Ilanga Lempelasonto

EZAMAFILIM­U:

-

ungakwazi ukuzilawul­ela yona njengoba enza iphutha lokungayif­undi imigomo nemibandel­a ngale foni egcina seyengamel­a nama- account akhe. Omunye umphumela walokhu wukwehlisw­a kwakhe nakulesi sigaba akuso emsebenzin­i ngoba lolu cingo luthumela umphathi wakhe ukai i- email lumphoqele­la ukuba amnyusele esikhundle­ni. Ingene ngolwesihl­anu olwedlule e- cinema. zowakha@ilanganews.co.za

LE ncwadi ebhalwe ngufaith Mbili idingida udaba olukhulu maqondana nalokho okumele kuqondwe ngumuntu wonke ngomshado. Yincwadi esingayifa­nisa nokuthi ngudokotel­a wemishado, osuhlangan­isiwe noma ongakahlan­ganiswa. Uma ephawula emazwini akhe okubonga kulowo nalowo mfundi oyithengil­e le ncwadi yakhe, qede wazinika ithuba lokuyibhek­a, uthi empilweni siyakhetha.

Uthi sikhetha izithandwa zethu esikholwa wukuthi azinaphuth­a ndawo, siyakhetha ukuthi senzenjani kuzona, senza nemithetho yempilo yethu futhi siyakhetha ukuyigcina noma ukuyephula. Siyakhetha ukuhlalela isimo noma ukushiya. Uthi kusemqoka ukuba ukhethe kahle futhi uma sewenzile kanjalo, namathela.

Uqhubeka aphawule ngokuthi lowo esicabanga ukuthi ngumaqonda­na ongenaphut­ha empeleni akabi yilowo muntu ebesicaban­ga ngaye - lokhu sikubona uma sesize sazinikela, sicabange ukuthi sebeguquki­le kodwa basuke bengaguquk­ile.

Leso naleso sahluko usendlalel­a ngokucaphu­na amazwi okuhlakani­pha naye awezwa eshiwo ngabanye abavelele. Ngaphandle kwalawo mazwi okuhlakani­pha, umbhali ukuvula amehlo ngokuthi bobabili osafuna ukuganwa kumbe no-seganiwe, ngeke bamthola umuntu abaphupha ngaye ngoba akekho. Futhi kunemvelo ekomunye engeke iguqulwe ngomunye. Kanjalo nokuthi kuvamile ukuba umuntu alindele ukuba kuguquke omunye kodwa yena angazinuki amakhwapha. Asenele lapha isikhala sokusho konke le ncwadi ekuthintay­o ngaso lesi sihloko esibalulek­e kangaka.

 ??  ?? UPHIL ungumlingi­swa ophambili KWIJEXI. Ngakwesoku­dla ngu-alexandra Shipp olingisa ucate.
UPHIL ungumlingi­swa ophambili KWIJEXI. Ngakwesoku­dla ngu-alexandra Shipp olingisa ucate.
 ?? ISITHOMBE NGABE: THE VERGE ??
ISITHOMBE NGABE: THE VERGE
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa