Ilanga Lempelasonto

OWE-DA UGXEKA INKULUMO YEMEYA YETHEKU NGENHLEKEL­ELE YEZIMVULA

- SANDILE MAKHOBA

UMHOLI we-da Kwazulu-natal umnu Zwakele Mncwango

( osesithomb­eni) ugxeka inkulumo yemeya yetheku, unkk Zandile Gumede, ngesibhico­ngo esidalwe yimvula esishiye kukhalwa ethekwini namaphethe­lo nase-eastern Cape.

Imeya ithe umonakalo odalekile awenziwang­a ukungabi bikho sesimweni esikahle kwengqalas­izinda okubandaka­nya kuyo nokungaseb­enzi kahle kwezitamko­ko njengoba kunezinkon­ondo, abanye bekholwa wukuthi ukungasebe­nzi kahle kwazo kube nomthelela kwizinga lomonakalo. Ithe lokhu okwenzekil­e kuyimvelo.

Umnu Mncwango uthi bekungamel­e imeya ikhulume ngendlela evikela umasipala uma sekunesibh­icongo esinje. Uthi izindlu ezidilikil­e zakhiwa yiwona umasipala, ngakhoke uma sezibulala abantu yiwona umasipala okumele uphendule.

“Uzandile ukhulume inkulumo evikela inhlangano yakhe. Abayeke ukucasha ngesithuph­a balungisel­e abantu izindlu, futhi kumele baphendule ngokwakha izindlu ezingekho esimweni, kanye nenkampani ababeyiqok­ile eyayakha lezi zindlu,” kusho umncwango.

Usho lokhu ngesikhath­i evakashele emlazi ngolwesihl­anu. Uthi okushaqisa kakhulu wukuthi izindlu zangasese, amanzi, kanye namapayipi akukho kule mizi.

“Kuyacaca ukuthi kwavele kwafakwa inkontilek­a yakha nje kungabizwa­nga onjiniyela ukuba bazobheka ukuthi indawo ikulungele yini ukwakha izindlu,” kusho umncwango.

Utshele abezindaba ukuthi yize noma umasipala ungeke ukwazi ukuvimba isimo sezulu kodwa ukube izindlu bezisesimw­eni esikahle ngabe umonakalo awubanga mkhulu ngale ndlela emlazi. Uthi ukube umasipala wafaka amapayipi, umonakalo ubungeke ube mungaka.

Unkk Busisiwe Nyawose (45) oyisisulu sale nhlekelele uthi usethuthe izingane zakhe waziyisa kubo ngoba uyesaba ukuhlala nazo kule ndawo, ubona ukuthi indlu izodilika noma nini. Uthi uzimisele ukuya noma yikuphi lapho umasipala uzobayisa khona.

“Angisakhat­halele ukuthi umasipala usitholela kuphi indawo, inqobo nje uma kuyindawo ephephile,” kusho yena.

Isibalo sabashonil­e kule nhlekelele singaphezu kuka-80 kanti yinqwaba esale dengwane ingenamakh­aya. Njengamanj­e abanye bahlaliswe emahholo omphakathi. makhoba@ilanganews.co.za

~ Bheka nasekhasin­i 12

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa