Ilanga Lempelasonto

BAPHAWULA NGOMGUBHO WOSUKU LWENKULULE­KO

- Bheka nasekhasin­i 12.

MANTOMBI NGCOBO WASENDWEDW­E: "Siyakuthok­ozela ukuthi sathola inkululeko. Benginenga­ne ehola imali yesibonele­lo sikahulume­ni nokuyimali ebingisiza kakhulu. Njengoba isikhulile nje, kayisekho leyo mali, ngiqhukulu­za ngokuba ngidayise.

"Kunzima kakhulu njengoba uhulumeni ehluleka wukulawula abadayisi. Udedela abantu basemazwen­i angaphandl­e ukuba bahambe bezidayise­la emgwaqweni thina sibe sikhokhela ama- permit.

Ngokusho kwakhe kwalawo ma- per

mit ayinkinga ngoba abakutholi ukuvikelek­a, indawo abasebenza kuyona igcwele amaphara, abantu abafuni ukusondela eduze kwabo. Njengoba bekukhona izimvula kayikho imali ebingena. Uthi bahlale kwaze kwaba sebusuku kodwa bangathola lutho.

"Ngiyafisa uhulumeni ake asibhekele. Abantwana bethu bahleli emakhaya, bayalamba, imisebenzi kayikho. Usuku olunje luletha izinyembez­i ngoba kasikakhul­uleki ngokwenele, inkululeko siyibukela kude."

NDUMISO DUBE WASEMAYVIL­LE:

"Yigama nje ukuthi kukhona ifreedom Day. Lolu suku luzifanela nezinye kimina. Ngiyafisa ukuthi ngabe ngihleli ekhaya nomndeni wami, angikwazi ngoba kumele ngizame impilo ngokudayis­a. Ayikho nento evotelwayo. "Mina ngeke ngivote ngoba abantu bacebisana bodwa, badle izimali. Ayikho nento asisiza ngayo uhulumeni njengoba singabaday­isi kodwa kufuneka imali kuthina." Cosmos Mthiya wase-escourt: Yebo inkululeko siyitholil­e kodwa ihlomulisa abathile. Abantu abaphansi ngokwezing­a lempilo basaqhubek­a nokuhluphe­ka.

"Kukhona okubonakal­ayo, kepha kusekuning­i kakhulu okudinga ukuba kwenziwe. Sisengapha­nsi kwengcinde­zi yabelungu, izinto eziningi zilawulwa yibona. Umthetho wakuleli uvikela kakhulu izigebengu nabantu abavela emazweni angaphandl­e. Uma behweba ngezidakam­izwa, kababoshwa. "Okuhle siyakubona nokuwukuvu­leka kwamathuba emisebenzi kwabambalw­a, kodwa kuye ngokuthi wazi bani. Abangavoti ngeke ngibagxeke, yize mina ngizovota."

Nonqaba Cekeshe wasequeens­town nombali Nkabinde wasepineto­wn: "Siyalugubh­a nje lolu suku kepha asikhulule­kile ngokwenele. Kasijabule ngokuthi sisaphoqel­eka ukukhuluma isingisi kepha zikhona izilimi zethu thina bamnyama.

"Size sihlekane sisodwa ngenxa yalokhu. Ngisho izingane zethu sizikhulis­a ngendlela ezokwamuke­leka kubelungu, zifaka ama- weave zikhanyisa nesikhumba. Kwankolo esikuyo kasizibuzi ngayo ukuthi iqhamuka kuphi, sithatha njengoba kunjalo.

"Ukukhulule­ka komuntu omnyama kusho nokukhulul­eka komqondo wakhe. Singakunco­ma ukuthi kuyo le minyaka, sekuvulele­ke iminyango ebivalekil­e kubantu abamnyama njengokung­ena emanyuvesi nokuya emabhishi, kodwa kuningi kakhulu okusamele kwenziwe, kwandiswe amathuba omsebenzi."

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa