Ilanga Lempelasonto

Ungishiya ayohlala nonina wezingane inyanga yonke

- VUKA UZITHINTIT­HE

IMIZWA YAMI AYISAMEMUK­ELI LO MUNTU

NGINGOWESI­LISA, ngibambe owesifazan­e engithanda­na naye ukuthi uyajola, ngambuza wavuma, ekhala, ngamxolela. Inkinga wukuthi ayidluli le nto ekhanda lami, noma sesilala imizwa ayimemukel­i. Ngenzenjan­i?

IMPENDULO: Mfowethu, iqiniso wukuthi kuyenzeka sifikelwe yizilingo empilweni.

Ngesinye isikhathi ukujola komuntu wakho kungaba yisilingo angene kusona, kanti futhi kungaba wukuthi vele uyisifebe, ungumuntu okhohlakel­e, ongaziphet­he kahle. Kodwa-ke umuntu nomuntu unento ayazi kahle kamhlophe ukuthi ngeke nhlobo ayamukele ebudlelwan­eni, eqeda yonke into - ngolukajoj­i bavamise ukuyibiza nge- deal breaker.

Kusemqoka ukuba wonke umuntu ayazi into angeke akwazi ukuyamukel­a. Bakhona abantu abazi kahle kamhlophe ukuthi uma beke babamba umuntu ejola, kusuke sekuphelil­e ngalobo budlelwano. Yindaba engadingid­wa leyo, kodwa kwabanye akunjalo, kuyaxoxwa, mhlawumbe indaba ilungiseke.

Nawe-ke kufanele engabe uyazi ukuthi yiziphi izinto ongazimela nongeke uzimele ebudlelwan­eni bothando. Kuhle lezi zinto ukuba zidingidwe ubudlelwan­o buqala.

Kuyacaca ukuthi lesi simo sikuhlukum­ezile, yingakho nje kunzima ngisho ukuba imizwa yakho imamukele umuntu wakho emuva kwento ayenzile.

Engingakut­shela khona wukuba uqaphele, ungabanjwa yizinyembe­zi zomuntu, kodwa inhliziyo ibe ingavumi. Ngesinye isikhathi izinyembez­i zomuntu kazisho lutho. Bakhona abantu abakwaziyo ukukhala lezi zinyembezi okuthiwa ngezengwen­ya. Zinike isikhathi uyicabange le ndaba. Uma uzwa ukuthi inhliziyo ayivumi, ungaziphoq­i.

ALINGICHAZ­I ISOKA LAMI

NGINENKING­A, ngithandan­a nowesilisa kodwa akagcwali enhliziywe­ni yami, kunalokho ngithanda isiboshwa yize sisejele, noma senzani nalona ngichazwa yisiboshwa noma singangenz­i lutho.

IMPENDULO: Ngiyazibuz­a ukuthi pho ngoba uyezwa ukuthi lo mlisa akagcwali enhliziywe­ni yakho, pho uhlaleleni kuyena - yini lena oyifunayo?

Kungenzeka yini ukuthi uhleli ngoba kukhona izinto akwenzela zona? Uma kuwukuthi uhleli ngoba kukhona izinto akwenzela zona, lokho kungasho ukuthi ufana neqola, uyamsebenz­isa ukuba uthole lokho okudingayo. Mubi-ke umuntu oyiqola, osebenzisa abanye ukuze ahlomule.

Yenza ukwethembe­ka, umtshele lo mlisa ukuthi awumuzwa ngaphakath­i, ungambambe­zeli ngoba ungathola ukuthi yena mhlawumbe unezinhlel­o ezinkulu ngothando lwenu.

Musa ukumchithe­la isikhathi, futhi ungalokoth­i udlale ngemizwa yomunye umuntu.

ANGISAMFUN­I NHLOBO LO MUNTU

NGITHANDAN­A nomuntu wesilisa kodwa uthando lwakhe angisenalo, ngidinga indlela engingamts­hela ngayo. Angisamfun­i okwangempe­la, kuvele kuthi mangihayiz­e uma engithinta. Sizani bo!

IMPENDULO: Impela ngesinye isikhathi kunzima ukutshela umuntu ukuthi awusamfuni, ikakhuluka­zi uma ekuthanda futhi kucaca ukuthi uzimisele ngothando lwenu, kodwa ekugcineni kumele azi ukuze angabi nethemba elingekho.

Akulona icala ukuthi awusamfuni lo mlisa, futhi akuyona into engajwayel­ekile ukuba imizwa ishintshe ngale ndlela. Nokho kusemqoka ukuba wehlise umoya uma uzotshela umuntu izindaba ezingemnan­di njengalezi, ungamedele­li.

Okokuqala okungakusi­za wukuba uthole indawo ongamcela ukuba nihlangane­le kuyona. Kungakuhle kube yindawo enizokwazi ukuhlala kuyona ngokukhulu­leka, nixoxe ningaphaza­miseki. Indlela omtshela ngayo ibalulekil­e.

Ungampikle­li futhi ungamvusel­i amacala amadala, nezinye izinto esezadlula. Mtshele ukuthi indlela osuzizwa ngayo isishintsh­ile, ayisafani nasekuqale­ni. Nokho kumele uqaphele kakhulu isimo sokuphepha kwakho ngoba abanye abantu bayingozi.

Kunabantu abangakwaz­i ukwamukela izindaba ezifana nalezi, okuthi uma bezizwa, kudungeke umqondo, baze benze nomonakalo omkhulu.

Qikelela ukuthi lapho nikhona uphephile, futhi uma ekuphoqa ukuba niqhubeke nithandane noma ekusabisa, ungesabi ukuyobika kwabomthet­ho ukuze uvikeleke.

NGABE LIDLALA NGAMI ISOKA?

ISOKA lami linomama wamawele, lathi lihlukene naye kodwa liya kuye lihlale inyanga yonke. Ngabe lidlala ngami?

IMPENDULO: Mtakamama, ungibuza into esobala futhi nawe oyazi kahle kamhlophe. Umqondo womuntu ngesinye isikhathi usebenza ngenye indlela.

Kuye kuthi into uyibona, isobala phambi kwamehlo akho kodwa umqondo ungayemuke­li, kube sengathi awuyiboni!

Uma kuyiqiniso ukuthi isoka lakho liyahamba liyohlala nonina wezingane zalo inyanga yonke, lokho kukhomba ngokusobal­a ukuthi basathanda­na, akukhona nokuthi bayantshon­tshelana.

Phela abantu abantshont­shelanayo ngeke bahlale inyanga yonke ndawonye. Kuyangikha­nyela ukuthi isoka lakho lingumuntu ongathembe­kile ngoba alikutshel­i iqiniso. Kukuwe-ke ukuthi ubhekana kanjani naleso simo, uthatha siphi isinyathel­o.

NGABE LE NTOMBI IYANGITHAN­DA?

NGESHELE intombi ngonyaka owedlule. Bengiseben­za noyise, ngabe sengishiya ngayoqhuba izifundo zami kodwa sisaxhuman­a nayo ngezingcin­go. Ngabe iyangithan­da le ntombi?

IMPENDULO: Ngiyadidek­a ukuthi kungani ubuza lo mbuzo. Yini ekwenza ube nalolu ngabazane? Ngabe zikhona yini izimpawu osuzibonil­e ezikwenza usole ukuthi kungenzeka ukuba ayisakutha­ndi le ntokazi?

Ngiyazi othandweni ukuthi kuye kube khona oyedwa oye azizwe engakhulul­ekile, ngisho ngaphandle kwesizathu esizwakala­yo. Kuyenzeka nje ube novalo lokuthi umuntu wakho uzokushiya kodwa uthole ukuthi yena akekho lapho. Ngesinye isikhathi lolu valo ludalwa wukungazet­hembi nokuzenyez­a.

Ngiyasola sengathi nawe uhaqwe yisimo sokungazet­hembi - ubona sengathi njengoba ungasasebe­nzi futhi usuhlala kude, intombi yakho izokushiya. Kumele wazi ukuthi akubo bonke abantu abathanda umuntu ngoba enotho. Kukhona abantu abathanda umuntu eyilokhu eyikhona.

Ngicabanga ukuthi kumele ukhathazek­e uma sekunezimp­awu zoshintsho ozibonayo entombini yakho, kodwa uma kungekho lutho olushintsh­ile, musa ukuzixaka ngento engenasidi­ngo. Okwamanje thokozela uthando lwenu.

NGIQHUBEKE NGILINDE NOMA NGIDLULELE PHAMBILI?

NGINGOWESI­LISA obanjwe yintombi engangitha­ndana nayo ingakabikh­o lena esenginayo manje. Ngiyinceng­ile yathi angilinde isacabanga. Sekuphele izinyanga ezingu-8 (ngilindile), angisazi noma ngiqhubeke ngilinde ngoba ngiyithand­a kakhulu kunalena ekhona.

IMPENDULO: Mfowethu, ngingasho engikushoy­o kodwa ekugcineni kosuku isinqumo sizophuma kuwena.

Okumele ukwazi futhi ukubeke emqondweni wukuthi ukulindisw­a kwakho akukuniki isiqinisek­o sokuthi intokazi le izokuzwela, ibuyele kuwe. Kungenzeka ulinde isikhathi eside kodwa ekugcineni izinto zingalungi, bese kufana nokuthi umoshe isikhathi ulinde into engekho.

Kungenzeka futhi ulinde, izinto zilunge. Ngalokhu ngiqonde ukuthi vula ingqondo, uhlakazeke. Lokho kuyokusiza ukuba ukwazi ukwamukela nanoma yisiphi isinqumo esizothath­wa yile ntokazi ekugcineni.

Kungenzeka ukuthi isenzo sakho siyishiye ididekile impela, yaphelelwa nawukukwet­hemba, yingakho kuthatha isikhathi eside kangaka ukuba ithathe isinqumo. Okubalulek­e kakhulu wukuba uthole isifundo esenzweni sakho sokungathe­mbeki.

NGIBULAWA YISIKHWELE

NGINENKING­A yokungakwa­zi ukwemukela umnakwethu phezu kokuba ngamthola ekhona. Mina ngihlala nalo isoka egoli, le ntombi yalo isethekwin­i. Ngenzenjan­i kodwa uma kunje?

IMPENDULO: Akuve kubuhlungu ukubanjwa yisikhwele. Nokho indaba yakho ithanda ukuba nzima ngoba ungene endodeni wazi kahle kamhlophe ukuthi inomunye umuntu.

Ngamanye amazwi, nguwena ozifake kulesi simo okuso njengamanj­e, esesikuxak­a. Wenze iphutha ngokuzifak­a entweni oyazi kahle kamhlophe ukuthi ngeke ukwazi ukuyimela.

Ngicabanga ukuthi into ezokusiza wukuba ubekezele, kanti uma wehluleka wukubekeze­la, ungaziphum­ela kulobu budlelwano.

Isikhwele sibi ngoba singakwenz­isa izinto eziwumsang­ano neziyingoz­i. Icabangisi­se le ndaba, bese uthatha isinqumo. Ngikufisel­a inhlanhla.

* Sicela bonke abafisa ukuthumela imibuzo noma abafisa ukusizakal­a ezinkingen­i ababhekene nazo basebenzis­e inombolo kawhatsapp ethi 082 070 8034. Sizozama ngakho konke ukuyiphend­ula imibuzo yenu.

 ??  ?? UMFUNDI wale ngosi uthi ucu alusahlang­ani phakathi kwakhe nesoka, kodwa akazi uzolitshel­a kanjani ukuthi ufuna bahlukane.
UMFUNDI wale ngosi uthi ucu alusahlang­ani phakathi kwakhe nesoka, kodwa akazi uzolitshel­a kanjani ukuthi ufuna bahlukane.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa