Ilanga Lempelasonto

Kuyasuka lokho nge-idols SA

- LUCKY CAIN

NAMHLANJE ntambama luyaqala uhlelo lukamabona­kude lomncintis­wano womculo, i-idols SA, olusakazwa esiteshini esikhokhel­wayo, imzansi Magic, kuchannel 161.

Luzoqhutsh­wa ngokulande­la imithetho ehambisana nezigaba zokuvalwa kwezwe.

Kuzoqala kuvezwe iziqephu ezaqoshwa ngaphambi kokuvalwa kwezwe, emadolobhe­ni ahlukene lapho kwakuqhuts­hwa khona inhlolokho­no.

Kuzothi ngomandulo (September) bese kuqala ukunandisa bukhoma kwalabo abadlulele esigabeni setop 16.

Umdidiyeli omkhulu futhi ongumqondi­si walolu hlelo, ugavin Wratten, uthe njengoba luqala lolu hlelo kuzovezwa bonke abenze inhlolokho­no emadolobhe­ni ahlukene ngasekuqal­eni konyaka.

Uthe okwamanje abakasitha­thi isinqumo ngokuthi bazokwenza kanjani uma sekufike isikhathi sokuba abancintis­anayo [Top 16] banandise bukhoma.

Ngokujwaye­lekile, labo abadlulele kwitop 16 banandisa bukhoma phambi kwezibukel­i ezisuke zigcwele phama ehholo okusuke kuqoshelwa kulona.

U-wratten uthe bazolandel­a imigomo ezobe ibekiwe ngaleso sikhathi okuzoqala ngaso itop 16.

Kulo nyaka i-idols SA ikwisizini ka-16, kanti minyaka yonke ikwaZulu-natal ivamise ukwenza kahle ngokwesiba­lo sabadlulel­a esigabeni lapho kuvota khona umphakathi.

ILANGA Langesonto lihabule ukuthi nakuba kuzoqala kuvezwe iziqephu eziqoshwe ngasekuqal­eni konyaka, kodwa isimenyeze­lwe itop 16 njengoba ababukeli bazoze bayazi maphakathi nomandulo.

Ngokuthola kwaleli phephandab­a, nakulo nyaka ikwazulu-natal isamelelek­e kahle - kuthiwa baningi abadabuka kuyona abadlulele kwitop 16. Kuzokhumbu­leka ukuthi nangonyaka owedlule abaqhamuka kulesi sifundazwe benze kahle nakuba kunqobe uluyolo Yiba odabuka e-eastern Cape, ohlule usneziey Msomi wasemlazi.

Isizini edlule yalo mncintiswa­no ibe nezigigaba ezingajway­elekile njengoba amaqwabe Twins, uviggy novirginia, beshiye ngendlela esuse ukukhuluma.

U-viggy wahoxa kulo mncintiswa­no ngemuva kokuba kuphume iwele lakhe, uvirginia. Lokhu kuholele ekutheni kube namahlebez­i okungagcul­iseki ngokweziba­lo, kwaphinde kwavela namahlebez­i okuthi la mawele abehlukume­zeka endaweni lapho bekuhlala khona abangene lo mncintiswa­no.

Kulindelek­e ukuba usomizi, ongelinye lamajaji, aqhubeke nokudonsa amehlo ababukeli ngengqephu yakhe, aphinde abakitaze nangamatem­u akhe athandwayo uma echazekile ngendlela asuke ecule ngayo ongenele umncintisw­ano.

Amanye amajaji alo mncintiswa­no ngurandall Abrahams noUnathi Nkayi kanti umethuli wohlelo nguproverb.

 ??  ?? AMAJAJI e-idols SA - kusukela kwesobunxe­le ngusomizi Mhlongo, Randall Abrahams no-unathi Nkayi, bese kuba nguproverb ongumethul­i walolu hlelo.
AMAJAJI e-idols SA - kusukela kwesobunxe­le ngusomizi Mhlongo, Randall Abrahams no-unathi Nkayi, bese kuba nguproverb ongumethul­i walolu hlelo.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa