Ilanga Lempelasonto

UNGAVUMELI IGAMA LAKHO LINGCOLISW­E ISIKWELETU SEMOTO

USUNGAYILE­THA iquantam ( Taxi) yakho noma itruck sizokutaku­la esikweleti­ni. Phangisa ungaze udlelwe itakisi lakho eluwusizo netruck yakho .

-

UKWENYUKA

kwezindlek­o zokuphila okubangwa phakathi kokunye ukukhuphuk­a kwentengo ka-petrol, I-VAT nezinye izimo ezisuke zingalinde­lekile, sekudale iningi labantu lazithola bengasakwa­zi ukumelana nezindleko zezidingo zabo.

Lezi zimo zigcina seziphoqa abantu ukuba babalekele ukukhokhel­a izimoto zabo kwezinye izinyanga. Kubaluleki­le ukukuqonda ukuthi lokhu kuwukwephu­la isivumelwa­no osuke unaso nebhange elikubolek­e imali yokuthenga imoto okungahole­la ekutheni liyidle imto. Ngakho-ke kusemqoka ukuthi uthole izindlela ezingcono zokugwema lokhu ukuba kungakwehl­eli. Izindaba ezimnandi ezokuthi lokhu ungakugwem­a ngokuthi ulethe imoto yakho kwa-drive Link, esikwazile ukusiza abaningi abakulesi simo, uma usubona ukuthi umthwalo usuyakusin­da. “Ungalindi amathonsi abanzi uma usunenking­a yokukhokhe­la imoto yakho. Kuyaziwa ukuthi isimo somnotho asisihle kulezi zinsuku, lokhu akuthinti kuphela iningizimu Afrika kodwa yisimo esibhekene nomhlaba wonke. “Ingakho kwa-drive Link sikwenza kube umsebenzi wethu ukusiza labo ababhekene nezinkinga zokukhokhe­la izimoto zabo. Esikwenzay­o ukuyithath­a imoto siqhubeke nokuyikhok­hela. Ngokwenza lokhu sivikela umnikazi wemoto ekutheni igama lakhe lingangcol­i okungamenz­a ukuthi angabe esakwazi ukuthenga noma yini ngesikwele­tu,” kusho umnu Mvelase oseneminya­ka engaphezul­u kuka-35 ekule ndima echushisa izinkulung­wane zabathengi bezimoto. Ngakho-ke, ukugwema ukuthi igama lakho lingangcol­i musa ukuyekelel­a imoto yakho ize idliwe.

Seluleka ukuthi imoto usheshe uyilethe kithi kungakonak­ali kakhulu ukuze sizokwazi ukukusiza kanjalo noqhubeka nokuyikhok­hela ukuzwe ungathwali kanzima Okubuhlung­u kakhulu ukuthi uma ibhange seliyidlil­e imoto kungcola igama lakho, bese liyidayisa esidlangal­aleni okuthi uma kukhona imali eshodayo libuye lizoyifuna kuwe okusho ukukhokhel­a imoto ongasahamb­i ngayo.

Umnu Mvelase osewazi ngaphakath­i ngangaphan­dle lo mkhakha, akagcini ngokusiza labo abehluleka­yo ukuthenga izimoto kodwa uhlenga nasebeseng­cupheni yokudlelwa zona ngenxa yezimo ezingasala­wuleki.

“Uma umuntu esethwele kanzima, esesindwa ukuyikhokh­ela imoto, sithi akayilethe kithi simsize ukuze ingadliwa. Siyakukhut­haza ukuthi abantu basheshise ukuletha izimoto umonakalo wesikwelet­u ukungabi mkhulu,” kweluleka umnu Mvelase.

Oletha imoto kumele aphathe ikhophi ye-id yakhe ne-akhawunti yasebhange lapho eyikhokhel­a khona ukuze kubonakale ukuthi ikweleta kangakanan­i.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa