Impi yamagenge ishiye kukhalwa ethekwini
Kusolwa impi yamagenge eshubisile kule ndawo
Kungqongqiswe imizi kwelinye lamalokishi
IMPI eshubile yamagenge entshanga, ngasepinetown, isisuse olukhulu uthuthuva endaweni njengoba sekuze kwangqongqiswa ngomlilo nemizi esigcemeni empuma, okuyisigameko okusolwa ukuthi sihlobene nayo [impi].
Le mpi kuthiwa isukela endabeni yokuklolodelana kwabafana bendawo ngokuthi ngobani abangcono kunabanye ngokwezinga lempilo.
Kubikwa ukuthi lawa magenge ahlukene amaqembu amabili - kukhona elibizwa ngamadanone, nelibizwa ngamacarvela. Ngokuthola KWELANGA Lange
Sonto, impi yaqala esikoleni okufunda kuso abafana abayingxenye yalawa maqembu njengoba isize yakapakela nasemakhaya.
Imizi eshisiwe ngowakwazuma nowakwangubane, engomakhelwane.
Kuthiwa le mindeni ibingasahoshelani vele ngenxa yazo lezi zimpi zamagenge njengoba kuthiwa umfana wakwazuma ukolunye uhlangothi, kanti nabakwaNgubane bakolunye uhlangothi.
Elandisa ILANGA Langesonto unkz Deli Zuma, walapho kushe khona indlu yangqongqa, okunguyena osebheke ikhaya nodadewabo njengoba abazali sebadlula emhlabeni, uthi bezwe kukhala ibhodlela ewindini lasekamereni ngobusuku bangolwesithathu.
Kuthe besalalele lokho, kwavuka ikloba lomlilo.
“Siphume sabaleka, sazama ukuhlenga izingane. Kukhona abebememeza [ngaphandle] bethi akuthelwe uphethiloli, kushiswe nesigubhu sikagesi ukuze kungabaleki muntu,” kuchaza yena.
Ngokusho kukankz Zuma, impi yamagenge indala, uthi yaqala ngo-2017.
Utshele leli phephandaba ukuthi sekuke kwaba nomhlangano womphakathi kuzanywa ukuqhamuka nesisombululo kule mpi, kodwa kwanhlanga zimuka nomoya.
Ebuzwa yintatheli ukuthi ngabe basola bani ngalesi sigameko sokushiswa komuzi, uthe akukhona nokuthi bayasola, kodwa bayazi ukuthi ngobani abenze lokhu.
Uthi balizwile izwi lomfana abamaziyo limemeza ebusuku ethi kuyomsiza yena unkz Zuma ukuba akhele indodana yakhe umkhukhu ngoba izofa.
“Angiboni ukuthi kuyophinde kube khona ukudlelana ngemuva kwalesi sigameko [esho phakathi kwabo nomndeni wabasolwa]. Sicishe safa, kumanje siyazi ukuthi asiphephile.
“Okubuhlungu kakhulu wukuthi sekungenelele nabantu abadala kule nto, abalwa izimpi zabo,” kusho yena.
Uthi ngonyaka owedlule indodana yakhe eneminyaka ewu-20 iphoqeleke ukuba iyeke esikoleni kade isikwagrade 11 ngenxa yokubhekelela ukuphepha kwayo.
“Sibonisane namalungu omphakathi, kwathiwa ayibuyele esikoleni iyofunda. Kulo nyaka beyenza ugrade 12, sengiphinde ngayoyicashisa futhi. Ingamane ingaqedi esikoleni kunokuba ife,” kuchaza unkz Zuma.
ILANGA Langesonto lizamile ukuxhumana nabakwangubane, kodwa elixhumane naye emndenini uthe akusho abazokusho futhi akathandanga nokuzisho igama.
Ushaye ngamafuphi wathi: “Siyaxolisa ngeke sikwazi ukuphawula. Sibhizi nemihlangano (ethinta udaba)."
Umnu Petros Nxumalo, oyikhansela lakule ndawo [ ward 4], uthe ngaphambi kokuba kuze kushiswe imizi bekucelwe amaphoyisa ukuba angenelele ngenxa yempi ephakathi kwamagenge ngoba abanye bebephethe izikhali, kodwa kuthe uma iphoyisa libopha omunye wamagenge lashaywa, lashiya.
Uqhube wathi ngalo lolo suku ebusuku kube sekushi-swa imizi. “Ngithumele ama- ward com
mittee ukuba ayobheka isimo ukuze sibheke ukuthi singayisiza ngayiphi indlela imindeni. Nginethemba lokuthi amaphoyisa azoyekwa enze umsebenzi wawo, kube khona ababoshwayo ngalezi zigameko,” esho.
Uthe ukube izwe belingavaliwe bekuphoqa ukuba kubizwe umhlangano womphakathi, kepha ngenxa yokulandela imigomo yokuvalwa kwezwe, ngeke kwenzeka ukuthi kube nomhlangano.
Okhulumela amaphoyisa Kwazulu-natal, ukapt Nqobile Gwala, ukuqinisekisile ukuthi amaphoyisa asenchanga aphenya icala lokuthungela ngomlilo impahla, ngemuva kokuba kushiswe umuzi ngabasolwa abaziwayo ngomhla ka-30 kuntulikazi (July) cishe ngo-12:30 phakathi kwamabili.
“Kuboshwe abasolwa abawu-4 abaphakathi kweminyaka ewu-17 no-40. Bazovela enkantolo ngomhla ka-3 kuncwaba (August) 2020,” kusho ucol Gwala.