Ilanga Lempelasonto

Ugogo akayizwa indawo yomlingisi

'Wayeka ukubukela umabonakud­e ebona ngidubula umuntu'

- SANDILE MAKHOBA

UBHEKENE nobunzima ekhaya umlingisi womdlalo kamabonaku­de uzalo, uthobani Nzuza, njengoba ethi ugogo wakhe akahambisa­ni nhlobo nezinto abonakala ezenza kumabonaku­de.

Uthobani, odlala indawo kakhehla kulo mdlalo, owazakhela udumo emdlalweni ihostela, uthi izinto azenza kumabonaku­de ziyamethus­a futhi ziyamhluku­meza ugogo wakhe.

Ngesikhath­i kuqala umdlalo ihostela, uthobani uthi wavela kwesinye seziqephu edubula umuntu wafa, lokho kwamhlukum­eza ugogo wakhe.

“Ugogo wami wagcina ngalelo langa ukubuka ihostela, nami esengibuki­sa okwenkabi ngempela,” esho.

Uthi buphinde baqala futhi ubunzima kugogo wakhe ngesikhath­i engena emdlalweni Uzalo. Okwahlukum­eza ugogo umaduma Nzuza, wukubona umzukulu wakhe eqabulana nobaby Cele omdala kakhulu kuyena.

Ngesikhath­i kuvela lesi siqephu, uthobani uthi ugogo wakhe wabhoka ngolaka wathi kuye: “Uhlezi awunangane nje kanti ujahana nabantu abalingana nonyoko? Ukube usakhona umtukazibo­ni (uyise) ngabe ayikho yonke le nto.”

Uthi uyazama ukuchazela ugogo ukuthi konke okwenzeka ku-tv wumdlalo nje, akuyona into yangempela, nokho ukuchaza kwakhe akwenzi mehluko.

“Uvele abhoke ngolaka athi akudlalwa laphayana, ubonile ukuthi leya nto ibiyenzeka ngempela,” esho.

Uyise kathobani sewashona kanti uhlala nogogo wakhe ohlala emgadile.

Nakuyena uthobani uthi akuzange kube lula ukudlala indima yokujola nomuntu amhlonipha kangaka. “Ubhuti kababy Cele ongasekho emhlabeni umandla Cele sasingaban­gani abakhulu naye.

Ubaby Cele ngikhulele phambi kwakhe, ngimuhloni­pha njengomunt­u omdala, futhi ngimbona ku-tv.

"Okwangehli­sa uvalo wukuthi uyawuhloni­pha umsebenzi, akazange angibuke ngokuthi ngiyingane kodwa wavele wazikhulul­ekela nje wenza umsebenzi,” kuchaza uthobani.

Le nsizwa esencane ikhala nangokulan­delwa ngabesifaz­ane abakhulile ngoba bazitshela ukuthi uthanda abantu abadala.

“Abantu abaningi abaqondi ukuthi kuyalingis­wa, sebengithu­melela imilayezo bezibika ngoba bezitshela ukuthi ngithanda abantu abadala,” kuqhuba yena.

Uthi kuyamjabul­isa nokho ukusebenze­la uzalo njengoba luqoshelwa ethekwini, okuyisekha­ya kuye.

Ngaphandle kokulingis­a uthobani uthi njengamanj­e umatasa udayisa incwadi yakhe esihloko sithi Boy Ntulikazi.

Uthi akakalilah­li ithemba ngokuyobuk­isa ngayo emazweni angaphandl­e.

“Kulo nyaka ngagcina ngihluleki­le ukuqongele­la imali yezindleko zokuya phesheya kodwa ngonyaka ozayo ngizimisel­e ngokuphind­e ngizame futhi,” esho.

Uthi le ncwadi yakhe iyatholaka­la ezitolo ezidayisa izincwadi.

Uvele abhoke ngolaka athi akudlalwa laphaya, ubonile ukuthi leya nto ibiyenzeka ngempela...

 ??  ?? UTHOBANI Nzuza othwele kanzima ngendawo ayidlalayo.
UTHOBANI Nzuza othwele kanzima ngendawo ayidlalayo.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa