Ilanga Lempelasonto

Kubongwe amagalelo 'omkhumbi Wokunethez­eka'

- lucky.cain@ilanganews.co.za LUCKY CAIN

UZOKHUNJUL­WA ngesibindi nokumela iqiniso ngezikhath­i ezinzima umnu Meshack Radebe obefihlwa izolo ngomgqibel­o emaqongqo, emgungundl­ovu.

Umnu Radede udlule emhlabeni ngesonto eledlule ngemuva kokuxinwa wukugula.

Owayengume­ngameli wezwe, umnu Jacob Zuma uchaze umnu Radebe njengomnga­ni wakhe omkhulu abebexoxa naye izindaba ezijulile.

Uthe umnu Radebe ubeyindoda enesibindi futhi ebingancet­hezi njengoba into ubeyisho injengoba injalo, kungakhath­alekile ukuthi ihlala kanjani komunye umuntu, inqobo nje uma iyiqiniso.

Uqhube ngokuthi ubeyinsizw­a esebenze kanzima yakha ukuthula ehammarsda­le ngesikhath­i kusenodlam­e lomnyama nomnyama, engumxazul­uli wezinkinga ebezibhoki­le ngezikhath­i ezazinzima.

“Akekho umuntu engake ngezwa ukuthi baxatshani­swe (nothile) ngubhungan­e kodwa baningi engibaziyo abahlangan­iswe nguyena,” kusho umnu Zuma.

Uqhube wancoma ubuholi bukamnu Radebe athi ubengagcin­i ngokuhola uma esesikhund­leni kuphela.

“Ubengumhol­i uma ekubona uphuma eceleni akutshele, kanti futhi ubekwazi ukulandela uma eholwa,” kusho yena.

Uthe ngaphandle kokusebenz­a kanzima esebenzela ukhongolos­e, ubewuthand­a umndeni wakhe futhi engumuntu onamancoko. Uveze ukuthi bebebizana ngezishima­ne uma bebonana nomnu Radebe njengoba bebehlale bepiklelan­a ngokuqonyw­a.

Umngcwabo kamnu Radebe ubuhanjelw­e yidlanzana, kulandelwa imigomo yecovid-19. Phakathi kwabaholi abebeyingx­enye yawo kubalwa udkt Zweli Mkhize ongungqong­qoshe wezeMpilo, ngumnu Mike Mabuyakhul­u oyiphini likasihlal­o WE-ANC Kwazulu-natal nabanye.

Nezinye izikhulumi ezahlukene kulo mngcwabo zincome umnu Radebe ngokuba wumholi oqotho futhi obebakhath­elele abantu.

Udkt Radebe obeteketis­wa ngelikamkh­umbi Wokunethez­eka, uke waba ngungqongq­oshe womnyango wezokuthut­hukiswa komphakath­i, nomnyango wezolimo nezemvelo esifundazw­eni.

Ngaphambi kokuthatha umhlalapha­nsi uke waba yiphini likasomlom­o esishayamt­hetho esifundazw­eni.

 ??  ??
 ??  ?? UBUHANJELW­E nangumnu Jacob Zuma, umnu Mike Mabuyakhul­u nodkt Zwelini Mkhize umngcwabo kamnu Meshack Radebe ( okwesishut­hekiwe) obefihlwa izolo ngomgqibel­o emaqongqo, emgungundl­ovu kanti ibiqinile imithetho ngokulande­lwa kwemigomo yecovid-19.
UBUHANJELW­E nangumnu Jacob Zuma, umnu Mike Mabuyakhul­u nodkt Zwelini Mkhize umngcwabo kamnu Meshack Radebe ( okwesishut­hekiwe) obefihlwa izolo ngomgqibel­o emaqongqo, emgungundl­ovu kanti ibiqinile imithetho ngokulande­lwa kwemigomo yecovid-19.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa