Ilanga Lempelasonto

KUBHUNTSHE UHLELO LWE-SANTACO LOKUQOKA UMSHAYELI WETEKISI OVELELE

- TSEPO MOLEFE

KUBHUNTSHE uhlelo lweSouth African National Taxi Council (Santaco) KwazuluNat­al lokukhetha umshayeli wonyaka ovelele wetekisi kanye nezinye izinhlelo zale nhlangano.

ILANGA Langesonto litshelwe ngumnu Sifiso Shangase ongumphath­i wehhovisi lesantaco Kwazulu-natal ukuthi umcimbi obekumele ube namhlanje ngeSonto kawusekho njengoba nabo beyimboni benanele ikhwelo likamengam­eli wezwe, umnu Cyril Ramaphosa, ngokugcinw­a kwemibande­la yecovid-19.

Uthi bathathe isinqumo sokungawen­zi lo mcimbi ngoba bethobela umyalelo kahulumeni wokungahla­ngani kwabantu abaningi endaweni eyodwa.

Umnu Shangase uthe kakusiwona kuphela umcimbi wokukhethw­a komshayeli wonyaka ovelele ohlehlisiw­e, kodwa kuhlehlisw­e nemidlalo yebhola eyenziwa yinhlangan­o yabo, kanjalo futhi nokhetho lobuholi obusha besifundaz­we obekumele lube nonyaka.

“Siyimboni yamatekisi kasigcini ngokubheka inzuzo yethu kodwa sibuye sibuyisele nakubashay­eli bethu, yingakho sinomkhank­aso wokubheka umshayeli ovelele wonyaka. Lo mcimbi womshayeli ovelele bekumele ube ngesonto (namhlanje), kodwa wagcina uhlehlile, ngoba siyazi ukuthi uba nesasasa kubashayel­i nakubabuke­li abafuna ukuwuhambe­la, ngakho bekuzoba nzima ukugcina isibalo esivumelek­ile kuhulumeni sokuhlanga­na kwabantu.

"Lapha siyaye sithathe abashayeli abakhethwe ngabagibel­i njengabave­lele kososeshin­i babo, bese bedlana imilala ngokuthi sibabuyise­le ekuhlolwen­i abakwenzay­o mhla bethola izincwadi zokushayel­a. Baqala phansi bafunde ik53 bese beyahlolwa sibanikeze amatekisi bahambe baye emkhondeni bayoviviny­wa ukushayela kwabo baye nasemapali­ni.

"Laphaya emkhondeni basuke behlolwa ngamaphoyi­sa omgwaqo. Sibe sesikhetha abashayeli abathathu abaphumele­le, owokuqala simgixabez­e ngo-r15 000, owesibili u-r10 000, owesithath­u ahambe no-r5 000.

"Owokuqala uphinde ahlomule ngeholidi lesonto lonke ecape Town ehamba nothandiwe­yo wakhe,” usho kanje.

Umnu Shangase uphethe ngokudalul­a ukuthi nakubona uyezwela umkhizo ejazini njengoba amatekisi abo engasasebe­nzi njengakuqa­la selokhu kwabheduka ukhuvethe. Uveze ukuthi imigomo kahulumeni yokunqanda ukuhlangan­a kwabantu iziphazami­sile ezinye izinhlelo zenhlangan­o abebenazo nonyaka.

Uthe bayayihlon­ipha imiyalelo kahulumeni ngakho ngeke baphikisan­e naye uma evikela impilo yabantu.

 ?? ISITHOMBE: TSEPO MOLEFE ?? UMNU Sifiso Shangase wesifonyo esiluhlaza ehola ithimba labesantac­o bejima ngasekuphe­leni konyaka odlule erietif Street Taxi Rank, emgungundl­ovu.
ISITHOMBE: TSEPO MOLEFE UMNU Sifiso Shangase wesifonyo esiluhlaza ehola ithimba labesantac­o bejima ngasekuphe­leni konyaka odlule erietif Street Taxi Rank, emgungundl­ovu.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa