Ugogo akayizwa indawo yomlingisi
'Wayeka ukubukela umabonakude ebona ngidubula umuntu'
UBHEKENE nobunzima ekhaya umlingisi womdlalo kamabonakude uzalo, uthobani Nzuza, njengoba ethi ugogo wakhe akahambisani nhlobo nezinto abonakala ezenza kumabonakude.
Uthobani, odlala indawo kakhehla kulo mdlalo, owazakhela udumo emdlalweni ihostela, uthi izinto azenza kumabonakude ziyamethusa futhi ziyamhlukumeza ugogo wakhe.
Ngesikhathi kuqala umdlalo ihostela, uthobani uthi wavela kwesinye seziqephu edubula umuntu wafa, lokho kwamhlukumeza ugogo wakhe.
“Ugogo wami wagcina ngalelo langa ukubuka ihostela, nami esengibukisa okwenkabi ngempela,” esho.
Uthi buphinde baqala futhi ubunzima kugogo wakhe ngesikhathi engena emdlalweni Uzalo. Okwahlukumeza ugogo umaduma Nzuza, wukubona umzukulu wakhe eqabulana nobaby Cele omdala kakhulu kuyena.
Ngesikhathi kuvela lesi siqephu, uthobani uthi ugogo wakhe wabhoka ngolaka wathi kuye: “Uhlezi awunangane nje kanti ujahana nabantu abalingana nonyoko? Ukube usakhona umtukaziboni (uyise) ngabe ayikho yonke le nto.”
Uthi uyazama ukuchazela ugogo ukuthi konke okwenzeka ku-tv wumdlalo nje, akuyona into yangempela, nokho ukuchaza kwakhe akwenzi mehluko.
“Uvele abhoke ngolaka athi akudlalwa laphayana, ubonile ukuthi leya nto ibiyenzeka ngempela,” esho.
Uyise kathobani sewashona kanti uhlala nogogo wakhe ohlala emgadile.
Nakuyena uthobani uthi akuzange kube lula ukudlala indima yokujola nomuntu amhlonipha kangaka. “Ubhuti kababy Cele ongasekho emhlabeni umandla Cele sasingabangani abakhulu naye.
Ubaby Cele ngikhulele phambi kwakhe, ngimuhlonipha njengomuntu omdala, futhi ngimbona ku-tv.
"Okwangehlisa uvalo wukuthi uyawuhlonipha umsebenzi, akazange angibuke ngokuthi ngiyingane kodwa wavele wazikhululekela nje wenza umsebenzi,” kuchaza uthobani.
Le nsizwa esencane ikhala nangokulandelwa ngabesifazane abakhulile ngoba bazitshela ukuthi uthanda abantu abadala.
“Abantu abaningi abaqondi ukuthi kuyalingiswa, sebengithumelela imilayezo bezibika ngoba bezitshela ukuthi ngithanda abantu abadala,” kuqhuba yena.
Uthi kuyamjabulisa nokho ukusebenzela uzalo njengoba luqoshelwa ethekwini, okuyisekhaya kuye.
Ngaphandle kokulingisa uthobani uthi njengamanje umatasa udayisa incwadi yakhe esihloko sithi Boy Ntulikazi.
Uthi akakalilahli ithemba ngokuyobukisa ngayo emazweni angaphandle.
“Kulo nyaka ngagcina ngihlulekile ukuqongelela imali yezindleko zokuya phesheya kodwa ngonyaka ozayo ngizimisele ngokuphinde ngizame futhi,” esho.
Uthi le ncwadi yakhe iyatholakala ezitolo ezidayisa izincwadi.
Uvele abhoke ngolaka athi akudlalwa laphaya, ubonile ukuthi leya nto ibiyenzeka ngempela...