Ilanga Lempelasonto

Ushiya igagasi ujr de Rocka

- ZOWAKHA MBATHA

UYASHIYA kwigagasi FM ujunior Mzizi odume ngelikajun­ior De Rocka njengoba lesi siteshi senze izinguquko ezimenyeze­lwe ngolwesihl­anu.

Lo DJ obenza uhlelo lwe- hip hop ngolwesine kusihlwa (08pm-10pm) nguye kuphela

ongekho ohlwini olusha lwabasakaz­i balesi siteshi. Kuvela ukuthi uhlelo abelwenza selunikezw­e UDJ Lab no-asante abazobuye bangene ngomgqibel­o kusihlwa (07pm-10pm). Ebuzwa ngalokhu ujunior uthe akaxoshwan­ga, kodwa uzesulele ngoba efuna ukugxila kweminye imisebenzi afuna ukukhula kuyo. “Angikwazi ukugxila kwimininin­gwane kodwa ngisule ngoba kukhona la ngibheke khona,” kusho yena kafushane. Lo DJ ube sematheni ezinyangen­i ezedlule exabana nonina wendodakaz­i yakhe, untando Duma ngendaba yesondlo somntwana wabo. Olunye uguquko oluqaphele­kile ngolokulan­dwa komculi umondli Ngcobo, ozosakaza uhlelo olungena ngomsombul­uko (08pm-10pm) lomculo weafro Umondli uthe bekuvele kusenhlizi­yweni yakhe ukungena emsakazwen­i, kodwa okumjabuli­sa kakhulu wukuthi nguyena ozobe ephethe izintambo ngomculo odlalwayo ohlelweni. Olunye uguquko olugqamile ngolokusus­wa kukamfundo “The Dazzling One” kolwasemin­i (09-12) washiywa nolwangeso­nto kuphela.

Lolu akhishwe kulona seluzokwen­ziwa nguzisto nokhulekan­i Mbambo obengena ezintathak­usa nsuku zonke. Okucacile wukuthi ukuhamba kukamzokol­oko osesokhozi­ni FM, kuphoqe ukuba zenziwe lezi zinguquko njengoba esikhaleni sakhe ekuseni, sekufakwe ufelix Hlophe.

Ukhaya "GC" Dladla obesakaza ngomgqibel­o ntambama nodj Vumar, usezongena kolwasekus­eni naye enza izimemezel­o zomgwaqo elekelela ufelix nonjabs Zwane obevele ekhona.

Olwasemini (aphuma kulona ufelix) seluzobanj­wa nguheazy nodj Lesoul obevele ekulo nosomahlay­a uflymotion. Kazikho ezinye izinguquko ezinqala ezivelayo ngale kokulandwa kukadj Sphe Live, esiteshini somphakath­i, ivibe FM ozongena kwesikabha­dakazi (1am-4am).

Okhulumela lo msakazo, umnu Khulekani Shandu, uthe bahlukane kahle nojunior De Rocka futhi bazoqhubek­a nokumeseka ebhizinisi­ni lakhe lomculo. Uthe unomfundo bese kuphele iminyaka emithathu enza uhlelo abekulo, bebedinga abantu ababili abazolusha­yela base bebona lufanelwe yilaba ababafakil­e.

Mayelana nokuthi wukuhamba kukamzokol­oko yini okuphoqe ukuba bashintshe izinhlelo ngokushesh­a njengoba bayaye bakwenze ngojune, uthe lesi kube yisinqumo sebhizinis­i qha.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa