UKHIPHE UMUCU OWAYEKWI-IDOLS
UTHI ubengafuni ukuzifakela ingcindezi umculi ozakhele udumo emncintiswaneni we-idols SA, unqobile Gumede, osanda kukhipha umucu wakhe wokuqala osihloko sithi, Uyang’jolela, ngemuva kweminyaka emibili ephumile kulo mncintiswano.
Unqobile oyohlale ekhumbuleka kulo mncintiswano ngokuquleka phambi kwamajaji ngo-2016, waphinde wakhuza ibuya kuwona ngo-2019, waphuma esigabeni setop 8, usanda kukhipha umucu wakhe wokuqala kusukela aphuma kulo mncintiswano eminyakeni emibili eyedlule. Ekhuluma NELANGA Langeso
nto, uveze ukuthi ngesikhathi ephuma kulo mncintiswano kuningi okwabe kusemqondweni wakhe kanti zaziningi nezinkampani ezazigaqele ukumsayina. Uthi nakuba wayephume emncintiswaneni womculo kodwa okwakuseqhulwini kuyena kwakuwukubhala incwadi ngempilo yakhe nangezigameko adlule kuzona empilweni.
“Kuyangijabulisa ukuthi ngikwenzile lokhu, ngayikhipha incwadi ngonyaka owedlule, kanti okuhle wukuthi ihamba kahle - abantu bayayithanda futhi bayayithenga,” kusho unqobile eveza nokuthi ngaphandle kwesigameko sokuquleka phambi kwamajaji, kuningi akuvezile kule ncwadi abantu abaningi abangakwazi.
“Ngiveze nesigameko sokuphuphunyelwa yisisu esaba buhlungu kimina.
“Nginethemba lokuthi kuningi abantu besifazane ikakhulukazi abasebancane abakufundayo kuyona,” kusho yena mayelana nale ncwadi yakhe esihloko sithi, The Queen of Come Backs.
Uthi okunye okumenze wangatatazela ukukhipha wukuthi ubefuna ukukhipha ingoma ezohambisana nemizwa yakhe ngaphandle kwesandla somunye umuntu. “Kuningi ebengikusaba njengoba bebebaningi abebefuna ngicule uhlobo oluthize lomculo olungahambisani nami. Ngabe sengikhetha ukuzinika isikhathi esanele ukuze ngizithole mina nohlobo lomculo engifuna ukulucula” Uthe le ngoma iwuyena futhi iyisitayela afuna ukwaziwa ngaso emculweni njengoba iwuhlobo lwe-r&b/soul. Uveze ukuthi ubukela kakhulu kumculi osayine ngaphansi kwe-ambitious Records ula Sauce.
Le ngoma yakhe uthe okwamanje akakazimiseli ngokuba ingene ezinkundle-ni okuthengwa kuzona umculo njengoba esafuna ukuyisabalalisa kubantu mahhala futhi nasemsakazweni isiqalile nokudlalwa. Uthe uyayithemba le ngoma ukuthi izokwazi ukumfaka kubantu njengoba esebenze noCostah Dollar ongomunye waba-didiyeli bezingoma abaziwayo ethekwini.