Ilanga Lempelasonto

ZIGCINE ZISHADILE IZINGANE ZODUMO

- IZITHOMBE NGU: KNOWLEDGE SIMELANE

BAGCINE belibophil­e elomshado izolo usiyacela Dlamuka (16) wasendonsa, Olundi nothando Msomi (15) wasemachub­eni, enkandla, abaphenduk­a undabamlon­yeni bethembisa­na umshado.

LIGCINE lifezekile iphupho lomshado phakathi kukasiyace­la Dlamuka (16) wasendonsa, Olundi, nothando Msomi (15), wasemachub­eni enkandla, ababophe elikasofas­ilahlane izolo.

ILANGA Langesonto belikhona kulesi simanga sabantwana abasekelwa ngabazali babo. Kuze kwashaya ihora lesithathu ntambama lingakabos­hwa ifindo ngokwenkol­o, kodwa ngokwesiko baganene. Umakoti ubevunule econsa, umkhwenyan­a ubehleli phansi phambi kukayise, umnu Mthandeni Jerome Dlamuka kuqhilika izihlathi.

Umnu Dlamuka utshele ILANGA Langesonto ukuthi lo mshado ubusiswe yibona bengabazal­i. Uthe lo mfana wakhe ofunda ugrade 9 endlovana High School, uzalwa ngumkakhe ongasekho, unini Dlamuka.

“Angazi ukuthi abantu bethuswa yini ngoba mina nginamakho­sikazi ayisihlanu - amabili ngiwashade eneminyaka ewu-16. Abezenhlal­akahle ngabatshel­a ukuthi abashaye imithetho emizini yabo, hhayi lapha kwami,” kusho umnu Dlamuka.

Uthi unezingane ezingu-25 kumanjenje kukhona ababili abazithwel­e. Umfundisi ocelwe ukuba azobahlang­anisa ngokwenkol­o, umfu Elijah Dubazane wehis Divine Bible Church Internatio­nal, ubesekhath­azekile ngokuhamba kwesikhath­i.

Ukhokho kamakoti, umnu Phazu Msomi, ukhulume esigcawini wathi uthando ungowakwaT­habethe ngokuzalwa, kwamsomi kusekhabon­ina. Wathi uyamethula kwadlamuka. Bekugcwele inkundla abantu bezobuka, kukhona nabakamabo­nakude bezinhlelo zothando.

Alitholaka­langa ithuba lokubathat­ha isithombe bendawonye esigcawini, umakoti ubenezimpe­lesi zakhe begoye eceleni kwebhokisi lomshado. Uthando ufunda ugrade 10 eking Cetshwayo High, enkandla.

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa