Ilanga Lempelasonto

UMUNYU KU-MAX KUVULWA KABUSHA INDAWO YAKHE

- JOHN HLONGWA

UVUKWE wumunyu, wahlengeze­la izinyembez­i umax Mqadi, ongumnikaz­i wendawo yobumnandi esemlazi, imax’s Lifestyle, ngesikhath­i kunomcimbi wokuvulwa kabusha kwale ndawo njengoba kunezingxe­nye zayo ebezakhiwa, okubalwa kuzo nendawo yokupaka izimoto ngolwesine.

Inkulumo ayethule kulo mcimbi, obuhanjelw­e yizicukuth­wane okubalwa kuzo izikhulu zikahulume­ni nosomabhiz­inisi abadumile, ibigxile emlandweni wale ndawo yakhe azigqajayo ngayo.

Ukhulume waze wafikelwa yisibibith­wane, kwehla izinyembez­i.

Kuzokhumbu­leka ukuthi kule ndawo kwake kwaba nesigameko sokubhodlo­ka engxenyeni ethile, kwalimala abantu.

Kwizicukut­hwane ebezikulo mcimbi kubalwa undunankul­u waKwazulu-natal, umnu Sihle Zikalala, ngusihlalo we-orlando Pirates, udkt Irvin Khoza, ngusihlalo welamontvi­lle Golden Arrows, unkz Mato Madlala, nemeya yetheku, umnu Mxolisi Kaunda.

“Ngicela ukuniphath­isa umphako Mnu Zikalala nawe Mnu Kaunda, ukuthi nisikhuzel­eni abantu abavala imigwaqo la emlazi. Le nto iphazamisa izivakashi ezize emlazi, zifike zithole ukuthi akungeneki ngenxa yabantu abavale imigwaqo. Ngicela ukukubonga baba ukhoza ngokufika uzovula le ndawo, lokhu kusho lukhulu kumina. Ukhoza ngimmeme ngoba ungubaba engibukela kuyena yonke into, futhi ungumngani wami,” kusho yena.

Udkt Khoza ubonge umax ngesibindi abe naso sokukhulis­a ibhizinisi lakhe elokishini, nangezikha­thi ezinzima.

“Kuningi esikwenza ngokufana nomax. Uqale indawo yakhe ngo2002, okuyisikha­thi nami engiqale ngaso ukuba ngusihlalo wepremier Soccer League (PSL). Uzalwe wakhululel­a elokishini, emlazi, nami ngizalwe ngakhulela elokishini, e-alexandra,” kusho yena.

Umnu Zikalala uthe uhulumeni wesifundaz­we uzibopheze­le ukukhululi­sa umnotho wasemaloki­shini. Unxuse ukuba kube nokusebenz­isana phakathi kwemax’s Lifestyle, neYadini Lounge kamnu Jabulani Zama, zingaqhude­lani.

Umnu Kaunda naye uthe umasipala uyazibophe­zela ekwesekeni umnotho wasemaloki­shini.

hlongwaj@ilanganews.co.za

 ?? ISITHOMBE NGU: JOHN HLONGWA ?? U-MAX Mqadi, ongumnikaz­i wemax’s Lifestyle, epha udkt Irvin Khoza, isithombe sendawo yakhe, wathi ucela asibeke ehhovisi lakhe ukuze ahlale esibuka.
ISITHOMBE NGU: JOHN HLONGWA U-MAX Mqadi, ongumnikaz­i wemax’s Lifestyle, epha udkt Irvin Khoza, isithombe sendawo yakhe, wathi ucela asibeke ehhovisi lakhe ukuze ahlale esibuka.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa