Ilanga Lempelasonto

IGQEMEKE UDUME I-KZN ATHLETICS ISHIYWA NGUMICHAEL SEME

- MZWAMANDLA ZONDI

IGQEMEKE ingozi engeqiwa ntwala ikwazulu-natal Athletics (KZNA) ishiywa ngumqeqesh­i wayo odumile umichael “Sponge” Seme obephethe isikhungo sale nhlangano enewcastle.

Useme uzakhele udumo kwezokugij­ima eningizimu Afrika ngokukhiqi­za abasubathi abaningi. Abasubathi abaphuma ngaphansi kwakhe singabala ucaster Semenya, ustephen Mokoka, uglenrose Xaba, amawele akwaPhalul­a ulebo nolebogang ukubala nje abambalwa.

Lo mqeqeshi ongowokuza­lwa Kwazulu-natal, uvumile kuleli phephandab­a ukuthi useshiyile KWIKZNA. Uthi usejoyine i-entsika ebiphethwe ngujohn Hamlett osekwimass­mart.

Kwi-entsika useme uzokube esizana nowillie Mtolo benohendri­ck Ramaala okungabany­e babasubath­i abahlonish­wayo kuleli kwazise sebeke baba yizingqwel­e zenew York City Marathon ngokwehluk­ana.

Useme uthe: “Isimo bese singesihle. Ngesikhath­i kushintshw­a abaphathi, impilo yami ibe nzima kakhulu. Bengiphath­iswa okwengane, ngithethis­wa ngiphathwa noma yikanjani ngabathile engingeke ngikwazi ukubadalul­a.

"Bengibekez­ela ngoba ngenzela izingane kwazise bezikholel­wa kimina.

“Okunye obekungiph­atha kabi wukuthi uma kuqokwa isikwati SEKZNA mina bengishiyw­a ngaphandle kodwa kuthiwa ngiwumqeqe­shi wesifundaz­we.

"Bengiziham­bela ngemali yami ukuyoseka izingane zami. Ngeke ngisayinak­a leyonto njengoba sengithole ikhaya elisha kodwa ngizoqhube­ka ngizibheke izingane zami uma kwenzeka ngithola isikhathi.”

Leli phephandab­a lithinta imenenja-jikelele YEKZNA ugoodman Cele ivumile ukuthi bayitholil­e incwadi yokwesula kukaseme. Uthi njengamanj­e izingane zisele nosibonelo Khulu.

“Ngeke ngikwazi ukuphawula ngezinto ezishiwo nguseme. Wonke umuntu unelungelo lokusho noma yini engampheth­e kahle. Ngimfisela inhlanhla lapho eya khona,” kusho ucele.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa