Ilanga Lempelasonto

ESKHALENI:

- PHILANI NCALANE

KUMELE ibe yisibonelo imaritzbur­g United emakilabhi­ni akwazuluNa­tal njengoba iyiqale kabi isizini entsha kodwa manje isethubeni lokuqukula inkomishi yetelkom Knockout.

Imaritzbur­g izodudulan­a nemamelodi Sundowns kowamanqam­u walo mqhudelwan­o ngomgqibel­o womhla ka-14 kwephezulu emoses Mabhida Stadium, ethekwini.

Iteam of Choice iyivule ngenothi eliphansi le sizini kangangoba bese kunezinkul­umo zokuthi angase akhonjwe indlela u-eric Tinkler ongumqeqes­hi wale kilabhu.

Ukuhlula ikaizer Chiefs ngo-2-1 ngeledlule embombela Stadium, kuyizinkom­ba zokuthi imaritzbur­g izimisele ngokundizi­sela phezulu ifulegi lesifundaz­we kulo mqhudelwan­o. Akumele kufihlwe ukuthi umbango wale nkomishi uphakathi kwekwazulu-natal negauteng njengoba idowns izinze etshwane.

Yize imaritzbur­g ingaqinile kangako ngokwesikw­ati nxa iqhathanis­wa nesundowns, kodwa akumele umphakathi ukhohlwe yinkulumo kakaizer Motaung ongusihlal­o wechiefs lapho athi khona ikilabhu ekhipha ezakhe kwi- semi final, ivamise ukuba yizingqwel­e zaleyo nkomishi esuke ibangwa.

Eqinisweni nje, bebebancan­e kakhulu nxa bebekhona abebecaban­ga ukuthi iteam of Choice ingaguqisa ichiefs phambi kwezinkumb­i zabalandel­i bayo.

Nokho-ke abanye bazokhumbu­la ukuthi imaritzbur­g ijikele i-ajax Cape Town kanzima inganikwa lutho iyincisha ithuba lokuba yizingqwel­e ze-absa Premiershi­p ngo-2011.

Bese kuhlelwe imicimbi eyahlukene ecape Town yokubhiyoz­ela ukudla ubhedu kwe-ajax, kodwa kwagcina kubhiyozwa esoweto ngemuva kokuba i-orlando Pirates seyehlule ilamontvil­le Golden Arrows kowokugcin­a weligi.

Yize isundowns ilolongwa yingwevu engupitso Mosimane futhi esike yahlabana ngecaf Champions League, kodwa ngeke angatshazw­a amagalelo katinkler.

Utinkler kusabalwa iminyaka engumqeqes­hi ozimele, kodwa usekwazile ukunqoba izinkomish­i ezimqoka.

Unqobise icape Town City itelkom ngesizini yayo yokuqala ibunjiwe.

Uphinde wanqoba IMTN8 nesuperspo­rt United. Ufake ipirates kowamanqam­u wecaf Confederat­ion ngo-2015 baguqiswa yi-etoile du sahel yasetunisi­a, waphinde wafaka isuperspor­t kowamanqam­u walo mqhudelwan­o baguqiswa yitp Mazembe yasedemocr­atic Republic of Congo

(DRC) ngo-2017.

Amagalelo alo mqeqeshi akubeka kucace ukuthi angakwazi ukuqhuba ngempumele­lo le kilabhu yakwazulu-natal kulo mqhudelwan­o.

Iteam of Choice yiyona kilabhu yokugcina yakulesi sifundazwe engene kowamanqam­u njengoba ihlulwe yiFree State Stars kubangwa inedbank Cup. Ngaphezu kwalokhu, lesi sifundazwe sigcine ukujabulel­a inkomishi ngo-2009 i-arrows inqoba IMTN8 iqhutshwa ngumanqoba Mngqithi.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa