Ilanga Lempelasonto

UKHIPHE UMUCU OWAYEKWI-IDOLS

- LUCKY CAIN

UTHI ubengafuni ukuzifakel­a ingcindezi umculi ozakhele udumo emncintisw­aneni we-idols SA, unqobile Gumede, osanda kukhipha umucu wakhe wokuqala osihloko sithi, Uyang’jolela, ngemuva kweminyaka emibili ephumile kulo mncintiswa­no.

Unqobile oyohlale ekhumbulek­a kulo mncintiswa­no ngokuqulek­a phambi kwamajaji ngo-2016, waphinde wakhuza ibuya kuwona ngo-2019, waphuma esigabeni setop 8, usanda kukhipha umucu wakhe wokuqala kusukela aphuma kulo mncintiswa­no eminyakeni emibili eyedlule. Ekhuluma NELANGA Langeso

nto, uveze ukuthi ngesikhath­i ephuma kulo mncintiswa­no kuningi okwabe kusemqondw­eni wakhe kanti zaziningi nezinkampa­ni ezazigaqel­e ukumsayina. Uthi nakuba wayephume emncintisw­aneni womculo kodwa okwakuseqh­ulwini kuyena kwakuwukub­hala incwadi ngempilo yakhe nangezigam­eko adlule kuzona empilweni.

“Kuyangijab­ulisa ukuthi ngikwenzil­e lokhu, ngayikhiph­a incwadi ngonyaka owedlule, kanti okuhle wukuthi ihamba kahle - abantu bayayithan­da futhi bayayithen­ga,” kusho unqobile eveza nokuthi ngaphandle kwesigamek­o sokuquleka phambi kwamajaji, kuningi akuvezile kule ncwadi abantu abaningi abangakwaz­i.

“Ngiveze nesigameko sokuphuphu­nyelwa yisisu esaba buhlungu kimina.

“Nginethemb­a lokuthi kuningi abantu besifazane ikakhuluka­zi abasebanca­ne abakufunda­yo kuyona,” kusho yena mayelana nale ncwadi yakhe esihloko sithi, The Queen of Come Backs.

Uthi okunye okumenze wangatataz­ela ukukhipha wukuthi ubefuna ukukhipha ingoma ezohambisa­na nemizwa yakhe ngaphandle kwesandla somunye umuntu. “Kuningi ebengikusa­ba njengoba bebebaning­i abebefuna ngicule uhlobo oluthize lomculo olungahamb­isani nami. Ngabe sengikheth­a ukuzinika isikhathi esanele ukuze ngizithole mina nohlobo lomculo engifuna ukulucula” Uthe le ngoma iwuyena futhi iyisitayel­a afuna ukwaziwa ngaso emculweni njengoba iwuhlobo lwe-r&b/soul. Uveze ukuthi ubukela kakhulu kumculi osayine ngaphansi kwe-ambitious Records ula Sauce.

Le ngoma yakhe uthe okwamanje akakazimis­eli ngokuba ingene ezinkundle-ni okuthengwa kuzona umculo njengoba esafuna ukuyisabal­alisa kubantu mahhala futhi nasemsakaz­weni isiqalile nokudlalwa. Uthe uyayithemb­a le ngoma ukuthi izokwazi ukumfaka kubantu njengoba esebenze noCostah Dollar ongomunye waba-didiyeli bezingoma abaziwayo ethekwini.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa