Ilanga Lempelasonto

AMAGALELO AKHE OKUTHUTHUK­ISA ABOMDABU

-

IMINYAKA ENGU-150 KWABA KHONA UDKT JL DUBE ISHO LUKHULU KITHINA ESIPHILA MANJE.

MHLELI, nabafundi kwelikamaf­ukuzel’ onjengohla­nya, njengoMpha­thiswa wezobuciko namaSiko esifundazw­eni ikwazuluNa­tal, nentokazi ewumsinsi wokuzimile­la kuleli likamthani­ya, ngicela ungivumele ngithathe usiba ngigcobhoz­e kwingcombo­yi maqede ngiklwebhe kuleli khasi ngithi qaphu qaphu ngengqalab­utho engubaba ujohn Dube esigubha iminyaka eyikhulu namashumi amahlanu (150) yanyathela kuleli elimagade ahlabayo.

Ubaba udkt John Langalibal­ele Dube, umafukuzel­a umfokaNgco­bo wokhalo lwamakhosi asemaqadin­i, omqhawe nodabeka walandulel­a lelizwe kuyona le nganya esikuyo ziyishumi nanye, eminyakeni engamashum­i ayisikhomb­isa nanhlanu (75) edlule (11 February 1946), ekubeni wayezalwe ngayo futhi le nyanga kanhlolanj­a.

Kulo nyaka simkhumbul­a njengoba kuphele iminyaka eli-150 azalwa.

Njengompha­thiswa wezobuciko namasiko kungihlaba umxhwele ukuthi umengameli wezwe, umnu Matamela Ramaphosa uqoke okadube njengeliny­e lamaqhawe okufanele siqhakambi­se imisebenzi yalo kulo nyaka kanye nomama Charlotte Maxeke.

Kepha ngicela ukugxila kuleli vulandlela elaba ngumengame­li wokuqala wombutho wenkululek­o yomuntu omnyama, i-african National Congress (ANC), kusukela ngo-1912 kuya ku-1917 ngesikhath­i usabizwa ngesouth African Native National Congress (SANNC), ubaba ujohn Dube.

Umafukuzel­a wayesezing­eni lokuba yingcithab­uchopho ngoba wayenguthi­sha, umhleli wezindaba, umbhali aphinde abe nothando lomculo wamakhwaya.

Ngizwa ngivukwa wuhlevane nomunyu uma ngicabanga imisebenzi kababa udube okubalwa kuyona ukusungula iphephanda­ba lesizwe ILANGA Lasenatali ngoba wayebona ukuthi akekho ozoxoxela abantu abamnyama izindaba ezithinta bona ngolimi lwabo lwebele.

Kuphinde kuphakame umoya uma ngicabanga ukuthi leli phephandab­a engitshiki­zisa usiba kulo namhlanje yinkundla yona kanye esayakhelw­a ngumafukuz­ela uqobo.

Nakuba umafukuzel­a sekuphele iminyaka engama-75 asishiya, siyaziqhen­ya ngamagalel­o akhe okuthuthuk­isa impilo yabomdabu. Uma ngilisingi­sa ngasenyaka­tho yetheku, nanamhlanj­e zisamile izindonga zesikole asakha uhlange esika emhlabeni wakwabo ngo-1901, akhela isizwe ngokubambi­sana nobuholi basemaqadi­ni kanye nomama wekhaya unokuthela Dube. Umlando usixoxela ukuthi umfokadube ubethi ematasa efundisa ukwakha izicathulo, umama unokuthela ebe ematasa namantomba­zane benza umsebenzi wezandla njengokuth­unga.

Yilo mholi owaba nguthisha, waba ngumbhidis­i nomqambi wezingoma, abe ngumkhulum­eli wabantu, enjalo nje eyisifundi­swa esivunywe umhlaba wonke, saze savunywa ngisho ngumnu William Campbell, ingisi elalilethe­lwe ukuzokwelu­sa abantu abamnyama kuleli likamthani­ya.

Uhlange luyination­al Heritage Site, kanti nonyaka lutonyu-lwe ohlelweni lokuthi lungaba I-UNESCO World Heritage Site.

Izinselelo ezazibheke­ne nesizwe esimnyama ngaleyo mihla, kwakubalwa ukwephucwa amalungelo obunikazi bomhlaba wokhokho, yimithetho efana neLand Act of 1913, eyayiklama kabusha imingcele ezweni lokhokho.

Abelungu babengasin­ike thuba kodwa ngobuhlaka­ni nobuholi bobaba udube, sakwazi ukuba sifunde futhi sizabalaze saze sawelela enkululekw­eni.

Kulo nyaka umnyango wezobuciko namasiko uhlele izinhlelo zokuhlonip­ha leli qhawe.

Ngivumele mhleli ngikuveze ukuthi kungaphela amakhasi uma siloba amagalelo aleli qhawe esigubha iminyaka eyikhulu namashumi amahlanu lanya-thela emhlabeni njengoba namhlanje sinehubo lesizwe elaqanjwa ngu-enoch Sontonga, elithi, "Nkosi Sikelel’ Afrika, elenziwa ngubaba udube esikoleni Ohlange laba wumkhuleko omkhulu wesikole laze laduma kulo lonke izwe.

Namhlanje iningizimu Afrika nomhlaba wonke usuqede unyaka golokoqo kuwongapha­nsi ongaphezul­u, kulwiwa nokhuvethe olubizwa NGECOVID-19.

Lolu khuvethe ludla sitshodo ludla fumuka, lushaya icole luvale ngehlahla emndenini kusale kulenga ingidi, ungafunga ukuthi bekulwa impi yomhlaba.

Kukulesi sikhathi-ke lapho kufanele sihabule ebuhlakani­ni esabushiye­lwa ngubaba udube ngokuthi, sifunde sijule ngezinsele­lo esibhekene nazo ukuze sikwazi ukuzinqoba.

Nakuba ayeyikholw­a umafukuzel­a, kodwa akazange athi abantu mabadle umthandazo njengoba wayegqugqu­zela ukuzibambe­la ngezandla emsebenzin­i, nathi-ke masifunde ukusukuma sakhe.

Siyisifund­azwe esinenhlan­hla ngokuba nomlando obanzi kangaka kanye namaqhawe amangaka. Siyafisa futhi ukuba izimfundis­o zikadube zifinyelel­e kwizizukul­wane ngezizukul­wane.

Njengodube eqhakambis­a ulwimi lwakhe lwesizulu ngokubhala izincwadi kanye nokusungul­a iphephanda­ba ILANGA, nathi masichazel­e isizwe ngolimi lwethu ukuthi lesi sifo esibhekene naso sihamba kanjani futhi singavinjw­a kanjani.

Le nyanga kanhlolanj­a iphinde ibe yinyanga yokutusa nokuba negqabho ngolwimi lwebele emhlabeni, esikugubha njalo ngomhla zingamashu­mi amabili nambili (22 February).

Njengezimf­undiso nezenzo zikababa udube, masiqhubek­e nokusondez­a ukukhanya kwemfundo esizweni.

Nalo leli phephanda likamafuku­zela maliqhubek­e nokubika ngolimi lwethu ukuze abafundi bakleze kogwansile, babheme bakholwe ngolwimi lomdabu.

Siyabonga.

Kuloba UMEC Hlengiwe Mavimbela wezobuciko amasiko, ezemidlalo nokungcebe­leka Kwazulu-natal.

 ??  ?? YITSHE lesikhumbu­zo likadkt John Langalibal­ele Dube, elisemzini wakhe osenanda, ethekwini lapho le ndawo isiphenduk­e eyamagugu njengoba ihanjelwa yizivakash­i.
YITSHE lesikhumbu­zo likadkt John Langalibal­ele Dube, elisemzini wakhe osenanda, ethekwini lapho le ndawo isiphenduk­e eyamagugu njengoba ihanjelwa yizivakash­i.
 ??  ?? NGUNKK Nokuthela Dube inkosikazi yokuqala kajohn Langalibal­ele Dube.
NGUNKK Nokuthela Dube inkosikazi yokuqala kajohn Langalibal­ele Dube.
 ??  ?? IGAMA likajohn Langalibal­ele Dube uhlangatsh­ezwa yilo esikoleni Ohlange.
IGAMA likajohn Langalibal­ele Dube uhlangatsh­ezwa yilo esikoleni Ohlange.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa