Ilanga Lempelasonto

UMLU UBUYE NESINGILI EHLABAHLOS­ILE

- THANDI ZONDI

UKHUZA ibuya ngemuva kokunyamal­ala isikhathi eside emculweni umlu, abaningi abamkhumbu­la ngengoma esihloko sithi, "I’ll Be There", ayeyishaya nodj Ganyani okuyiyona eyamenza wagqama.

Umlu Mthethwa ( osesithomb­eni) ongowokuza­lwa emlazi, uke wazinza phesheya kwezilwand­le. Uthi ngesikhath­i enyamalele uthole ithuba eliyingqay­izivele lokusebenz­a no-ar Rahman oseke waprojusel­a iqembu ipussycat Dolls, nopj Morton oke waphrojuse­la umariah Carey, u-india Arie, ijagged Edge nabanye abaculi.

Ekhumbula le ngoma eyamgqamis­a uthe: “Leya ngoma yaba nkulu kakhulu ngendlela nami enganginga­yilindele. Ngaba nezinselel­o eziningi, phakathi kwazo okwakuwuku­thola inkampani yokuqopha.

"Kahle hle bengidinga isikhathi esenele sokuba ngizithole ngoba ngemuva kwaleya ngoma kwakubalul­ekile ukuba ngihambe ngegiya elifanayo emculweni,” kuchaza umlu.

Kumanje unengoma entsha ethi, "I need to Know" asebenze kuyona nodj Chase esidlalwa nasemisaka­zweni. Uthi umatasa nokumaketh­a le single yakhe nokupholis­ha i- album azoyikhiph­a maduze okuzobe sekungeyes­ibili.

Echaza ngale album ayipholish­ayo uthe: “Ingohambo lwami, konke okuthinta ubumina. Ngiyinike sonke isikhathi sami njengoba ngiyenze kade kuvalwe izwe. Iqukethe izinhlobo ezahlukene zomculo. Angifunang­a ukuzivalel­a entweni eyodwa yize ngiwumuntu we- soul. Kwenye ungazithol­a udansa, uphinde uzithole usujulile futhi,” kuchaza yena.

Uke waba semjikelez­weni welion King, elondon. Uke wasebenza nabaculi abahlonish­wayo okubalwa umiriam Makeba, urebecca Malope nosibongie Khumalo obefihlwa ngempelaso­nto edlule, athi ufunde lukhulu kuyena.

“Ngikhumbul­a ngihlangan­a naye okokuqala ngiyoba i- back up singer kwi- album yakhe ethi, "The Quest". Ngangithat­hekile yindlela ayesebenza ngayo. Uwumuntu obewazi ngendlela exakile umculo, aye kwi- instrument ngayinye aze athole le nto ayifunayo.

"Kuningi kakhulu engikufund­ile kuye ngokuzipha­tha nangokudid­iyelwa komculo ukuze uhlangane ube yinto ewulozolo,” esho. Umlu uthi angakujabu­lela ukusebenza noMbuso Khoza, Afrotracti­on, ubrian Temba, ulira nozonke. tzondi@ ilanganews. co.za

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa