EZAMAFILIMU:
SINGALULINDELA lolu hlobo lwamafilimu ngalesi sikhathi sonyaka njengoba ayaye ande, akhuluma ngezinto ezihambisana nokhisimusi. U-kate uzisebenzela esitolo esidayisa izinto zikakhisimusi njengemihlobiso unyaka wonke elondon.
Izinqumo azithathayo zimholela ophathe ngaso sonke isikhathi nokuthinta nempilo yakhe imbala. Njengamanje akanakhaya njengoba exoshwe ngabehlala naye eflethini.
Ukuhlangana kwakhe notom kushintsha izinto nakuba engamkholwa ngokuphelele ukuthi uyile nto abonakala eyiyo ngempela lo mlisa. Khona lapho ukhohlwa wukukhiya esitolo nokuholela ekugqekezweni kwaso, okumxabanisa nomphathi wakhe ambiza ngosanta. Ukungabi nandawo yokuhlala kuyaphoqa ukuba abuyele la kuhlala khona abazali bakhe nabo abanezabo izinkinga njengoba bengabokufika, bedabuka eyugoslavia. Unina uziphathelwe yingcindezi kanti noyise, obengummeli phambilini, useshayela amatekisi njengoba engakwazi ukuqhuba lo msebenzi wobumeli elondon.
Ukuhlangana kwakhe nokuchitha isikhathi esiningi notom kuyayishintsha impilo yakhe, nenhliziyo ngokunjalo njengoba kukhona nalapho elekelela abahlwempu ngokubaqoqela ezikhala kahle zikakhisimusi.
Kuba kubi uma esethola ukuthi utom ndini akasekho emhlabeni uma ethi uyombheka la ehlala khona. Shona khona-ke nawe uyozibonela nesiphetho njengoba ingene ngolwesihlanu e- cinema.
zowakha@ilanganews.co.za
NGEMPELASONTO edllule yomhlaka-29 kulwezi (November) kuya lulunye kuzibandlela (December), kuqhwakele esiqongweni IPLAYING WITH FIRE ngokubukwa ema- cinema.
Khumbula njalo ukuthi lolu luhlu lwayishumi aphambili lusetshenziswa ngama- cinema ukunquma ukuthi yimaphi amafilimu abazowagcina futhi bawagcine isikhathi esingakanani nokunqunywa wukubukwa kwayo. I-JOKER isamile ekubeni phambili ngokufaka imali (R23 984 380) kanti imi kanje ITOP 10 ephelele:
1. PLAYING WITH FIRE
2. 21 BRIDGES
3. CHARLIE’S ANGELS 4. MALEFICENT: MISTRESS OF EVIL
5. FORD VS FERRARI
6. KNIVES OUT
7. JOKER
8. COUPLES NIGHT
9. JEXI
10. ABOMINABLE