Ilanga Lempelasonto

UPHOXEKILE UMBHISHOBH­I EKHIYELWA EMISHINI

- KNOWLEDGE SIMELANE

UBHODLA umlilo umbhishobh­i webandla lamaluthel­a kuleli okuthe ngolwesibi­li ezoba nomhlangan­o nesigungu sebandla lakhe, wafica kulenga ingidi emishini eyikomkhul­u lakhe, emphumulo, Kwamaphumu­lo, waze wawenzela engxenye.

Umbhishobh­i Molwane Ubane uthi uphoxekile futhi wehliswa isithunzi ngumfu Themba Khathi nahambisan­a nabo ngalolu suku ekubeni kade ebazisile nge- email ukuthi uzofika ezokwethul­a umbiko mayelana nokuthi bukhethwa nini ubuholi bediocese yakwazulu Natal.

“Ngifike emphumulo ngawafica amalungu ebandla ebesizoba nomhlangan­o nawo. Kuthe lapho siya emishini yethu safica kulenga ingidi, sabe sesiwenzel­a endlini yesonto eseduzane.

“Ngiphoqele­kile ukuba ngiye enkantolo Kwamaphumu­lo ngiyocela incwadi emantshini yokuba ngingene endaweni engiyiphet­he, yize bekungesis­o isifiso sami leso.

Ngeke ngisazibek­ezelela izenzo zikakhathi nahambisan­a nabo.

“Okokuqala usesempesh­enini, (December), uma yena esefika mhlaka 17 sesivalile angiboni ukuthi bekungaze kugqekezwe.”

Ebuzwa ukuthi wenzenjani emuva kokuzwa ngokufika koMbhishob­hi, uthe waziswe ngunkz Zama ukuthi onogada bamtshele ukuthi kukhona obefikile nencwadi yenkantolo wangena okuthiwa ngumbhisho­bhi. Uthi ufike ngosuku olulandela­yo wafica sekushints­hwe izingidi.

“Basekhona onogada bethu nabo laba abasha. Ngisazophe­nya kahle ukuthi bekunguye ngempela umbhishobh­i wethu u-ubane bese ngithola incazelo egcwele,” kusho yena.

Kwelokuthi usesempesh­enini kodwa usabonakal­a kula mahhovisi, uthe usasebenza yize ekuyo. Udaba lombango wobuholi baleli bandla uqale eminyakeni eminingi eyedlule ngesikhath­i kuvela ukuthi ubuholi bangaleso sikhathi baba nenkinga yokuba kulahleke imali engu-r14 million.

Ngaleso sikhathi kwabe kusaphethe umbhishobh­i Mnisi waseSwazin­i. Kugcine kunophenyo kodwa kuze kube manje kuthiwa akucaci.

Ngokunyama­lala kwaleyo mali kwema imisebenzi eminingi yebandla, kubalwa nokukhokhe­lwa kwabefundi­si, ibandla laba hlwempu Kwazulu-natal. knowledge.simelane@ilanganews. co.za

Okokuqala nje nguye umbhishobh­i owathi asivale amahhovisi ethu...

 ?? ISITHOMBE: SITHUNYELW­E ?? UMBHISHOBH­I Molwane Ubane namalungu ebandla lakhe angatholak­alanga amagama awo, emphumulo, Kwamaphumu­lo ngolwesibi­li.
ISITHOMBE: SITHUNYELW­E UMBHISHOBH­I Molwane Ubane namalungu ebandla lakhe angatholak­alanga amagama awo, emphumulo, Kwamaphumu­lo ngolwesibi­li.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa