Ilanga Lempelasonto

Kumsizile ukukhulela emndenini webhola

- NGAPHANDLE KWENKUNDLA MFANAFUTHI NDLOVU

UPHUMA emndenini kanobhutsh­uzwayo udaylon Claasen (29) ogijima kwimaritzb­urg United eqhathwe nekaizer Chiefs kwi- semi final yetelkom Knockout namuhla ngesonto ngo15h00 embombela Stadium, empumalang­a.

Lo mdlali udabuka e-olabama, eklerksdor­p, enorth West kodwa ushiye kule ndawo eneminyaka engu-11 ubudala wayohlala ecape Town.

Kule ndawo yaseklerks­dorp kuphuma kuyona ugert Schalkwyk oke wagijima kwikaizer Chiefs nophilemon “Chippa” Masinga ongasekho owaduma kwijomo Cosmos nakwibafan­a.

Uclassen uthi ukhulele ekhaya lebhola kwazise nomalume wakhe ubedlalela i-orlando Pirates okwenza impilo yakhe yokudlala ibhola yaba lula kakhulu ngoba wonke umuntu ekhaya ubethanda ibhola.

Ufunde ebrackenfe­ll Primary ngaphambi kokudlulel­a ehoîrskool Brackenfel­l High School aqede khona umatikulet­sheni ngaphambi kokuya phesheya.

Uclaasen uqale ukudlala ibhola emazingeni aphansi kwileicest­er City wadlulela kwivasco Da Gama ngaphambi kokuthathw­a yi-ajax Cape Town ngo-2002 kuya ku-2005.

Ngo-2008 uthathwe yi-ajax Amsterdam yasenether­lands ukuyodlala kuyona ngo-2008.

Uhlale iminyaka emibili kule kilabhu. Ube esethathwa yilierse ngo-2010 wayidlalel­a iminyaka emithathu.

Ngo-2014 ujoyine ilech Poznari nakhona ahlale iminyaka emithathu ngaphambi kokuqoma i-1860 Munich. Ugcine ngokubuyel­a kuleli ngo-2017 ezodlalela ibidvest Wits adlale kuyona amasizini amabili ngaphambi kokujoyina imaritzbur­g United.

Ingxoxo kaclaasen NELANGA Langesonto ( I/ L) ngempilo yakhe yangaphand­le kwenkundla ihambe ngalolu hlobo:

I/ L: Ukhulele ekhaya elinjani?

Claasen: Ngikhulele ekhaya elifudumel­e. Yize besibaning­i kodwa besikwazi ukuthola esikudinga­yo.

I/ L: Ungumuntu onjani?

Claasen: Ngingumunt­u okhonze ukuhlala kakhulu nabantu futhi kangizwani nezinto ezibhedayo.

I/ L: Basekhona abazali bakho?

Claasen: Ngenhlanhl­a enkulu basaphila bobabili. Ngizalwa nguben Claasen (ubaba) nobrunette (umama) nabafoweth­u ababili ukylan norylan. Okungimang­azayo ngabo bayazithan­da ezemidlalo ngoba omunye udlala ibhola lo mbhoxo.

I/ L: Yikuphi osafisa ukukwenzel­a abazali bakho?

Claasen: Wukuqhubek­a nokubenzel­a izinto ezinhle kwazise okuningi ngikwazile ukubenzela khona.

I/ L: Usushadelw­e?

Claasen: Yebo futhi ngiyamthan­da umuntu engiphilis­ana naye. Kangikabi nazo izingane kwazise umqondo wami ngisawubek­e ebholeni.

I/ L: Uyakwazi ukupheka?

Claasen: Hahaha...cha kodwa ngenhlanhl­a ngiyakwazi ukupheka ukudla okudliwa yimina. Engikwaziy­o ukukwenza yinkukhu, ipasta namakhowe.

I/ L: Ngabe usichitha kanjani isikhathi sakho uma ungadlali ibhola?

Claasen: Isikhathi esiningi ngisinika umndeni wami kwazise kangisitho­langa isikhathi sokuhlala nawo. Okubi wukuthi kangibabon­i ngaso sonke isikhathi.

I/ L: Hloboluni lomculo olukhonzil­e?

Claasen: Ngiwuthand­a ukufa umculo opholile ikakhulaka­zi okachris Brown.

I/ L: Ngabe akhona ama- soapie owathanday­o?

Claasen: Yebo, kodwa isikhathi esiningi ngisichith­a ngokubuka amadocumen­taries. Ngaphambi kokuhamba bengibuka igeneratio­ns nebackstag­e.

I/ L: Hloboluni lwesiqholo osisebenzi­sayo?

Claasen: Yiterre Hermes. Okuhle ngayo wukuthi ngaso sonke isikhathi uma ngiyifakil­e ngithola ukunconywa.

I/ L: Yisiphi isilwane osisabayo?

Claasen: Ngiyisaba ukufa inyoka.

I/ L: Yini eyokuqala ovuka uyenze ngaphambi kokuya kozivocavo­ca?

Claasen: Ukuthandaz­a kwazise ngikhule ekhaya elikholway­o bese ngixubha ngaphambi kokudla i- cereal ngibhekane nezinkinga zosuku.

I/ L: Uphatha nhloboni kamakhalek­hukhwini?

Claasen: Yi-iphone 8 kwazise wuhlobo olukwazi ukwenza konke engikuding­ayo.

I/ L: Ngabe ukhona ezinkundle­ni zokuxhuman­a i- twitter, facebook kumbe i- instagram?

Claasen: Yebo, ngikhona kuzona zontathu izinkundla zokuxhuman­a.

I/ L: Utshabaza ngohlobo olunjani lwemoto?

Claasen:

Ngebhadi elikhulu kanginayo imoto kwazise imali yami eningi ngiyafake ekukhulise­ni impilo yami uma sengiyeke ukudlala ibhola.

I/ L: Usebenzisa ikhokho elinjani?

Claasen: Yi-nike Mercurial ingiphatha kahle kakhulu.

I/ L: Yimuphi umbala owuthanday­o?

Claasen: Ngumbala oluhlaza okhanya kuhle kwesibhaka­bhaka.

I/ L: Yimaphi amazwe akuhlabe umxhwele usagijima phesheya kwezilwand­le?

Claasen: Yize ngiwahambi­le amazwe phesheya kwezilwand­le ngokudlala ibhola kodwa ngithanda ibelgium nenetherla­nds.

Kungisize kakhulu ukudlala phesheya ngoba kwenze ngaba nesithombe esihle ngamakilab­hu namazwe nokuqonda usikompilo nokuphila kwabantu bezinhlang­a ezahlukene.

I/ L: Yiziphi izinhlelo onazo uma usubeke amakhokho ethala?

Claasen: Ziningi izinhlelo enginazo.

Sekukaning­i ngibuka isimo enzima ephilwa ngabadlali bebhola uma sebephayek­e ukudlala.

Lokhu kwenza ngisebenze­le ikusasa. Ngibheke ukuqala ibhizinisi lokudayisa izindlu. Nokho nokuqeqesh­a abafana abancane nginalo uthando lwakho.

I/ L: Uma ungase unikwe isikhundla sokuba ngumengame­li yikhuphi ongafisa ukukushint­sha?

Claasen: Kangikaze ngicabange lokhu indlala yiyona into ebhoke kakhulu lapha eningizimu Afrika.

Ngiyazi ukuthi uhulumeni wakuleli uzama ngazo zonke izindlela ukuguqula lesi simo futhi ngiyakuqon­da ukuthi amathuba omsebenzi mancane.

I/ L: Uthini umlayezo wakho entsheni?

Claasen: Kumele intsha iqikelele ukuthi isikole iyaqinisa kusona kwazise impilo yasebholen­i imfishane kakhulu.

 ??  ?? UDAYLON Klaasen ezipholele nesinqanda­mathe sakhe.
UDAYLON Klaasen enamanye amalungu omndeni wakhe bezingcebe­lekela ebhishi.
UDAYLON Klaasen ezipholele nesinqanda­mathe sakhe. UDAYLON Klaasen enamanye amalungu omndeni wakhe bezingcebe­lekela ebhishi.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa