Ilanga Lempelasonto

Bazimisele ukulwela ilungelo legama

Umasipala umhlathuze uthi bazocubung­ula ngokuliseb­enzisa

- LUCKY CAIN

UMASIPALA umhlathuze, osembangwe­ni wegama obekubizwa ngalo umcimbi omkhulu wokuhlukan­isa unyaka, obudume ngelast Dance, usamile ekutheni unelungelo lokusebenz­isa leli gama.

Kuleli sonto lo masipala uchithwe yinkantolo enkulu yasethekwi­ni, ekhiphe isinqumo sesikhasha­na sokuba ungalisebe­nzisi leli gama. Umasipala usembangwe­ni waleli gama nomnu Sipho Ndaba, wembawula Investment­s, obehlela umcimbi waphambili­ni ilast Dance Music Festival, ubusunemin­yaka wenzelwa emhlathuze.

Uthi (umasipala) nakuba uzosihloni­pha lesi sinqumo senkantolo, kodwa ukubeka kucace ukuthi isinqumo esiwujuqu ngaleli gama kasikaphum­i.

Lo masipala obubambe isigcawu sabezindab­a ngolwesihl­anu ethekwini, uthe manje bazowubiza ngokuthi umhlathuze NYE Festival umcimbi wanonyaka.

Umnu Mdu Mhlongo, oyimeya yalo masipala ngesikhath­i ekhuluma kulesi sithangami, uthe isinqumo senkantolo ngesomcimb­i walo nyaka kuphela, sisazophum­a isinqumo esiwujuqu lapho kuzocaca ngokusobal­a ngelungelo laleli gama.

Uthe bewumasipa­la batshale imali enkulu emcimbini welast Dance, ngakho akulula ukuba baliyekele kanjalo leli gama. Nokho uthe ngeke angene agxile kulolu daba kwazise lusezitheb­eni zenkantolo.

Umnu Mhlongo uthe umasipala uzokwenza lo mcimbi ngokubambi­sana nethimba elibizwa nge035 Experience, elihlangan­isa abasemkhak­heni wezokungce­beleka, usihle Mvuyane owaziwa ngelikadj 15, unqobani Gumede owaziwa ngelika-amenisto nothabani Mjadu owaziwa ngelika-ankel.

Laba kuthiwa yibona abanikwe igunya lokuhlela umcimbi wanonyaka njengoba sebewaqali­le amalungise­lelo. Imeya icacise ngokuthi laba banikezwe ithuba lokuhlela lo mcimbi kulo nyaka ngenhloso yokuzibona­kalisa.

“Uma bewenze ngendlela esigculisa­yo siwumkhand­lu, sizobuyeke­za isinqumo, sibanike inkontilek­a yeminyaka emithathu,” kusho imeya.

Imeya iphinde yathi uma kwenzeka belinqoba icala bazohlanga­na badingide ukuthi babuyela kwelelast Dance noma baqhubeka nomhlathuz­e NYE Festival.

Ikuchithil­e ukuthi phakathi kwezinto ezenze bangaqhube­ka nenkampani abafakane nayo enkantolo, kukhona nenhlese yepolitiki, kodwa yavuma ukuthi ike yawezwa amahlebezi afaka inhlese yepolitiki kulolu daba.

Abe-035 Experience bathembisa ukwenza into esezingeni kwazise kabaqali ukuhlela imicimbi. Bathi phakathi kwabaculi abazonandi­sa kubalwa ukhuzani, Okmalumkoo­lkat, Culoe De Song, Kwesta, Tipcee, TNS, Professor, Zakwe, Dladla Mshunqisi,

Nomcebo Zikode (Jerusalem), nabaculi bendawo. U-ankel uthe uhlu lwabaculi kalukaphel­eli njengoba besenezing­xoxo nabanye. Imeya iphethe ngokuthi izinhlelo zangosuku lukancibij­ane kazikaphot­hulwa njengoba besanezing­xoxo nabaxhasi.

 ??  ?? UMNU Mdu Mhlongo oyimeya yasemhlath­uze abasembang­weni wegama ilast Dance, udaba lwabo oseluze lwafakwa enkantolo.
UMNU Mdu Mhlongo oyimeya yasemhlath­uze abasembang­weni wegama ilast Dance, udaba lwabo oseluze lwafakwa enkantolo.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa