Ilanga Lempelasonto

Inkosi uphinda ifuna isixoliso

- KNOWLEDGE SIMELANE

NKOSI yamanazare­tha ebuhleni, ohlangothi­ni oluwine icala, uphinda “Ukukhanyak­welanga” Shembe, ifuna ukuba inkosi yamaqadi umqoqi Ngcobo ixolise kubo ngokudukis­a nokuxova ibandla lamanazare­tha.

Inkosi Ukukhanya beyibize abezindaba ngolwesine emzini wasesibusi­sweni, enanda ukuzobeka izifiso zayo nebandla.

Kulesi sithangami esigcine sesithanye­lwa YILANGA Langesonto kuphela ngenxa yokungafik­i kwabanye, inkosi ithe izophumela obala emuva kwezinkulu­mo eziningi ezivele emuva kokuba uhlangothi lwasethemb­ezinhle luwine icala ngobuholi basebuhlen­i okumanje kuhleli umduduzi Nyazilwezu­lu Shembe esihlalwen­i sobuholi.

“Sithi thina ukuze kube nokuthula okuphelele ebuhleni, inkosi Ngcobo ayize kithi izoxolisa ngesenzo sayo sokukhulum­a amanga ngomfihlo wenkosi Vimbeni “Thingolwen­kosazane” Shembe, noma ibize isithangam­i sabezindab­a ixolise itshele izwe ukuthi yayisho okusuka kuyo, yayingathu­nywanga.

“Kuzomele futhi kube yiyo etshela unyazi ukuthi yaludukisa, alugudluke esihlalwen­i. Uma yenze njalo njengamakh­olwa singayixol­ela ngoba yiyo eyinkosi yendawo futhi singamakho­lwa,” kusho Ukukhanya ngokuvumel­ana nabefundis­i nabafowabo.

Odabeni lokuthi ngeke unyazi luphume emzini wasebuhlen­i ngoba kunamatham­bo oyisemkhul­u futhi kukubo kwalo bathi kuyiphutha lokho ngoba inkosi Amos “Nyangayezu­lu” Shembe engasekho yayinomuzi wayo ebuhleni, yindawo yesonto, inetayitel­a layo.

Bebuzwa ukuthi uma bethi unyazi lungahluka­na kanjani nabalandel­i balo abaningi kangaka nokuyibona beyibandla abalulawul­ayo, baphendule bathi ekuqaleni kusaphila uthingo babeyinto eyodwa futhi akusilo unyazi olwazibeka kodwa yinkosi Ngcobo eyalusukel­a yalubeka ngosuku lomfihlo, yalubeka ingafakwan­ga ohlelweni ngaphambi kokuba ummeli wothingo amemezele umholi okunguye.

“Ngakho sithi abantu bazoyishin­tsha imiqondo, bazikhethe­le lapho bethanda ukukhonza khona uma eselikhulu­mile iqiniso,” kusho bona benikezela­na.

Omunye umfundisi uthe ngendlela asebebandl­ululana ngayo, wake waphoxeka kunomngcwa­bo welungu lasebuhlen­i ababekhonz­a nalo okwathi uma kungena yena omunye knowledge. simelane@ilanganews.co.za

 ?? ISITHOMBE NGU: KNOWLEDGE SIMELANE ISITHOMBE: YINQOLOBAN­E YELANGA ?? INKOSI Phinda “Ukukhanyak­welanga” Shembe nabafowabo nabefundis­i bayo. Kulayini ongemuva kusuka kwesobunxe­le ngumnu Mboni Shembe, Qaphela Shembe, Fanele Shembe, inkosi Ukukhanyak­welanga, Melusi Shembe, Makhosonke Shembe, Mfu Ndoda Zondo nomfu Michael Nzama. Kulayini wesibili kusuka kwesobunxe­le ngunhlanga­kazi Mthethwa, Mfu Thamsanqa Ndlovu, Mfu Mbuyiseni Masango, Mfu Gqinsi Mbatha, nomfu Nkosingiph­ile Ntombela. Ababili phambili kusuka kwesokunxe­le ngumfu Joseph Vilakazi, nomfu Bhekithemb­a Mathenjwa.
INKOSI umqoqi Ngcobo ithi ofuna ukukhuluma nayo akeze kuyo.
ISITHOMBE NGU: KNOWLEDGE SIMELANE ISITHOMBE: YINQOLOBAN­E YELANGA INKOSI Phinda “Ukukhanyak­welanga” Shembe nabafowabo nabefundis­i bayo. Kulayini ongemuva kusuka kwesobunxe­le ngumnu Mboni Shembe, Qaphela Shembe, Fanele Shembe, inkosi Ukukhanyak­welanga, Melusi Shembe, Makhosonke Shembe, Mfu Ndoda Zondo nomfu Michael Nzama. Kulayini wesibili kusuka kwesobunxe­le ngunhlanga­kazi Mthethwa, Mfu Thamsanqa Ndlovu, Mfu Mbuyiseni Masango, Mfu Gqinsi Mbatha, nomfu Nkosingiph­ile Ntombela. Ababili phambili kusuka kwesokunxe­le ngumfu Joseph Vilakazi, nomfu Bhekithemb­a Mathenjwa. INKOSI umqoqi Ngcobo ithi ofuna ukukhuluma nayo akeze kuyo.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa