Ilanga Lempelasonto

U-ekstein uqhathwe 'amakinati' nechiefs

Kuthiwa ubesefuna ukuhola u-r200 000 hhayi u-r100 000

- SENZO SOKHELA

KUVELA iqiniso ngesizathu esenze ikaizer Chiefs yagcina ilaxaze umdlali wayo obengacons­i phansi kubalandel­i bale kilabhu.

Ichiefs ithuse abathandi bebhola ngolwesine imemezela ukuthi inqamule inkontilek­a kahendrik “Pule” Ekstein, ekagustavo Paez nekakgotso Malope.

Kuzokhumbu­leka ukuthi leli phephandab­a like labika ukuthi liyacikize­la ikusasa lika-ekstein njengoba bekungezwa­nwa ngendaba yenkontile­ka ezophela uma kusongwa isizini.

Emasontwen­i ambalwa edlule, liveze ukuthi seligqabuk­ile igoda phakathi kwechiefs nopaez kwa

zise ubesefana nento engekho kule kilabhu njengoba isikuqinis­ekisa ngolwesine.

Leli phephandab­a lithole ngemithomb­o yalo ukuthi isizathu okuyisona esenze ukuba u-ekstein agcine ehlukene nale kilabhu emkhulisil­e, wukuthi ubebona imxhaphaza ngeholo ngoba nakhu ekhulele kuyona bese kuthi abantu abafikele kuyena bayikhe ngamafosho­lo imali.

“Into eyenze lo mfana wagcina ehlukana nechiefs wukuthi ubewubona umncane umholo ka-r70 000 abewuhola zinyanga zonke kwazise bewungafik­i kuyena unjalo ngoba bekusuke kusazobanj­wa intela nenye nje imali.

Ubefuna u-r200 000 ukuze elule inkontilek­a, ichiefs yanqaba yathi nasemandul­o akekho nje umuntu owake wakhushule­lwa umholo ngalolu hlobo.

“Ibifuna ukumnika u-r100 000 wawunqaba.

"Into eyenze wawunqaba wukuthi kunabantu abanga nabo indawo abangadlal­i kwakudlala abahola yona le mali ayifunayo bebe behleli ezihlwelen­i, yingakho ebone kungcono ukuba kuhlukwane,” kusho umthombo ozazi zonke ezeChiefs.

Imizamo yokuthola ubobby Motaung oyimenenja-jikelele yechiefs ukuba aphawule ngalolu daba iphunzile.

Ekhuluma kwesinye isiteshi somsakazo, uthe ngeke akwazi ukuyidalul­a imininingw­ane ephelele ngokuhluka­na kwabo noEkstein kodwa wakubeka kwacaca ukuthi kabavumela­nanga ngemali.

“Udaba oluthinta imininingw­ane yenkontile­ka yomdlali yinto ephakathi kwakhe nomqashi, kawukwazi ukuvele uyibhadlaz­e nje esidlangal­aleni.

"Kasivumela­nanga ngokuthile naye kwabe sekuhlukwa­na.

"Ikilabhu ibisafuna ukumgcina kodwa ngenxa yokungavum­elani ngabekudin­ga sabe sesihlukan­a,” kusho umotaung emsakazwen­i.

 ??  ??
 ??  ?? ABADLALI bemamelodi Sundowns uricardo Nascimento no-anele Ngcongca bemaka u-ismail El Haddad wewydad Casablanca kowecaf Champions League ngolwesihl­anu ekuhambeni.
ABADLALI bemamelodi Sundowns uricardo Nascimento no-anele Ngcongca bemaka u-ismail El Haddad wewydad Casablanca kowecaf Champions League ngolwesihl­anu ekuhambeni.
 ?? ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPI­X ?? UHENDRICK "Pule" Ekstein osehlukene nekaizer Chiefs njengoba inkontilek­a yakhe ingeke ivuselelwe ngenxa yombango weholo.
ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPI­X UHENDRICK "Pule" Ekstein osehlukene nekaizer Chiefs njengoba inkontilek­a yakhe ingeke ivuselelwe ngenxa yombango weholo.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa