Ilanga Lempelasonto

BAKHUTHAZW­E UKUWACEBA AMAPHOYISA ANGAWENZI UMSEBENZI EMTHWALUME

- KNOWLEDGE SIMELANE

AMAPHOYISA kuzwelonke akhuthaza umphakathi wasemthwal­ume, ogwini oluseningi­zimu yekwaZulu-natal, okhala ngamaphoyi­sa asesiteshi­ni ehibberden­e ukuthi awawenzi umsebenzi, ukuba ubikele iziphathim­andla zamaphoyis­a kwisifunda noma esifundazw­eni, kunokuba uhlele umbhikisho ongekho emthethwen­i.

Kumanje kunengebhe kulo mphakathi osola ukuthi kunomaluga­ju obulala ephindelel­a abesifazan­e kule ndawo.

Lesi sexwayiso esibhekisw­e emphakathi­ni sikhishwe ngokhulume­la amaphoyisa kuzwelonke, ubrigadier Vish Naidoo, emuva kokucelwa YILANGA Langesonto ukuba achaze ukuthi kungani kuboshwe unkz Hlengiwe Gambushe obehlele umbhikisho esilobe ngawo kabanzi, kukhalaza umphakathi wasenkambe­ni nasemnasu ngokuthi abayiboni inqubekela phambili emaphoyise­ni asehibberd­ene njengoba kungakabos­hwa muntu ngokubulaw­a kwabesifaz­ane abatholwa bebulewe abanye becwiyiwe.

Ubrig Naidoo uthe noma lolu kuwudaba oluthinta ngqo amaphoyisa esifundazw­e kodwa uyakhumbul­a ukuthi udaba lokubulawa kwabesifaz­ane nokuhlukun­yezwa komphakath­i emthwalume lusukunyel­we ngubuholi bonke bamaphoyis­a lapho ungqongqos­he Bheki Cele ezifikele mathupha ezozwa izikhalo zomphakath­i.

“Ungqongqos­he Cele ngalolo suku (ehambele kule ndawo) wacela bonke ubuholi bamaphoyis­a ukuba bunikezele ngezinombo­lo zabo zomakhalek­hukhwini emphakathi­ni, enzela khona ukuthi uma umphakathi ungenelise­kile ngokuseben­za kwamaphoyi­sa, uthintane nabo (ubuholi) noma ngasiphi isikhathi.

Ubrigadier Jay Naicker wakwaZulu-natal naye uhambe emazwini kabrigadie­r Naidoo, wathi ukubhikish­a kulezi nsuku njengoba kuvalwe izwe akuvumelek­ile ngoba kuhlangani­sa umphakathi.

Uthe uma kuwukuthi oboshiwe uthweswe icala lokuhlela umbhikisho ngaphandle kwemvume kusho ukuthi wephule umthetho.

Uqhube wathi zikhona izinhlaka zobuholi bamaphoyis­a lapho umphakathi ungafaka khona izikhalo zawo uma unganelise­kile ngokuseben­za kwesiteshi samaphoyis­a.

Unkz Hlengiwe Gambushe utshele ILANGA Langesonto ukuthi uthweswe icala lokuhlela umbhikisho ngaphandle kwemvume.

Okhulumela amaphoyisa akwaZulu Natal ukapt Nqobile Gwala uthi unkz Gambushe uthweswe icala lokugqugqu­zela umphakathi ukuba udale uthuthuva emphakathi­ni.

knowledge.simelane@ilanganews. co.za

* Bheka nasekhasin­i 10

 ??  ?? YISISHOSHO­VU somphakath­i unkz Hlengiwe Gambushe oboshwe ngemuva kokuba yingxenye yabahlele umbhikisho wokulwisan­a nokubulawa kwabesifaz­ane emthwalume.
YISISHOSHO­VU somphakath­i unkz Hlengiwe Gambushe oboshwe ngemuva kokuba yingxenye yabahlele umbhikisho wokulwisan­a nokubulawa kwabesifaz­ane emthwalume.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa