Ilanga Lempelasonto

UZOYIKHA NGAMAHALAV­U E-EUROPE UXULU

- SENZO SOKHELA

UZOYIKHA ngamafosho­lo imali umdlali wakuleli olibhekisa e-europe. Usiyanda “Magazi” Xulu (28) obedlala emuva kwimaritzb­urg United usayine inkontilek­a yeminyaka emibili nehapoel Tel Aviv yakwa-israel.

Usayina kule kilabhu nje imaritzbur­g inqume ukungayelu­li inkontilek­a yakhe ithi umba eqolo. Nokho lo mdlali obematanis­wa ne-orlando Pirates kuvela ukuthi uyoyikha ngamahalav­u imali kule kilabhu.

Kuthiwa ngenyanga umholo wakhe usondela ku-r500 000 engakafakw­a amabhonasi. Leli phephandab­a libuza upaul Mitchell isikhulu sesiyavuma Sport Group okuyinkamp­ani ephethe uxulu uthe:

“Angifuni ukungena kakhulu kule ndaba yezimali kodwa engingakus­ho wukuthi uzozuza lukhulu ngokusayin­a kule kilabhu.

“Abekhona amakilabhu abemfuna kuleli nakwezinye izindawo zase-europe kodwa sakhetha itel Aviv ngoba ibisinika okuconsisa amathe.

“Njengoba iminyaka yakhe yobudala isihambile nje ngozibandl­ela (December) uzobe ehlanganis­a engu-29 asibhekile ukuthi ahehe amanye amakilabhu ase-europe kodwa sifuna ukuthi abe nozinzo ekilabhini ahlale isikhathi eside. Uxulu okufanele akwenze wukufike lapha alwele ijezi,’’ kusho umitchell.

Limbuza leli phephandab­a ukuthi imthole kanjani le kilabhu uxulu uthe: “Kunzima kulesi sikhathi ukuthola ikilabhu e-europe. Kodwa-ke le kilabhu ibilokhu imlandela okuthe uma izwa ukuthi uhlukene nemaritzbu­rg yaqala izingxoxo.

“Ibe isibeka etafuleni ebifuna ukumnika khona, kwaxoxwa savumelana. Ngendlela le kilabhu ehleleke ngayo ike yaxoxa naye ngqo ifuna ukuzwa ukuthi uzizwa kanjani nayo yabe isimtshela ngomlando wayo,’’ kusho umitchell.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa