Ilanga Lempelasonto

UNomzamo ukhuza ibuya kwiSibaya

Unomzamo useqalile ukuqopha iziqephu ezintsha zalo mdlalo

- SANDILE MAKHOBA

SIKHUZA ibuya emdlalweni kamabonaku­de isibaya, isilomo somlingisi esesinesik­hathi sinyamalel­e kulo mdlalo.

Unomzamo Mbatha odlala indawo kathandeka Ndlovu, kuthiwa useqalile ukuqopha kulo mdlalo.

Abalandeli balo mdlalo baqaphelil­e ukuthi sekunesikh­athi eside engabonaka­li kulo mdlalo njengoba esechitha isikhathi esiningi e-united States of America (USA), lapho ethole khona amadlelo aluhlaza.

Muva nje, unomzamo ube ngundabaml­onyeni eningizimu Afrika ngesikhath­i kuvela ukuthi uthole umsebenzi wokulingis­a kwifilimu yamahlaya yase-usa, icoming 2 America, eqoshelwa ehollywood, okulingisa kuyo nosaziwayo abadume umhlaba wonke.

Ukunyamala­la kwakhe isikhathi eside kwisibaya nokuthola amadlelo aluhlaza E-USA kuqubule amahlebezi okuthi useyashiya kwisibaya.

Omunye umthombo WELANGA

Langesonto ongaphakat­hi kulo mdlalo utshele leli phephandab­a ukuthi impela unomzamo useqalile ukuqopha.

“Noma ngingazi ukuthi uzovela nini ku-tv kodwa sekuseduze ngoba lonke leli sonto ubeshutha,” kusho umthombo.

Okhulumela umzansi Magic, okusakazwa kuwo isibaya, u-irvin Pooe ukuqinisek­isile ukuthi unomzamo uzobonakal­a maduze kulo mdlalo.

Phambilini umzansi Magic ukuqinisek­isile kuleli phephandab­a ukuthi unomzamo uyohlale enendawo yakhe kulo mdlalo osufana nekhaya kuye.

Khonamanja­lo kuwona lo mdlalo kuthiwa kuyaphela ngomlingis­i odlala indawo yephoyisa elingumses­hi umocumi, ogama lakhe langempela ngumalome Phiri.

Leli phoyisa elafika kulo mdlalo laziwa njengomses­hi ongahlanga­ni nenkohlaka­lo, manje livela njengomunt­u okhokhelwa ngabakwang­wenya ukulwa nozungu.

Umthombo uthi isenzo sikamocumi sokuhlukum­eza umndeni kazungu sizoholela ekudutshul­weni kwakhe bese kuyaphela ngaye kulo mdlalo.

Akathandan­ga ukuphawula ngale ndaba kamocumi upooe. Uvele wathi abantu abaqhubeke babuke Isibaya ukuze bezothola okuthe xaxa.

Kulindelek­e ukuba zishube izinto kulo mdlalo njengoba ekuqaleni konyaka ozayo kuqala isizini entsha. Ngaphandle kukamocumi akukakacac­i ukuthi ngobani abanye abazodliwa yizembe uma kuphela le sizini.

 ??  ??
 ?? ISITHOMBE: TWITTER / NOMZAMO MBATHA ?? UNOMZAMO Mbatha ongusaziwa­yo odumile emidlalwen­i kamabonaku­de.
ISITHOMBE: TWITTER / NOMZAMO MBATHA UNOMZAMO Mbatha ongusaziwa­yo odumile emidlalwen­i kamabonaku­de.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa