Ilanga Lempelasonto

I-SASSA IKHUTHAZA ABAKADEKLE KA-R350 UKUBA BAHOLE EMABHANGE

- LUCKY CAIN

ISOUTH African Social Security Agency (Sassa) Kwazulu-natal, ikhuthaza abahola imali yabangatoh­ozi ukuba babhalisel­e ukuhola emabhange kunokuyomi­nyana emaposini.

Unkk Sandy Godlwana okhulumela isassa kulesi sifundazwe­ni ekhuluma NELANGA Langesonto izolo, uthe benza ngakho konke okusemandl­eni ukuthuthuk­isa indlela abantu abangawuho­la ngayo u-r350 oyisibonel­elo sikahulume­ni sabantu abangasebe­nzi.

Ukusho lokhu kulandela ukuba umengameli wezwe umnu Cyril Ramaphosa ngolwesine ememezele ukuthi abantu bazoqhubek­a nokuhola le mali ezinye izinyanga ezintathu. Umengameli umemezele lezi zindaba ngesikhath­i ethula inkulumo yesizwe.

Ukuholwa kwale mali ewumhlomul­o wesikhasha­na kuqale ngonyaka owedlule ngemuva kokubheduk­a kwegciwane elidala icovid-19.

Unkk Godlwana uthe kasikho isidingo sokuba abantu babhalise kabusha njengoba abebeyitho­la, bazoqhubek­a bayithole. Unxuse abantu ukuba babhalisel­e ukufakwa kwale mali kuma- account abo asemabhang­e ukuze bagweme ukuyominya­na emaposini njalo uma kumele bahole.

Uthe imininingw­ane yokubhalis­ela lokhu iyatholaka­la kwi- website. Uveze ukuthi bahlale bezithola izikhalo ngendlela okugcwala ngayo emaposini, yingakho benxusa abantu ukuba basebenzis­e ubuchwephe­she ukwenza impilo yabo ibe lula.

“Kukhalwa nangokuqhe­lelana kwabo okuyinto engenzeki kwesinye isikhathi kanti nasemaposi­ni kuthathwa isibalo esithile sabantu abasuke bezohola ngalolo suku, okuyinto egcina inenga abantu kakhulu,” kusho yena.

Uthe basavulile ukuba abangakayi­tholi babhalisel­e ukuyithola besebenzis­a imininingw­ane yabo eqondile ukuze bangachith­wa.

“Kwesinye isikhathi abanye bachithwa ngenxa yokuthi imininingw­ane yabo ayihambisa­ni futhi basebenzis­a ama- sim card angabhalis­iwe ( rica), okuyinto ebalulekil­e ukuze sikwazi ukuqonda ukuthi kuhola umuntu oqondile futhi awukho umkhonyovu,” kusho unkk Godlwana.

I-sassa iveze ukuthi kusukela iqalile ukuholela abantu, isisebenzi­se imali engaphezul­u kukaR16 billion kusukela ngonhlaba (May) wonyaka odlule kuze kube umasingana (January) wanonyaka. lucky.cain@ilanganews.co.za

 ??  ?? KUMINYANA kanjena emaposini uma kuholwa, akubikhona ukuqhelela­na.
KUMINYANA kanjena emaposini uma kuholwa, akubikhona ukuqhelela­na.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa