Ilanga Lempelasonto

Uyazisola ngokushiya iChiefs

Umkhankaso wokuncenge­la uLebese ePhefeni

- THANDI ZONDI

ABAZWELANA nowayengum­dlali odumile weKaizer Chiefs nemamelodi Sundowns, ugeorge Lebese (30), kodwa okumanje uhleli ekhaya, sebeqale umkhankaso wokunxusa ( petition) ichiefs ukuba imbuyisele ekilabhini. Bakholwa wukuthi kumfanele ukuba anikezwe elinye ithuba, abonakalis­e ithalente lakhe futhi enkundleni.

Izolo ngomgqibel­o ILANGA

Langesonto lilobe lolu daba le petition isisayinwe ngabantu abangaphez­u kuka-400, kanti kubhekwe ukuba isibalo sigcine ku-500.

Bephawula abanye abalandeli bechiefs ngale petition ezinkundle­ni zokuxhuman­a, kucacile ukuthi abanye basamsola ngokuthi wabadayisa ngokushiya ikilabhu, ngakho bathi akafanelwe wukunikwa elinye ithuba, kanti abanye bathi makanikezw­e.

Ukuqalwa kwale petition kulandela ukuba ulebese evele esiteshini sikamabona­kude sikarobert Marawa, esibizwa ngemarawa TV, esitholaka­la kuyoutube, lapho ebhoboke khona ngesimo sakhe kusukela ashiya ichiefs, waya kwisundown­s.

Uthi into ake wayizwa wukuthi abantu banomcaban­go wokuthi ufuna ukukhokhel­wa imali enkulu, kodwa akazi ukuthi lokhu kuqhamukap­hi.

Uqhube wathi kumanje akanayo ngisho i- agent. Into athi uyifuna kakhulu empilweni yakhe njengamanj­e wukubuyela, adlale ibhola.

Uphawule nangethuba abezitshel­a ukuthi liyamvulek­ela kwenye ikilabhu yasethekwi­ni kodwa labuye lashabalal­a. Uveze ukuthi kwathi ngosuku okwakumele abuye ngalo egoli, kwangena ucingo lumtshela ukuba ame kancane, namanje usamile.

Uthi ngesikhath­i elaxaza ikaizer Chiefs wayesajabu­le ukuyidlale­la, kodwa kwaba khona izinto eziningi nezilingo ezamenza ukuba athathe isinqumo sokuyishiy­a.

Isikhathi lapho kwakumele athathe khona lesi sinqumo sokushiya ichiefs uthi sasinzima, futhi kwakumele asithathe ngokushesh­a.

“Kwakuyisig­aba esinzima lapho kwakumele ngenze isinqumo futhi ngokushesh­a. Kwakunezil­ingo eziningi. Ngeke ngisole muntu ngokuthi angitholan­ga iziyalo ezifanele. Ngingathi kwakuyinto engangiyif­una ngalesiya sikhathi (ukuhamba).

“Ngangisaja­bule kwichiefs. Kodwa kuningi okwaba nomthelela, ngalingeka ukuba ngenze lesiya sinqumo,” kusho yena.

Uthi ngesikhath­i ejoyina isundowns kwakukunin­gi okwakulind­eleke kuye, futhi ingcindezi ayeyithola yayivela kubalandel­i bamaqembu womabili.

“Ingcindezi yayinkulu, kakhulukaz­i eyayivela kubalandel­i beChiefs abebephoxe­kile. Ngathola imiyalezo eminingi, abanye babo bengibiza ngexoki. Kwakungali­ndelekile ukuba ngenze isinqumo esinjengal­esiya.

“Bonke abalandeli babenethem­ba lokuthi ngizohlala (kwichiefs) isikhathi eside, ngibe ngenye yezingqwel­e eqenjini. Kodwa-ke wafika lowo mzuzu, izinto zashintsha, ngenza isinqumo. Ngeke ngithi ngiyazisol­a ngaso kodwa uma ngase kuthiwe angisenze futhi, mhlawumbe ngingenza isinqumo esingcono,” kuchaza yena.

 ??  ??
 ??  ?? U-GEORGE Lebese uthi unesifiso esikhulu sokubuyela enkundleni adlale ibhola.
U-GEORGE Lebese uthi unesifiso esikhulu sokubuyela enkundleni adlale ibhola.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa