Ilanga Lempelasonto

Impi yamagenge ishiye kukhalwa ethekwini

Kusolwa impi yamagenge eshubisile kule ndawo

- THANDI ZONDI tzondi@ilanganews.co.za

Kungqongqi­swe imizi kwelinye lamalokish­i

IMPI eshubile yamagenge entshanga, ngasepinet­own, isisuse olukhulu uthuthuva endaweni njengoba sekuze kwangqongq­iswa ngomlilo nemizi esigcemeni empuma, okuyisigam­eko okusolwa ukuthi sihlobene nayo [impi].

Le mpi kuthiwa isukela endabeni yokuklolod­elana kwabafana bendawo ngokuthi ngobani abangcono kunabanye ngokwezing­a lempilo.

Kubikwa ukuthi lawa magenge ahlukene amaqembu amabili - kukhona elibizwa ngamadanon­e, nelibizwa ngamacarve­la. Ngokuthola KWELANGA Lange

Sonto, impi yaqala esikoleni okufunda kuso abafana abayingxen­ye yalawa maqembu njengoba isize yakapakela nasemakhay­a.

Imizi eshisiwe ngowakwazu­ma nowakwangu­bane, engomakhel­wane.

Kuthiwa le mindeni ibingasaho­shelani vele ngenxa yazo lezi zimpi zamagenge njengoba kuthiwa umfana wakwazuma ukolunye uhlangothi, kanti nabakwaNgu­bane bakolunye uhlangothi.

Elandisa ILANGA Langesonto unkz Deli Zuma, walapho kushe khona indlu yangqongqa, okunguyena osebheke ikhaya nodadewabo njengoba abazali sebadlula emhlabeni, uthi bezwe kukhala ibhodlela ewindini lasekamere­ni ngobusuku bangolwesi­thathu.

Kuthe besalalele lokho, kwavuka ikloba lomlilo.

“Siphume sabaleka, sazama ukuhlenga izingane. Kukhona abebememez­a [ngaphandle] bethi akuthelwe uphethilol­i, kushiswe nesigubhu sikagesi ukuze kungabalek­i muntu,” kuchaza yena.

Ngokusho kukankz Zuma, impi yamagenge indala, uthi yaqala ngo-2017.

Utshele leli phephandab­a ukuthi sekuke kwaba nomhlangan­o womphakath­i kuzanywa ukuqhamuka nesisombul­ulo kule mpi, kodwa kwanhlanga zimuka nomoya.

Ebuzwa yintatheli ukuthi ngabe basola bani ngalesi sigameko sokushiswa komuzi, uthe akukhona nokuthi bayasola, kodwa bayazi ukuthi ngobani abenze lokhu.

Uthi balizwile izwi lomfana abamaziyo limemeza ebusuku ethi kuyomsiza yena unkz Zuma ukuba akhele indodana yakhe umkhukhu ngoba izofa.

“Angiboni ukuthi kuyophinde kube khona ukudlelana ngemuva kwalesi sigameko [esho phakathi kwabo nomndeni wabasolwa]. Sicishe safa, kumanje siyazi ukuthi asiphephil­e.

“Okubuhlung­u kakhulu wukuthi sekungenel­ele nabantu abadala kule nto, abalwa izimpi zabo,” kusho yena.

Uthi ngonyaka owedlule indodana yakhe eneminyaka ewu-20 iphoqeleke ukuba iyeke esikoleni kade isikwagrad­e 11 ngenxa yokubhekel­ela ukuphepha kwayo.

“Sibonisane namalungu omphakathi, kwathiwa ayibuyele esikoleni iyofunda. Kulo nyaka beyenza ugrade 12, sengiphind­e ngayoyicas­hisa futhi. Ingamane ingaqedi esikoleni kunokuba ife,” kuchaza unkz Zuma.

ILANGA Langesonto lizamile ukuxhumana nabakwangu­bane, kodwa elixhumane naye emndenini uthe akusho abazokusho futhi akathandan­ga nokuzisho igama.

Ushaye ngamafuphi wathi: “Siyaxolisa ngeke sikwazi ukuphawula. Sibhizi nemihlanga­no (ethinta udaba)."

Umnu Petros Nxumalo, oyikhansel­a lakule ndawo [ ward 4], uthe ngaphambi kokuba kuze kushiswe imizi bekucelwe amaphoyisa ukuba angenelele ngenxa yempi ephakathi kwamagenge ngoba abanye bebephethe izikhali, kodwa kuthe uma iphoyisa libopha omunye wamagenge lashaywa, lashiya.

Uqhube wathi ngalo lolo suku ebusuku kube sekushi-swa imizi. “Ngithumele ama- ward com

mittee ukuba ayobheka isimo ukuze sibheke ukuthi singayisiz­a ngayiphi indlela imindeni. Nginethemb­a lokuthi amaphoyisa azoyekwa enze umsebenzi wawo, kube khona ababoshway­o ngalezi zigameko,” esho.

Uthe ukube izwe belingaval­iwe bekuphoqa ukuba kubizwe umhlangano womphakath­i, kepha ngenxa yokulandel­a imigomo yokuvalwa kwezwe, ngeke kwenzeka ukuthi kube nomhlangan­o.

Okhulumela amaphoyisa Kwazulu-natal, ukapt Nqobile Gwala, ukuqinisek­isile ukuthi amaphoyisa asenchanga aphenya icala lokuthunge­la ngomlilo impahla, ngemuva kokuba kushiswe umuzi ngabasolwa abaziwayo ngomhla ka-30 kuntulikaz­i (July) cishe ngo-12:30 phakathi kwamabili.

“Kuboshwe abasolwa abawu-4 abaphakath­i kweminyaka ewu-17 no-40. Bazovela enkantolo ngomhla ka-3 kuncwaba (August) 2020,” kusho ucol Gwala.

 ??  ??
 ?? ISITHOMBE: JOHN HLONGWA ?? USHISWE wangqongqa umuzi wakwazuma empuma enchanga, esigamekwe­ni okusolwa kuso impi yamagenge asendaweni.
ISITHOMBE: JOHN HLONGWA USHISWE wangqongqa umuzi wakwazuma empuma enchanga, esigamekwe­ni okusolwa kuso impi yamagenge asendaweni.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa