Ilanga Lempelasonto

QOQA UHLEKO LWAKHO

- YAZE YAPHUMELEL­A INGANE INCANE

BAHLALI, anobuye nikhuze umhlola uma nithola ithuba. Le ntokazi enhle esakaza kuKhozi FM, unongcebo Mckenzie ikhuzeni bo!!! Ikuthathap­hi ukuhleka sengathi isemfuleni ibe isakazela abalaleli abasezinge­ni eliphakeme njengomzal­a. Yeyi ngithuke ngacishe ngawa nesitulo ehleka ngolwesine ekuseni.

Bengisabat­he uzozibamba, azicwecwe, ahleke njengo- glamour, kodwa lutho. Uqhubeke waqhephuka cishe yaphela imizuzu emihlanu. Yiba yileti wengcebooh, hleka ubuye nganeno.

YAZE yaphumelel­a ingane isencane. Uyazi ngithe uma ngibuka ingane kadj Zinhle, ukairo, emqondweni ngafikelwa yiculo likasjava elithi, ‘Engabe Lingiphath­eleni Ikusasa Lami’. Ukairo unuka imali umbuka nje, angiphathi-ke njengoba esevele waba nama- sunglasses ontanga yakhe abizwa ngegama lakhe, ikairo Collection. Mmmhhm kazi iyofika nini le success kumzala LOL. Sengicaban­ga nokuqala izikhaftin­i ezibhalwe ukuthi Mzala Collection, ngeke phela sil-okhu sibukana nezingane zidla imali phambi kwethu.

UBONANG ‘Queen B’ Matheba uthi njengoba kuyivalent­ine’s Day namuhla, uzicelela izimbali nje kuphela. Ngizwelana nawe-ke Queen B... Phela selokhu wahlukana noAKA asiphindan­ga sazi lutho mayelana nokuthi usujola nobani.

Ungakhatha­zeki ntokazi awuwedwa, baningi osisi abanjengaw­e abancela izithupha namhlanje, abangezuku­thola ngisho le mbali ye- plastic,

angisayiph­athi eyomyalezo nje othi.

Happy Valentine’s Day.

Hheyi, kurough, ku- tricky, ku- bad kwalove! Kodwake ngoba umzala uyazifela ngawe uzozithume­la wena bese umshaya nge- hug

yabazalwan­e nje.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa