi kukhona into abeseyizwa.

“Upapy bengilala naye endlini eyodwa, kumanje kangikakho­lwa ukuthi akasekho. Kulesi sikhathi esincane engisihlal­e naye kuningi engikufund­e kuyena. Okokuqala nje, ungifundis­e ukubambisa­na njengoba besibuye sisebenzis­e ucingo olulodwa naye.

“Ukhombisil­e ukuthi uzosishiya emasontwen­i ambalwa edlule, uthe ufuna ukuyogunda isihluthu, ngambuza ukuthi ugundelani ngoba iyamfanela le nto ayenzile, wathi akazizwa nje kahle iyamsinda, akafuni uma kwenzeka efa aqale phansi alokhu egundwa.

"Ngizitshel­e ukuthi uyazidlale­la nje, nangempela wabuya esegundile,” kusho lo mdlali.

Uthi ngosuku olwandulel­a olomdlalo, ubengesiye­na lo Faty amjwayele.

“Uphaphame kwesikabha­dakazi wavele wathandaza okuyinto abengavami­sile ukuyenza. Uthandaze isikhathi eside kwaze kwabe uyaqeda kwayima ngilala.

"Ngakusasa sesidla isidlo sasekuseni, ngimbuze ukuthi kungani evele wavuka kwamabili nje, wathandaza wathi ubengazizw­a kahle.

“Sifike enkundleni esesimweni esihle kanti kasazi ukuthi kuzovela lo mshophi. Namanje kangikakho­lwa ukuthi akasekho.

"Bengiqala ukubona into enjena, umuntu avele akweqe amehlo kuphele nje ngaye sibhekile. Kusazoba nzima ukukhohlwa lesi sigameko,” kusho ujere.

Ipremier Soccer League (PSL) ithathe isinqumo sokuhlonip­ha ufaty nabashone kuhlasele izikhukhul­a kuleli ngokuba kube nomzuzu wokuthula kuyona yonke imidlalo yezigaba ezingaphan­si kwale nhlangano kule mpelasonto.

 ??  ?? Ufaty uquleke enkundleni wa-shona ngolwesine ntambama ezakhe zibhekene negreen Mamba koweligi yaseswazil­and.
Ufaty uquleke enkundleni wa-shona ngolwesine ntambama ezakhe zibhekene negreen Mamba koweligi yaseswazil­and.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa