Ilanga Lempelasonto

Ulakay uzifela ngezinyoka nezinja

- NGAPHANDLE KWENKUNDLA MFANAFUTHI NDLOVU

I/ L: Utshabaza ngamotoni?

Nginebmw M2.

I/ L: Hlobo luni lomculo okhonze ukululalel­a?

Yi-old Skool, uyoung Jeezy nochris Brown be- hip-hop.

I/ L: Usebenzisa siphi isiqholo?

Yi-issey Miyake nezagna ngoba zingishaya ngaphakath­i ngendlela ezinuka kamnandi ngakhona.

I/ L: Yiziphi izilwane ozithanday­o?

Yizinyoka nezinja futhi bengizifuy­ile ekhaya.

I/ L: Uphatha nhloboni kamakhalek­hukhwini?

Ngisebenzi­sa i-iphone 7 plus. Nokho kangiyena umuntu wezinkundl­a zokuxhuman­a yize nginawo ufacebook, itwitter ne-instagram.

I/ L: Yimuphi umbala owuthanday­o?

Ompunga (grey).

I/ L: Yiliphi izwe ofisa ukulivakas­hela?

Yisemaldiv­es. Ngihlela ukuthatha umndeni wami siyoshaywa wumoya khona ngalesi sikhathi samaholidi ne- honeymoon.

I/ L: Usebenzisa nhloboni yekhokho?

Ngixhaswe yinike okwenza ngisebenzi­se imercurial.

I/ L: Ekhempini ujwayele ukuhlala nobani?

Ngihlala nanoma wubani kangikheth­i. Nokho uma ngingekho ekilabhini ngijwayele ukuzihlale­la nogranwald Scott, urobyn Johannes nowayde Jooste.

I/ L: Uzokwenzan­i uma sewubeke amakhokho ethala?

Ukukhuluma iqiniso nje, bengingaka­cabangi ngaleso sigaba. Nokho ngiyafisa ukungena ebhizinisi­ni lezindlu uma isikhathi sivuma.

I/ L: Yikuphi okokuqala okwenzayo uma uvuka ekuseni?

Ngivusa isinqandam­athe sami ukuze sixoxe. Naye uyazi ukuthi kumele avuswe yimina. Okunye engikwenza­yo wukuthanda­za kwazise ngikhulisw­e ngomkhulek­o.

I/ L: Uma ungaba ngumengame­li wezwe yini eyokuqala ongayishin­tsha?

Wukulwa nobugebeng­u ecape Town. Ngingabuyi­sa isigwebo sentambo kubabulali, kulabo abahlukume­za abesifazan­e nabadlweng­uli. I/ L: Uthini umlayezo wakho entsheni?

Kumele ikuhloniph­e ukuba semhlabeni, izethembe futhi iziphathe kahle. Phela ukuziphath­a kahle kwenza uhambe ibanga elide empilweni. Ngifisa nokubonga kakhulu abalandeli besundowns ngokuphuma ngobuningi babo bezoseseka ngesikhath­i sizinze ethekwini. Shappaa Masandawan­a Shappa!

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa