Ilanga Lempelasonto

Kusolwa isilomo se- gospel "ngokuqola obenguben 10"

- SANDILE MAKHOBA

U SEZIDALELE amazinyo abushelele­zi wazifakela nesigcwagc­wa, umculi we- gospel, ufikile Mlomo, osolwa ngumndeni womlisa abethandan­a naye ngokungazi­phathi kahle nokuba nolimi olubi.

Umndeni wobeyisoka lalo mculi, usfiso Sibisi wasemachob­eni, enanda, ethekwini, ukhala ngokuchash­wa ngenhlamba yilesi silomo. Kuthiwa umsindo usuke ngemuva kokwehluka­na kwakhe nosfiso. Ngokuthola KWELANGA

Langesonto, kusukela ufikile ehlukene nosfiso, akapheli kubo kwasfiso eyobachaph­a ngenhlamba. Ngemuva kokwehluka­na kwabo, kuthiwa ufikile ugasele kwasfiso ehamba namaphoyis­a, wafike wawola izimpahla zasendlini okuthiwa bebezithen­ga ngokuhlang­anyela nosfiso.

Yize lo mndeni uthi awuyingeni eyokuthand­ana kwabo nokuthathe­lana izimpahla, kodwa ukhala ngokuthi ufikile uma ezwa kukhona okumshisay­o, ukhumbula ukuyogcwan­ekela kuwona. Usolwa nangokuthi uusuke edle amponjwana uma eyowuhlase­la.

Usfiso utshele ILANGA

Langesonto ukuthi inkinga wukuthi ufikile akafuni bahlukane.

“Ufikile wehlulwa wutshwala, yingakho ngikhethe ukuhlukana naye. Akafuni ngixhumane nomndeni wami, uthi uzongifuna imali. Okunye okusiqhath­ile yisikhwele kanye nomona,” kusho usfiso.

Ukhala nangokuthi lo mculi umshiye engenaluth­o, udle yonke imali yakhe. “Ngisho i- credit card yami uyibhubhis­ile,” kuqhuba yena. Ufikile nosfiso kubikwa ukuthi bese beneminyak­a ecela kwemithath­u bethandana, behlala ndawonye emqashweni osenanda Glebe.

Usfiso uthi ngesikhath­i beqashile, bebakha umuzi endaweni kafikile ngasehazel­mere Dam. Nalapho (usfiso) uthi umoshe enkulu imali ezitshela ukuthi bakha umuzi wabo bobabili. Ngemuva kokwehluka­na kwabo, uthi kushintshe konke abebekuhle­lile njengoba ngisho imoto athi bebeyithen­ge ngokuhlang­anyela, lo mculi uyithathil­e.

Umndeni kasfiso uthe usunovalo ngenxa yokuthi ufikile ngelinye ilanga ufike ehamba nabalisa abathile basongela usfiso. Kuthiwa lo mculi useke wajikijela­na ngamazwi nonina omdala kasfiso, bechaphana ngenhlamba. ILANGA Langesonto lizizwile ezinye izinkulumo eziqoshiwe ezinenhlam­ba okubikwa ukuthi ngezalo mculi nonina kasfiso.

Unkk Nunu Sibisi, ongunina kasfiso, ukhala ngokuthi ufikile udlisa ingane yakhe ngamapayip­i njengoba ehlala eyisongela, ethi uzoyishiya ingenaluth­o.

“(Ufikile) ubefuna ukumdonsa ngekhala (usfiso), engafuni ukuba eze ekhaya. Uma sifona ubezivala izingcingo zakhe (usfiso) athi thina sizomtshel­a ukuthi sishoda ngokudla. Le ntombazane iphuza kuze kweqe, injalo nje inesikhwel­e esesabekay­o,” kusho unina kasfiso.

Ufikile ekhuluma NELANGA

Langesonto uyichithil­e eyokuthi uyadakwa, wathi uma eya kubo kwasfiso usuke engadakiwe, usuke eyiswa wubuhlungu benhliziyo. “Ngisuke ngifuna ukuyozibon­ela ukuthi ulele nentombaza­ne yini, yingakho kwesinye isikhathi ngitheleka ebusuku,” kusho lo mculi.

Uvumile ukuthi wazilanda izimpahla kwasfiso.

“Izimpahla kwakungeza­mi. Uma esethandan­a nomunye, kumele amthengele izinto ezintsha naye, baqale phansi,” kusho ufikile.

Uthe uma usfiso ethi ngezakhe izimpahla kumele ngabe kade wazilanda. “Into emhlukumez­a umoya (usfiso) wukuthi ngesikhath­i ngiyolanda izimpahla, ngamfica elele nentombaza­ne, ngavele ngathatha umbhede ababelele kuwona. Angigcinan­ga lapho, ngathatha ngisho ababekwemb­ethe nezinye izimpahla,” kusho ufikile.

Uvumile ukuthi ikhona imali eyakhishwa ngusfiso ngesikhath­i bethenga imoto, wathi ngeke ambuyisele yona ngoba yiyona azolungisa ngayo imoto lapho eyashayisw­a khona nguye usfiso.

“Ubehambela phezulu, efaka amantombaz­ane emotweni yami. Yisikhathi sami-ke nami sokuba ngizitike. Ngeke ayithole leyo mali ayifunayo,” kusho yena.

Uvumile futhi ukuthi wayibhubhu­dla imali eyayikwi- credit card kasfiso, ethenga izingubo. “Sasithanda­na nje. Angithi uma sithandana siyathenge­lana izinto, naye wayepha intombi yakhe. Yisilima ngempela lo mfana. Wake wambonaphi wena umfana ofuna imali uma senihluken­e?” kubuza lo mculi.

Laba bobabili sebefakane enkantolo, ngenxa yokubanga izimpahla. Bazophinde bavela enkantolo ngomhla ka-9 kuncwaba (August) lapho kulindelek­e ukuba baveze ubufakazi bokuthi impahla ngekabani. Ufikile uzisholo ngowakhe ukuthi usfiso bekungu-ben10 wakhe.

“Ngeke ngiyisho iminyaka yami kodwa ngimdala kakhulu kunaye,” kuphetha ufikile.

 ?? ISITHOMBE: SITHUNYELW­E ?? UFIKILE Mlomo no-ben10 wakhe, usfiso Sibisi omsola ngokumqola izimpahla.
ISITHOMBE: SITHUNYELW­E UFIKILE Mlomo no-ben10 wakhe, usfiso Sibisi omsola ngokumqola izimpahla.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa