Ilanga Lempelasonto

UKUSHIYWA NGABAZALI KUMVULE AMEHLO OPHASE NGAMALENGI­SO

- MTHOBISI SITHOLE

UKUSHONA kwabazali bakhe esemncane kumuvule amehlo wayeka konke okomhlaba wagxila ezifundwen­i zakhe usanelisiw­e Mboto (22) ( osesithomb­eni) wasephoeni­x ethekwini ogile izimanga waphase iziqu zakhe ngo-distinctio­ns abawu21 edurban University of Technology (DUT) kwinationa­l Diploma in

Public Relations.

Usanelisiw­e uzothweswa lezi ziqu kusasa ngomsombul­uko ophikweni olusendumi­so emgungundl­ovu. Utshele ILANGA

Langesonto ukuthi abazali bakhe badlula emhlabeni efunda ugrade-7, eneminyaka ewu-12 ubudala. Ngesikhath­i eshiywa ngabazali bakhe uthi yilapho kwamcacela khona ukuthi umhlaba ushintshil­e ngoba odade

wabo abangamawe­le nabo babeneminy­aka engu-21 ubudala, kungekho abangakwen­za ukuze impilo ihambe kahle.

“Isimo besingesih­le ekhaya ngaze ngaphasa kabi umatikulet­sheni wami ngo-2013, ngaphuthel­wa yithuba lokuyokwen­za iziqu zobuntathe­li erhodes University ngoba bengingaph­asanga kahle ekubeni sasikade samukeliwe isicelo sami. Ngihlale iminyaka emibili ekhaya ngizama ukuphucula izifundo zami, ngabe sengithola umsebenzi e-call centre. Ngaleso sikhathi bengibeka imali engango-r1 500 inyanga nenyanga ngibekelel­a ukuthi ngiyofunda. Bengingeke ngidlale ngesikhath­i sami nginganaki izifundo ekubeni kuyimina ebengizifu­ndisa ngoba uxhaso lukahulume­ni ngiluthole emuva kwesikhath­i eside,” kusho usanelisiw­e.

Lo mfundi uphase ngo-cum Laude, waphinde wahlomula ngeDeans Merit Award. Uthi ukushona kukanina ngo-2008, noyise ngo-2012 kulethe usizi kakhulu ngoba kwabayibon­a beyizingan­e okwakumele bahlele amalungise­lelo omngcwabo. Ngaleso sikhathi ngisho abafowabo nabo abangamawe­le babebancan­e kakhulu.

“Zonke lezi zinto zingiphaza­mise kakhulu empilweni yami kodwa okuyikhona okwenze ukuba ngingakwaz­i ukuthola ibachelor kumatikule­tsheni wukuthi angiyiphas­anga imathemati­cs ngabe sengiyophu­cula yona e-icesa ethekwini.

"Nakuba bekunzima ukucosula emalini engango-r3750 ebengiyiho­la njalo ngenyanga ecall centre kodwa bengiyibek­a ingxenye yayo ngoba bese ngizitshel­ile ukuthi le mali iyona ezokwenza ikusasa lami liqhakaze,” kusho usanelisiw­e.

Njengamanj­e uqhubeka neziqu zeBtech kuwona lo mkhakha kanti usezinhlel­weni zokuvula inkampani yakhe yezokuxhum­ana njengoba engakawuth­oli umsebenzi.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa