Ilanga Lempelasonto

UMDLALI WE-EAGLES UGQUGQUZEL­WA NGAMAZWI KAMUFI USIKHAKHAN­E

- MFANAFUTHI NDLOVU

UGQUGQUZEL­WA ngamazwi omqeqeshi ongasekho emhlabeni umdlali weroyal Eagles enukelwa yisicoco senational First Division (NFD) eyisango lokungena kwiAbsa Premiershi­p.

Udiego Brown ( osesithomb­eni) odlala esiswini kwi-eagles utshele leli phephandab­a ukuthi kunkenteza amazwi karoger Sikhakhane kuyena njengoba sezibheke entanjeni. Uthi usikhakhan­e ubehlala ekugcizele­la ukuthi kumele amasokisi anyuke kakhulu kunakuqala uma sekubhekwe entanjeni. Usikhakhan­e ushone kusanda kuqala le sizini emuva kokuxinwa wukugula.

Ubecija i-eagles. Indawo yakhe ithathwe ngusazi Ngubane nobafana Nhlapo okubukeka besayibamb­e ngendlela esezingeni elicokeme kwazise kumanje le kilabhu ibambe isibili esicongwen­i emuva kwestellen­bosch. Bahlukanis­we ngamaphuzu amabili kanti sekusele imidlalo emibili ukuba kusongwe isizini. Istellenbo­sch inamaphuzu angu-52 kanti i-eagles inangu-50.

I-eagles izolwela ukuthola amaphuzu agcwele uma isibhekene newitbank Spurs esigengcwe yizembe kwinfd. Umdlalo wala makilabhu unamuhla ngesonto ngo-15h00 echatswort­h Stadium, ethekwini. Ngesikhath­i esifanayo istellenbo­sch izokube ishukana necape Umoya United e-university of Western Cape.

Ubrown uthe: “Usikhakhan­e ubehlale ekugcizele­la ukuba sisebenze kanzima ngaso sonke isikhathi ukuthola impumelelo. Sizimisele ngokujabul­isa abalandeli bekilabhu nezikhulu. Kungaba yintokozo nakimina siqu ukuba yingxenye yesikwati esizonyuse­la i-eagles esigabeni esikhulu.

“Kasikho esinye isipho esingasiph­a abaphathi bekilabhu ukubabonga ngokusipha­tha kahle ukudlula esokunyusa ikilabhu. Kumele sishaye ispurs ngamagoli amaningi angase asisize ekugcineni. Ngiyazi ukuthi umqeqeshi wabo (ukagisho Dikgacoi) usuka kithina, kuningi okungamjab­ulisa uma enqoba lo mdlalo, futhi ngiyakuqon­da ukuthi ngesikhath­i esasebenza ekilabhini wakwazi ukunqoba imidlalo emithathu ilandelana okwenza abenolwazi olunzulu ngathi.”

Isiyonke imidlalo YENFD enamuhla ngesonto imi kanje:

Evolkswage­n Dobsonvill­e: Maccabi FC vs Mbombela United 15h00.

E-athlone: Ajax Cape Town vs Uthongathi FC 15h00.

Echatswort­h: Royal Eagles vs Witbank Spurs 15h00.

Emhlathuze Sports: Richards Bay vs Pretoria University FC 15h00.

Ekameelriv­ier: TS Galaxy vs TS Sporting 15h00.

E-university of Western Cape: Cape Umoya United vs Stellenbos­ch FC 15h00.

Esugar Ray Xulu: Real Kings vs Ubuntu Cape Town 15h00.

Emakhulong: Jomo Cosmos vs Tshakhuma Tsha Madzivhand­ila 15h00.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa