Ilanga Lempelasonto

LIGXEKA UHULUMENI NGOKUNGANA­KWA ICIKO

Uthi amaciko aselahleke­lwe ngokuningi, kawanakiwe

- JOHN HLONGWA

UNTANDO Bangani oyiciko, obalisa ngokungana­kwa kwabo wuhulumeni.

UNENGEKILE umculi we-afro-pop, untando Bangani ( osesithomb­eni), ngokwelula kukahulume­ni isikhathi sokuvalwa

kwezwe ( lockdown).

Uthi lokhu kubulalisa abaculi ngendlala, kuphinde kushiye inqwaba yamaciko ivele ngekhanda ezikweleti­ni. Ukhala ngokuthi sekuphele unyaka amaciko engenzi imali, kodwa khona lapho kumele abhekane nezindleko.

“Uma unendlu kumele ukhokhe isikweletu sendlu, uma unemoto kufanele ukhokhe isikweletu, uma unabantwan­a kumele ubhekane nezimfanel­e zabo. Ngibona sengathi abaculi abanakiwe kuleli zwe. “Kunabantu abaningi (amaciko) engibaziyo asebelahle­kelwe yizinto eziningi ezibalulek­ile. Abanye balahlekel­we yimindeni, abanye balahlekel­we yizindlu, abanye balahlekel­we yizimoto, kodwa kuvele kuthiwa ‘bekezelani kuzolunga’. Yini ezolunga ngoba akukhona ukuthi bazobuya balungise osekonakel­e,” kusho untando.

Uthi ubona ukuthi kumele kube nendlela engcono yokuba kubhekwane nalesi simo. “Awukwazi ukuthi ungatshela abantu ukuba bahlale dekle bangaseben­zi ekubeni ungenalo iqhinga lokuhlanga­bezana nale nto oyikhuluma­yo.

Ukhala ngomengame­li wezwe umnu Cyril Ramaphosa, nomnu Nathi Mthethwa ongungqong­qoshe wezobuciko namasiko. Uthi sekube nezethembi­so eziningi kodwa ezingafeze­ki. Uthe okumkhatha­za nakakhulu wukuthi alukho uhlaka oluhleleki­le lwamaciko. “Indaba yokuvalwa kwezwe iyinkinga kubaculi ngoba bona bebodwa abanayo indlela abasebenzi­sana ngayo ukulekelel­ana - uma oyedwa esebenza akamcabang­eli omunye. “Azikho izinyunyan­a ezisikhulu­mela kube nempendulo ebuyayo, ezwakalayo.” Uveze ukuthi umatasa estudiyo, upheka i-albhamu yakhe ka-8, kodwa inkinga wukuthi akazi ukuthi uzoyikhang­isa kanjani njengoba imicimbi emikhulu ingavunyel­we, okuyilapho abaculi bejwayele ukukhangis­a khona ngomsebenz­i wabo omusha.

“I-musica (isitolo somculo) iyavalwa - sizoyidayi­saphi (le albhamu)? Yebo, ngiyaluqon­da uhlangothi lwezobuchw­epheshe ( digital), kodwa kunezinto eziningi okumele zilungiswe embonini yomculo.”

Lokhu kungenami kukantando kuvele engxoxweni abe nayo nela

NGA Langesonto, ngolwesith­athu ethekwini. Ubeqeda ukunandisa emcimbini abemenywe kuwo nguBhongol­wethu “Dr Khehlelezi” Mzozo, abewenzele inkosikazi yakhe ucebile (Mazulu) Mzozo, ebigubha usuku lokuzalwa.

Lo mcimbi ubusemahla­bathini ngaseverul­am, esigodlwen­i sikaMzozo. Sekuyisikh­athi sokuba anandise untando, ungene esiteji kwachwaza abantu. Ucule ingoma eyodwa waqeda lapho waya etafuleni lapho bekuhleli khona umzozo nenkosikaz­i, wafike wathi: “Hheyi ngagcina nini ukuza la! Ngiyabonga brazo, ungihlengi­le ( saved me).”

Utshele leli phephandab­a ukuthi njengoba esethekwin­i ngeke akuphike ukuthi ukhishwe yindlala ekhaya. Uthi kuthe uma ethola ucingo lumbiza ethekwini, washiya umsebenzi abewenza estudiyo.

“Ukuba sestudiyo kuzothatha isikhathi ukuba kungikhokh­ele, kodwa ukuba la, kunginika imali manje. Nginabantw­ana, nginekhaya, nginezinto okumele ngibhekane nazo, ngakho noma ngabe yinini uma ngithola ithuba lomsebenzi ngizoseben­za,” eqhuba.

Ugxeke uhulumeni ngokuthi uhlulekile ukubhekana nesimo, wathi bahlale beqhamuka namaqhinga amahle kodwa angasebenz­i.

“Sekuyisikh­athi sokuba indoda izibonele,” kusho yena.

ILANGA Langesonto liphinde laxoxa nomengamel­i wecultural and Creative Industry of South Africa (CCIFSA) ujoy Mbewana, othe: “Inkulu inkinga ebhekene nabaculi. Thina sisebenza ngezibalo - uma kukhona abantu nathi yilapho sisuke sikwazi ukusebenza khona.

“Njengoba abantu bevaliwe ukuhlangan­a endaweni eyodwa babe baningi kumnyana nakithina. Ngiyacela abaculi bakhulume ngazwi linye ukuze uhulumeni ezwe.

“Kunemali ephumile okuthiwa yi“third Phase Relief fund” enikwa abaculi kodwa kumele bagcwalise amafomu. Ukubha lisa kuvalwa ngomhla ka-22 (kule nyanga).”

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa