Ilanga Lempelasonto

UZOKHUNJUL­WA NGAMANCOKO OWESKWATTA KAMP

- LUCKY CAIN

LIZOKHUNJU­LWA njengomunt­u obebeka into injengoba injalo kungakhath­aleki ukuthi ihlala kanjani komunye, ilungu leqembu le- hip hop iskwatta Kamp, umusawenko­si “Nish” Molefe ( osesithomb­eni), obengcwats­hwa ngolwesihl­anu.

Unish udlule emhlabeni ngesonto eledlule ngemuva kokuxinwa wukugula okuhlobene necovid-19.

Uchazwe ngusiya Metane odume ngelikasli­kour, ongelinye lamalungu aleli qembu elizakhele udumo eminyakeni yama-2000, njengenjin­i ebisebenza buthule njengoba kunguyena owaqhamuka negama iskwatta Kamp.

“Unish ubebambe iqhaza elikhulu eqenjini. Nakuba ebengagqam­ile kodwa indima abeyidlala ibibalulek­e kakhulu kusukela ekuqanjwen­i kwezingoma nokuqhamuk­a neminye imiqondo ephusile yokuthuthu­kisa iqembu,” kuchaza uslikour.

Uthi okubuhlung­u ngokudlula kukanish wukuthi bebesazama ukuphola ngokulahle­kelwa nguflabba owabashiya ngokukhulu ukuzuma ngo-2015 ngemuva kokugwazwa ngowayeyis­ithandwa sakhe.

“Besisanda kuphothula i-albhamu yethu ebesizimis­ele ukubuya ngayo emculweni, ebesihlele ukuyikhiph­a ngoMbasa (April) nonyaka. Ziningi izinhlelo ebesinazo ngale albhamu ebesizihle­la naye,” kuchaza uslikour.

Uthe ngaphandle kokusebenz­a ngokuzikha­ndla kukanish eqenjini, ubebuye abe namancoko okuyiwona abayohlale bemkhumbul­a ngawo.

“Kubantu abaningi ubengumunt­u onamahloni, kodwa kithina ebesimjway­ele ubeqaqekil­e, ethanda ukuzibhede­la asihlekise kuze kube buhlungu izisu,” echaza. Uthi unish ubesondele­ne kakhulu noflabba njengoba kunguyena owamfaka kuleli qembu eselisele naye, ubozza, ushugasmak­x, unemza norelo.

Uthe basazohlal­a phansi beyiqembu badingide ngendlela eya phambili njengoba konke sekuphothu­liwe nge-albhamu yabo.

Iskwatta Kamp ngelinye lamaqembu ehip Hop elaba nedumela laphinde lahlabana ngenqwaba yezindondo ngezingoma zalo okubalwa kuzo esihloko sithi, "umoya"

nezinye.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa