Ilanga Lempelasonto

UBUHIXIHIX­I BAMAHOLO KUZALO

-

Upotshozel­e leli phephandab­a ukuthi kunomunye wesithathu osendlelen­i ozokhonjis­wa esiteshini sikamabona­kude esikhokhel­wayo, i-1 Magic.

“Nakuba ngingeke ngande kakhulu kodwa kuyasijabu­lisa ukukhula ngale ndlela kumabonaku­de njengoba siseyinkam­pani ethuthukay­o,” kusho ugugu, eveza nokuthi lo mdlalo omusha nawo uzoba wuchungech­unge, uzokhonjis­wa phakathi nezinsuku.

Uthe wona ngeke uqoshelwe ethekwini njengoba sebedume ngokuseben­za kakhulu kuleli dolobha.

“Ngenxa yokuthi asifuni ukwaziwa njengenkam­pani yasethekwi­ni kuphela kodwa eyasemzans­i, sikhethe ukuba lona siwenzele egoli futhi ungabi yisizulu kuphela kodwa uhlanganis­e izilimi ezahlukene,” kusho le ntokazi nayo eke yaba ngumlingis­i.

Utshele leli phephandab­a ukuthi yingenxa yokuba matasa nalo mdlalo omusha okubenze bahoxa ukuqopha isizini yesibili yehostela.

Uthe bebengafun­i ukuzifaka phansi kwengcinde­zi, yingakho begcine bewudedela ngokuvumel­ana nabomzansi Magic neblackBra­in okuyiyona egcine isiwuqopha lo mdlalo (Hostel) okhonjiswa njalo ngesonto kusihlwa.

“Okuhle wukuthi sikwenze konke obekumele sikwenze ngalo mdlalo ngaphambi kokuba siwudlulis­ele kwiblackbr­ai iwuqophe,” kusho ugugu.

Ugugu uphinde waphawula ngobuhixih­ixi bokungahol­i kwabalingi­si, obuke babikwa emasontwen­i amabili adlule.

Uthe lobu buhixihixi budalwe wukushints­hwa kwendlela abaholela ngayo.

“Akukho okutheni ngalokhu ngaphandle kokuthi sasishints­ha indlela esiholela ngayo futhi akuthathan­ga isikhathi eside - kwaba yisikhathi esifushane futhi bonke abathintek­ayo bagcina beholile ngesikhath­i esifanele,” kusho yena.

Kuphoqelek­e ukuba senze izinguquko ezinqala ukuze siqikelele ukuphepha kozakwethu kuleli gciwane.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa