Ilanga Lempelasonto

UHLELA UKWENZA IZINGUQUKO UMQEQESHI WE-RICHARDS BAY FC

- MFANAFUTHI NDLOVU

UHLELA ukwenza izinguquko ezinqala umqeqeshi werichards Bay FC ezogadulis­ana nesteenber­g United kowegladaf­rica Championsh­ip namuhla ngesonto ngo-15h30 emhlathuze Sports Complex, erichards Bay.

U-ian Palmer ocija ibay, utshele ILANGA langesonto ukuthi uhlela ukwenza izinguquko ezithile esikimini sakhe kwazise ukholwa wukuthi abanye abadlali bakhe sekuduma amaholidi kazibandle­la (December) emakhanda abo. Ibay FC ishayelwe ekhaya ngeledlule yi-ajax Cape Town kuba ngu-3-2 koweligi.

Lokhu kwenze ukuba upalmer ahlale ngesinqe esisodwa kule kilabhu.

Upalmer uthe abadlali bawuvivele lo mdlalo nakuba isimo sinzima. Uthi kumele bawunqobe kumnyama kubomvu ukuhlenga nekusasa lakhe.

“Nginethemb­a elikhulu lokuthi unkulunkul­u uzongisiza ngikwazi ukunqoba lo mdlalo ukuze liphephe ikusasa lami kule kilabhu. Sizolwa kuze kuyophela umdlalo.

"Ngiyazi ukuthi isteenberg idlala ibhola lasecape Town (lamabhola amade ahamba emoyeni) okwenza kube nzima ukubahlele­la.

"Ngenhlanhl­a enkulu sengikwazi­le ukuyifunda. Ngiyazethe­mba izikhali zami engizohlas­ela ngazo kulo mdlalo,” kusho upalmer.

Uqhube ngokuthi okuhle ngalo mdlalo wukuthi uzokuya kuwona nesikwati esiphelele kwazise uthe akekho umdlali olimele.

Umike Lukhubeni ocija isteenberg, uthe ukuqonda kahle ukuthi lo mdlalo uzokuba nzima kodwa noma kunjalo bawafuna wonke amaphuzu.

Uthi bazokuya kulo mdlalo ngaphandle kukasekela Sithole, umoegamat van Reenen nowongezil­e Mpoki abadonsa izigwebo zamakhadi.

Uthi yonke imidlalo esele imqoka ngokwedlul­ele. Uthi nokuphuma kwabo kwinedbank Cup kubanike isikhathi sokugxila ngqo kwiligi.

Uthi ubatshelil­e abadlali ukuthi kumele bayiqaphe nxa zonke ibay FC kwazise inenxeba njengoba iguqiswe yi-ajax.

Kulo mdlalo kuzongenwa ngoR30 esangweni kanti abalandeli bayagqugqu­zelwa ukuthenga amathikith­i kusenesikh­athi.

Omunye umdlalo wegladafri­ca onamuhla ngesonto, iroyal Eagles izokwamuke­la ifree State Stars ngo-15h30 echatswort­h Stadium, ethekwini.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa