Ilanga Lempelasonto

DURBAN GEN

- UKWEHLA KWEZIBALO ZABABUKELI

Uthi bahlangabe­zane nobunzima obukhulu futhi basebenza ngaphansi kwezimo ezibucayi. “Siyajabula ukuthi sikwazile ukugcina isikhathi ebesibekel­we sona sale sizini, nakuba sike saphoqelek­a ukuba sime isikhathi eside singaqophi ngenxa yecovid-19.

"Ukubuyela kwethu (emuva kokuma) kusho ukuthi kumele sisebenze ngokuphind­iwe futhi sishintshe nendlela ebesijwaye­le ukwenza ngayo izinto phambilini,” kusho ugugu.

Ubonge ithimba lababhali, abaqondisi, abalingisi nabo bonke abasebenza kulo mdlalo, ngokuzikha­ndla esikhathin­i obekungelu­la ukusebenza ngaphansi kwaso. “Ukusebenza nabantu abazinikel­e ngalolu hlobo yikhona okwenze sakwazi ukufinyele­la la sikhona manje. Kuphoqelek­e ukuba senze izinguquko ezinqala ukuze siqikelele ukuphepha kozakwethu kuleli gciwane futhi siqhubeke nokuphakel­a abantu into abayifunay­o,” kusho ugugu othembisa lukhulu ngesizini ezayo yozalo. “Ziningi izinguquko esizoqhamu­ka nazo njengoba siqala isizini entsha - kusukela endleleni esiwubhala ngayo lo mdlalo, kuya kubalingis­i abasha. "Okubalulek­ile wukubuyise­la Uzalo kumnyombo walo kusukela luqala kumabonaku­de,” kusho yena. Uvumile ukuthi kula masizini adlule bathe ukuphuma emnyombeni womdlalo nangendlel­a ababewuqal­e ngayo. “Sifuna ukuwubuyis­ela lapho sasiqale khona empilweni eyejwayele­kile yomndeni, isonto nobugebeng­u baselokish­ini lakwamashu.

"Okunye okubalulek­ile wukuqhubek­a nokufundis­a ngezinto ezahlukene ezithinta impilo njengoba sike senza ngodaba oluthinta abantu abanebala elimhlophe,” kusho ugugu.

Mayelana nokwehla kwezibalo zababukeli kulo mdlalo, ugugu uthe kuningi okube nomthelela walokhu.

“Okokuqala okumele sikuqaphel­e wukuthi yonke imidlalo yehlelwe ngababukel­i, akulona Uzalo kuphela. Okuhle wukuthi nakuba sehlile isibalo kodwa asizange sigudluke esicongwen­i njengoba besisalokh­u siqhwakele phezulu kwabanye esincintis­ana nabo,” kusho yena.

Uthe umthelela wokwehla kwezibalo wukuthi njengoba abantu bebehleli emakhaya, bebevuka ekuseni kuthi kushaya isikhathi santambama, sebekhathe­le wumabonaku­de, sebenza ezinye izinto.

Akafunanga ukugxila endabeni yabalingis­i abasha abajoyina lo mdlalo, kodwa uveze ukuthi kuzoba nomfundisi omusha ongumlingi­si oyintandok­azi ozojika izinto kulo mdlalo.

Ngaphandle kokuqopha Uzalo, istained Glass iphinde iqophe omunye umdlalo okhombisa ukukhula ngesivinin­i ngababukel­i, idurban Gen, nayo ekhonjiswa phakathi nezinsuku esiteshini esizimele, i-e.tv.

Uchaze lo mdlalo njengosazo­veza okuningi okwenzeka ezibhedlel­a, nempilo abantu abangajway­ele ukuyibona kuzona.

Uphinde wacacisa nangesizat­hu sokushaya indiva udaba lwecovid-19 kulo mdlalo njengoba kungakhulu­nywa nhlobo ngalo. Uthe kwaba yisinqumo abasidingi­da ngesikhath­i bewuhlela lo mdlalo ukuthi uzoba sesikhathi­ni esingenayo icovid-19.

“Ukuba sithinte indaba yecovid-19 kulo mdlalo, kuningi obekuzoba yinkinga uma sesiqopha njengoba bekuzophoq­a ukuba singabi nazo izivakashi esibhedlel­a nobekuzokw­enza ukuba izindaba esifuna ukuziveza kubantu zingaveli ngendlela efanele nebesifuna ngayo.

"Okunye wukuthi bekuzophoq­a ukuba odokotela nonesi bazifihle kusukela ekhanda, obekuzokub­a yisiphazam­iso,” kusho ugugu ekucacisa ukuthi bayayiland­ela yonke imigomo yokuvikela izisebenzi zabo ngaphambi kokuba baqophe.

Ugugu uthe kuyamjabul­isa ukuba nemidlalo emibili ewuchungec­hunge ehamba phambili emzansi.

 ??  ??
 ??  ?? LABA ngabalingi­si bomdlalo owuchungec­hunge Uzalo, okhonjiswa KWISABC 1 njalo phakathi nezinsuku ngo-20h30 ebusuku.
LABA ngabalingi­si bomdlalo owuchungec­hunge Uzalo, okhonjiswa KWISABC 1 njalo phakathi nezinsuku ngo-20h30 ebusuku.
 ??  ?? UGUGU Zuma-ncube ungomunye wabanikazi benkampani istained Glass Production­s, eqopha Uzalo nedurban Gen.
UGUGU Zuma-ncube ungomunye wabanikazi benkampani istained Glass Production­s, eqopha Uzalo nedurban Gen.
 ??  ?? ABALINGISI bedurban Gen, ulerato Nxumalo olingisa undabezinh­le Luthuli, nonelisiwe Sibiya olingisa umbali Mthethwa.
ABALINGISI bedurban Gen, ulerato Nxumalo olingisa undabezinh­le Luthuli, nonelisiwe Sibiya olingisa umbali Mthethwa.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa