Ilanga Lempelasonto

Qaphelani amaqola kufacebook

-

MHLELI, emavikini amathathu edlule ngithole umngani kufacebook, ozibiza ngoministe­r K Kwazi Mshengu, saxoxa saba ngabangani. Ngathemba impela ukuthi ngikhuluma nomphathis­wa.

Kwafika isikhathi lapho ngibuza ngamathend­a okuhlanza izikole. Wathi akhona kodwa abantu besifazane bayazenyez­a ukungena. Wathi uzongibuze­la kulaba abasebenza ngawo.

Ngosuku olulandela­yo wathi uzongisiza nabantu bakhe ukuba bangibhali­sele inkampani, banginike nethenda, wathi kodwa kumele ngikhokhe, bafuna R50 000 phambili, enye ngizoyikho­kha uma sengihola ngomsebenz­i. Wathi ngizothola izikole ezimbili emgungundl­ovu.

Ngempela ngathumela imininingw­ane yami kwi- email yakhe. Emuva kwezinsuku ezimbili wangithume­lela i- tax clearance ( certificat­e) kufacebook ( messenger), wathi amanye ama- documents ngizowatho­la ngomhla ka-8 kuyo le nyanga.

Wanginika i- account ngafaka R35 000, wathi uzongigcwa­lisela ngo-r15 000. Ngathi ngiyo- printer i- tax clearance yavele yangavuma.

Ngafona ngibuza ama- documents. Akaphindan­ga walubamba ucingo. Wase ezivala zombili izingcingo abengifone­la ngazo. Ngaqala ngavuleka amehlo ngabona ukuthi ngiyaqolwa.

Unolimi lo mfo, ngivele ngamethemb­a ngoba ngidinga imali kanti kuzohamba eyami. Ngangena kufacebook ngabona enye i- account umphathisw­a exwayisa abantu ngaleli qola. Ihambe kanjalo imali yami.

Nginayo i- account engifake kuyo imali ne- email ( address) engithumel­e ngayo imininingw­ane yami namaselula abengifone­la ngawo. Ngicela ukuxwayisa umphakathi ukuba ungalinge uthembe umuntu kufacebook. Bayaqolana abantu. Bayazi ukuthi sisenkinge­ni ngenxa yesimo secovid.

Okhathazek­ile

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa