Ilanga Lempelasonto

KUBHUNTSHE UMCIMBI KA-RICK ROSS ETHEKWINI

- makhoba@ilanganews.co.za SANDILE MAKHOBA

UBHUNTSHE ngomzuzu wokugcina umcimbi womculi waphesheya kwezilwand­le obekumele ube sekings Park Outer Fields, ethekwini namhlanje ngesonto.

Lo mcimbi obubizwa ngeblock Party, obufolose ngesihlaba­ni saphesheya, urick Ross, kumenyezel­we izolo ukuthi awusezukub­a khona ngenxa yokuntulek­a kwabaxhasi bawo. Omunye wabahleli balo mcimbi owaziwa ngokuhlela amaphathi aphezulu, ujunior Lavie, utshele

ILANGA Langesonto ukuthi bahlale phansi nenuwave Entertainm­ent, okuyiyona nkampani ebiyengame­le umcimbi, babona ukuthi izinsiza kusebenza azanele, base bekhetha ukuwuhoxis­a.

“Ukungabikh­ona kwabaxhasi kuchaza ukuthi imali ayikho, manje besingeke silinde imali yabantu abazongena (esangweni). Nginqume ukuhoxa ekuhleleni lo mcimbi, yingakho ungasaqhub­eki ethekwini. Emafikeng nase-east London usazoqhube­ka khona,” kusho ulavie.

Isitatimen­de ebesibika ngokubhunt­sha kwalo mcimbi, sisakazwe izolo ngomgqibel­o ezinkundle­ni zokuxhuman­a, emakhasini kalavie. Kuleso sitatimend­e ulavie uxolise kubalandel­i bakarick Ross, wathi labo abathenge amathikith­i mabalande imali yabo ewebticket­s, bazoyithol­a.

Akucaci ukuthi amathikith­i alo mcimbi abesetheng­we kangakanan­i, kodwa emsakazwen­i obuxhase lo mcimbi, igagasi 99.5 FM ngolwesihl­anu emini bekulokhu kumenyezel­wa ukuthi awe-vip (izicukuthw­ane) awasathola­kali asethengwe wonke.

Lo mcimbi bekulindel­eke ukuba uhehe kakhulu intsha ethekwini, ikakhuluka­zi njengoba kuyisikhat­hi samaholide. Umfundi waleli phephandab­a ozinze egoli, u-amanda Ngubane, ufonele intatheli ekhala ngokuthi basuke egoli nabangani bakhe bezele wona lo mcimbi.

“Asisazi ukuthi sizoya kuphi njengoba besitshela namhlanje nje ukuthi awusekho umcimbi,” ekhala.

 ?? ISITHOMBE NGU: SANDILE MAKHOBA ?? UMCULI waphesheya kwezilwand­le, urick Ross, obekulinde­leke ukuba anandise ethekwini namhlanje.
ISITHOMBE NGU: SANDILE MAKHOBA UMCULI waphesheya kwezilwand­le, urick Ross, obekulinde­leke ukuba anandise ethekwini namhlanje.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa