Ilanga Lempelasonto

SEBASTIAN JILI

-

NGABE WUSUKU LWAKHO LOKUZALWA NAMUHLA?

KUMELE ingqondo yakho uyiphoqe ukuba ibe nokuthula. Ungalinge uphawule ungazange ucabange kahle. Kumele wenze izinto ezizokujab­ulisa kodwa ungajabuli kuze kweqe. Uguquko luzofika uma sekufike isikhathi, kodwa nawe kumele uzimisele.

ARIES

UZOBONA sengathi uphila esikhathin­i seziviviny­o. Kuningi okuhle okwenzekil­e empilweni yakho, kodwa umqondo wakho ubuye ungagxili ngokugcwel­e kulokho.

TAURUS (April 20-May 20)

UNGABAVUME­LI abantu abazozama ukukuphind­isela emuva ngokucaban­ga kwakho. Zama ukugwema intukuthel­o nokwenza izinqumo ungaphathe­kile kahle. Izinkinga obona zikugqilaz­e kakhulu zimayelana nezezimali.

GEMINI (May 21-June 21)

ABANYE babheke usizo lwakho. Ungalinge uphile impilo yokuzidabu­kela. Kuzoba yisikhathi esimayelan­a noguquko olukhulu empilweni yakho. Uphatheka kabi uma kunabantu ongakwazi ukubasiza.

CANCER

IZINTO obucabanga ukuthi zizoletha uguquko empilweni yakho yizona ezibuye zikudalele ingcindezi. Ungazizibi izeluleko zabanye ngoba kukhona lapho zingakusiz­a khona. Kukhona izinto okungamele ube nesibindi kuzona.

LEO (March 21-April 19) (July 23-August 22)

UMQONDO wakho uzozwela kakhulu manje. Izinto obonayo ukuthi zingakufak­a ekukhulume­ni noma ngabe zenzeka kwezinye izimbangi zakho kumele uqhelelane nazo, ugxile ezintweni ezisemqoka kuphela.

VIRGO (June 21-July 22) (Aug 23-Sept 22)

LANDLELA uhlelo lokudla okunempilo. Abangani abangeke bakuse ndawo empilweni kumele ukhohlwe yibona. Abanye babuye babe nomhawu ngempumele­lo yakho, ngakho akumele uzihluphe ngokubanak­a kodwa baqaphele kuphela.

LIBRA (Sept 23-Oct 22)

AMANYE amazwi ngaphambi kokuba uwaphimise kumele uqale ucabangisi­se ukuthi angakuphat­ha kanjani uma eqondiswa kuwena. Yisikhathi sokuba asebenze ngempela manje amaqhinga okukhuphul­a isimo sakho sezomnotho.

SCORPIO (Oct 23-Nov 21)

IKUSASA lakho lisemathub­eni amahle okuqhakaza, kodwa ubuye ugajwe wubuvila esikhundle­ni sokugxila ezinhlelwe­ni ezisemqoka. Imibono yakho izoba nohlonze kwabathile. Isimo esikugqugq­uzelayo kumele ungaqhelel­ani naso.

SAGITTARIU­S (Nov 22-Dec 21)

UBUDLELWAN­O bakho nabathize kumele ubuqinise ngawo wonke amandla. Zitshele ukuthi ukusebenza ngokuzikha­ndla kuletha umvuzo ekugcineni. Ukuzimisel­a kuzokuthat­ha lapho ukhona kukubeke kwelinye izinga.

CAPRICORN (Dec 22-Jan 19)

IKHONO lakho akekho ongakwephu­ca lona ngakho kumele uzigqaje ngalo, uphinde ulisebenzi­se ngendlela efanele. Umdlandla uzokusiza uma ufisa ukunqoba empilweni. Yenza imisebenzi yakho ebonakala isalele kakhulu emuva.

AQUARIUS (Jan 20-Feb 18)

AMANYE amaphutha akho yiwona ajwayele ukukuholel­a ekukhathaz­ekeni. Zimisele ukwenza izinto ngendlela ehlukile engaheha abathile. Izimbangi zakho ungazinqob­a ngokufaka umfutho kokwenzayo.

PISCES (Feb 19-March 20)

UMBONO wakho kuzodingek­a uwuvikele ngamandla. Gwema izinto ezibukeka zinobungoz­i, wenze izinto ngokucophe­lela okukhulu. Wonke amaphutha kumele uwalungise, udlule kuwona.

 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa