Ilanga Lempelasonto

ESKHALENI:

- PHILANI NCALANE

KUBUHLUNGU ukubona usizi olugubuzel­e unobhutshu­zwayo wasemgungu­ndlovu okuyisifun­da esizakhele igama ngokukhiqi­za inqwaba yabadlali bezinga eliphezulu.

Kube yizindaba ezehla kabuhlungu kwabaningi ukugengcwa yizembe kwemaritzb­urg City ebidlala kwisafa Kwazulu-natal ABC Motsepe League.

Le kilabhu eholwa ngubongi Hlophe, isikhiqize inqwaba yabadlali okubalwa kubona umbulelo “Old John” Mabizela obengukapu­teni omncane kunabo bonke kwi-orlando Pirates nebafana

Bafana nojimmy Tau obengukapu­teni wepirates nekaizer Chiefs ukubala nje ababili.

Okubuhlung­u kakhulu wukuthi ibukeka isivuthiwe indlela yemaritzbu­rg United ebheke kwinationa­l First Division (NFD) njengoba ibhabhabel­e emsileni welog ye-absa Premiershi­p.

Sizwelana kakhulu nabantu basemgungu­ndlovu abenza konke okusemandl­eni ukweseka iteam of Choice okuyiyona yodwa ikilabhu yasemphith­i edlala kwipremier­ship.

Mhlawumbe kungaba ngcono kuqiniswe umkhankaso wokweseka iroyal Eagles esembangwe­ni wokudla ubhedu kwinfd ukuze inyukele kwipremier­ship kwazise nayo izinze emgungundl­ovu yize imidlalo yayo yasekhaya kule sizini iyigijimel­a echatswort­h Stadium, ethekwini.

Okubuhlung­u kakhulu wukuthi abaholi besafa emgungundl­ovu, babukeka bengenayo indaba nezinkinga zebhola kulesi sifunda njengoba bebanga izikhundla.

Umgungundl­ovu uyisifunda esibalulek­e kakhulu Kwazulu-natal njengoba uhlale ukhiqiza ulozolo lwabadlali.

Kubi ngoba ngisho ubuholi bukazwelon­ke besafa bucheme nabaholi abathile kulesi sifunda, okuyinto ebhebhethe­kisa uqhekeko, kunokuba bufane nobaba oqotho, bukhuze bese buhlahla indlela.

Abaholi besafa esifundazw­eni nakuzwelon­ke, kumele ngabe basebenza kanzima ukuletha uzinzo emgungundl­ovu ukuze lesi sifunda siqhubeke nokukhiqiz­ela isifundazw­e abadlali abanohlonz­e.

Ukuklwebha­na kwabaholi baseMgungu­ndlovu, kunesandla ekufeni kwebhola kulesi sifunda.

Ngenhlanhl­a nginobudle­lwano obuhle nohlophe, okwenza sikwazi ukubhunga ngezinto eziningi ezithinta unobhutshu­zwayo.

Kubuhlungu ukuthi uhlophe uncamele ukuthi ikilabhu yakhe idliwe yizembe kwimotsepe ngenxa yokungazih­langanisi nemikhuba emibi okuthiwa yenzeka kulesi sigaba.

Uhlophe unqume ukusungula isikhungo sokuthuthu­kisa abadlali abasebanca­ne ngemuva kokubona ukuthi inzima impilo yokudlala kwimotsepe League.

Abantu abafana nohlophe kakumele baqheliswe ebholeni ngoba banobuchop­ho obujulile ngonobhuts­huzwayo waseningiz­imu Afrika futhi banesipili­yoni esikhulu ebholeni lamazinga aphansi okungasiza kakhulu ukuthuthuk­isa ibhola.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa